Tuesday, April 29, 2008

UKUZUZA IMIPHEFUMULO

0061 - Zulu

KUYIZITHELO - ZOBUKRESTU

Ngu Richard A. Laue

"Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo. Izaga 11:30. Isithelo somKhrestu siwukuzuza imiphefumulo. Zonke ezinye izinto zilandela lomsebenzi omuhle. Ukufundisa, ukuhambisa Isidlo seNkosi, ukucu la eKhwayini, nokuba yilunga elilungile konke kuyalandela, kulomsebenzi omkhulu wokuzuza abanye. UJesu wathi, Ngokuba iNdodana yoMuntu yezela ukufuna nokusindisa lokho okulahlekile. UPawula umPostoli wathi, phezu kwakho konke ngithanda ukuzuza abanye uKenneth T. Taylor wachaza amazwi eZaga wathi, "Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo". Abantu bakaNkulunkulu bangumuthi okhula uthwele isithelo sokuphila, kanti ahlakaniphile uzuza imiphefumulo". Noma umuntu ozuza udumo uhlakaniphile, noma onemfundo uhlakaniphile. Kodwa, "Lowo ozuza imiphefumulo uhlakaniphile."

Wathi uSolomoni. "Imilenze Yonyonga iyalengalenga". Izaga 26:7. Amabandla amaningi, nabantu abaningi bakaNkulunkulu namhlanje bayaxhuga ngokuba imilenze yabo ayilingani. Iningi lamaBandla sinemilenze elinga nayo ebudlelwaneni, emfundweni, ezifundisweni, nasekuthokozeni, kodwamaqondana nokuzuza imiphefumulo siyashoda. Bese kuthi imiphumela yaloko sibe namabandla aqhugayo. Make sizame ukwenza imilenze yeNkosi ilingane ukuze siqhubeke sithi, "Yeka zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle ivangeli lokuthula, izindaba ezimnandi, zezinto ezinhle.

Masilandele lokukubaluleka bokuzuza imiphef umulo. UNkulunkulu akubusise ukuze ube ngumKhrestu othwele izithelo. Lezizinto zibalulekile uma uzuza imiphefumulo.

1. KUFUNEKA WAZI UKUTHI USINDISIWE:

Njengoba ngeke uthi ungazange uye endaweni bese ukwazi ukulayela omunye. Nawe ngeke uholele imuntu kuMsindisi ungasindisiwe wena. Isibindi, namandla kukulabo abazaziyo ukuthi basindisiwe. Ukuba yilunga lebandla akusoze kwakwenza umzuzi wemiphefumulo. Kufuneka ukuthi wazi ukuthi usindisiwe, nokuthi uKhrestu uyaphila futhi uyasebenza empilweni yakho. Qaphela lamavesi ngokuqiniseka 1 Johane 2:3-6; 2 Timothew 1:12, amaHebheru 10:22.

2. KUFUNEKA UHAMBE:

Uthi umhlabeleli, "Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uykubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe. (Ama-Hubo 126:6) Ukuzuza imiphefumulo kufuneka ukuthi uqondise amehlo akho, nenhliziyonengqondo, esonini esilahlekile, bese uya kuye neVangeli. Kufuneka uphinde uhambe futhi, njalo njalo uma kudingekile. Uqonde endleleni eya kuso uthi, kukhona umuntu odukileyo, okufuneka ngim vakashele njalo ngoMsombuluko ebusuku aze amamukele uKrestu, njengomsindisi wakhe. Uthi Umalelo Omkhulu. "Hambani". Bheka ku Matewu 28:18-20.

3. YIBA NGUMELUSI WEMIPHEFUMULO:

Zifundise ngokwakho ukucabanga njalo uhlangana nomuntu ongamazi, "ngabe ulahlekile, noma usindisiwe?" Shesha-ke ukwazi loko masinyane. Bazisise labobantu ohlangana nabo zonke izinsuku ukuthi bazochitha ingunaphakade kwenye indawo. Yiba nomkhuba wokunakekela indawo yomphefu mulo walomuntu. Ubokwenza njengo John Wesley, othi "Umhlaba indawo yethu", Nokuthi bonke labo abangasindisiwe bangumthwalo wethu.

4. PHATHA IZWI LIKANKULUNKULU:

Ngokwami ngiyaye ngibone kungcono ukuhlala uphethe itestamente elisha, kunebhayibheli. Ungabi namahloni ngebhayibheli, kodwa itestamente Elisha liphatheka kalula noma ngabe uyaphi. Ungahambi ngaphandle kwezwi likankulunkulu ngokuba ngeke wazi uma sekufika ithuba lokuthi uzuze umphef umulo. Umzuzi wemiphefumulo kufanele afane nabafana bama-Scouts - zilungisele.

5. HAMBA NABANYE:

Iningi labase Testamendeni Elisha abazuzi bemiphefumulo babehamba ngababili. Kunezizashwana ezimbalwa. (1) Kunika amandla ukuhambisana. Omunye uvuselela omunye. (2) Kubhaliwe - uJesu wathuma abafundi bakhe

ngababili. (3) Kusiza nasekukhanyiseni indlela. Uthi omunye esakhuluma omunye ebe ecabanga ngesimo nokungena emizini.

6. KHOLWA UKUTHI UMPHEFUMULO UZOSINDISWA:

Nxa usaqala nje ukuphuma, cingisisa ukuthi uzohlangana nesoni esidinga uKhrestu. Ungaphumi nje ngoba ufuna ukuthi kuthiwe nawe uyahamba. Yisho lokhu usazongena nje endlini, "Nkosi ngiyakholwa ukuthi lababantu abakulomuzi ukuthi bazosindiswa namhlanje. Lalela ukuthiuJesu wathini. UJesu wayesethi kuye uma unamandla konke kungenzeka kuye okholwayo Marko 9:23. Hamba ngoKholo.



7. YIBA NOMUSA NESIHAWU:

Zimisele, ube nomusa uma uzongena emzini, emva kokuba umenyiwe emakhaya abo. Abantu abaningi izinsuku eziningi kodwa bengakaze bawezwe amazwi amnandi. Sihlala emhlabeni okhohlakele. Abancu a thanda ukunaka izinto ezinhle. Ziqaphele. Ungabi nenkani - kodwa veza uJesu Khrestu. Ungashumayeli umlilo wesihogo nesibabuli. Loko kuyeke uzokwenza umshumayeli ngesonto. Wena hamba uyoncenga abantu ubathande ukuze bamukele uJesu.

8. QAPHELISISA AMANDIA KANKULUNKULU AMAKHULU EZWINI LAKHE:

Izwi likaNkulunkulu liyisikhali. Wathi uNkulunkulu ku Jeremiya, Jeremiya 23:29 "Izwi lami alinjengomlilo yini, usho uJehova, nanjesando esaphula itshe na?" Abantu basindiswa ngamandla ezwi. Ungazivezi wena - Njalo veza izwi likaNkulunkulu abantu bazosindiswa Qaphela lamavesi 2 Timothew 3:3:16, amaHebheru 4:12.

9. QAPHELISISA AMANDLA AMAKHULU EMTHANDAZWENI:

Wathi uJesu, "Cela, uzophiwa, Funa, uzofumana, Ngqongqotha, uzovulelwa, Ngokuba noma ngubani ocelayo uyaphiwa, nalowo ocelayo uyafumana, nalowo ongqonqgozayo uzavulelwa." (Matewu 7:7-8) Lokho kusho ukuthi uma ucela uNkulunkulu ukuthi asindise uMphefumulo, uzokwenza loko. Umthandazo ungamandla amangazayo kumuntu ozuza imiphefumulo. Qaphelisisa lamaVesi Mathewu 21:22; Johane 16:24; Jakobe 4:2.



10. QAPHELISISA AMANDLA AMA HULU EMOYENI OYINGCWELE:

Izinkulungwane ezintathu ezasindiswa ngomhla wePentekoste ngokuba abafundi babegcwele uMoya oyingcwele. UMoya wagcwalisa madoda, nabesifazane, Nanamhlanje singabona imiphefumulo eminingi isindiswa. Wathi uJesu, "Ningakhathazeki, nxa esefikile uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anikele okuzayo." (Johane 16:13-14) UMouya Oyingcwele uzosibonisa ukuthi singayizuza kanzani imiphefumulo. Cela amandla kuNkulunkulu ukuze ukwazi ukuzuza imiphefumulo.

11. YIBA NOKUBONISANA:

Nxa ungena eMzini, yiba nento ozoyisho, benze abantu bazizwe bekhululekile. Bingelela bonke ekhaya.

12. HLALA ESIFUNDWENI SAKHO:

Usathane uzozama ukuthi akususe esifundweni esiqondene noSindiso. Kodwa wena qhubeka. U-Loliwe ucebe nje namhlanje kungoba waqinisela kudala ukuhamba phezu kuka Jantshi. Amabandla afile namhlanje ngoba thina sibuye siyeke ukuqinisela. Into enkulu emabandleni ukuthi sizuze imiphefumulo. Hamba ngaleyondlela ungabe

usaphuma. Abantu bazokubuza imibuzo efana nalena, "UKhayini wamtholaphi unkosikazi?""Ungaphuza kodwa usindiswe?" "Ucabanga ukuthi kulungile ukuba seNyangeni?" Njalo nxa lemibuzo iqhamuka, ubokuthil "Lowombuzo wakho muhle kakhulu kodwa sizothi uma siqeda, bese sibuyela kuwo." Hlala esihlokweni sakho.

13. ZAMA UKUTHOLA INDLELA YOKUTHOLA ABANTU ABALAHLEKILEYO:

Awukwazi ukusindisa umntu ongalahlekile. Uma umuntu egwila uyakwazi loko, uzolwamukela usizo, kodwa uma engazi ngeke alufune usizo. Kunjalo futhi nakwezomoya. Ukuze sithole abantu abalahlekileyo kufuneka sisebenzise izwi leNkosi. Isihloko esilandelayo sizokwenza ukuthi azibone ukuthi usesimeni esinjani.

14. NGABE UNGUMKHRESTU?:

Impendulo evamisile nansi, "Ngiya kuleliya naleliyaSonto," nona "Njalo ngiyaye ngihambe nomama ngiye eSontweni." Kodwa uyabona, lowomuntu akakawuphenduli kahle umbuzo, ngakho-ke landelangalemibuzo.

15. UMA UNGAFA NAMHLANJE UNGAYA EZULWINI?:

Loko kuyazenzekela, futhi akumenzi umuntu ukuhti njengoba esonta uzoya ezulwini noma usindisiwe. Imvamiso yezimpendulo zalomuntu zizothi ngiyethemba okanye angazi, "Ngabe ikhona enye indlela yokuthi azi?" Umbuzo wesibili olandelayo.

16. NGABE UYATHANDA UKWAZI?:

Ngabe uyathanda ukwazi ukuthi uyaya yini ezulwini? Imvamisa yezimpendulo,zithi, Yini indaba, Yebo, uma kungenzeka ngingathanda ukwazi. Kulapho kufmeka uqale ukuvula izwi likaNkulunkulu, livumele izwi likaNkulunkulu lisebenze esonini.

17.MBONISE UKUTHI BONKE BONILE:

ITestamente Elisha lambula "Ukuthi akekho olungile, akekho noma munye", amaRoma 3:10. bonke, "Bonile basilela enkazimulweni kaNkulunkulu." amaRoma 3:23. IBhayibheli umuntu okwaphakade. amaRoma 5:2.

18.MBONISE UKUTHI BONKE BONILE:

UPawula uyasifundisa Ukuthi umvuzo wesono ukufa, amaRoma 6:23.Isono esingathethelelwa sizombhubhisa umuntu okwaphakade. amaRoma 5:2; Isambulo 20:11-15.

19. MBONISE NGESIPHO SIKANKULUNKULU:

"Umvuzo wesono ukufa, kodwa isipho sikaNkulunkulu ukuphila okuphakade ngoJesu Krestu Inkosi yethu." (amaRoma 6:23). Johane 3:16, kuyabonisa ukuthi UNkulunkulu uyabathanda abantu kakhulu waze wanikela ngenDodana yakhe okuwukuphela kwayo. UJesu ulihlawulile icala lesono. (amaRoma 5:8). Buyekeza konke kuze kube kulawo maphuzu awezwayo.

20. MBUZE UKUTHI UYATHANDA YINI UKUTHOLA ISIPHO SIKANKULUNKULU:

Noma angamamukela yini uJesu njengoMsindisi wakhe, ukuze izono zakhe zithethelelwe. Johane 1:12. "Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandlaokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu." Labo abakholwa eGameni lakhe. Isipho akusona isipho ngaphandle kokuba samukelwe. Mbonise iSambulo 3:20. Kulelophuzu. Mtshele ukuthi ukuze amukele uKrestu neziqiniseko zosindiso, kufanele . . .

21. KHOLWA KUNKULUNKULU:

Umbhali wamaHebheru uthi, "Ngaphandle kokukholwa asikwazi ukumthokozisa ngokuba lowo oza kuNkunkulu kufanele ukuthi akholwe ukuthi nguye umvuzi walabo abamfunayo." (Hebheru 11:6) Ukholo luyisisekelo sokholo, ayikho indlela yokusindiswa ngaphandle kokholo. IBhayibheli liyasambulela "Ukuhthi ukukholwa kuza ngokuzwa, ukuzwa izwi likaNkulunkulu."

22. PHENDUKA EZONWENI:

Ukuphenduka nokukholwa kuyinto emmiswe uNkulunkulu. Luka 13:3-5 nasencwadini ye Izenzo 17:30 lapho sithola isidingo sokuphenduka ngokuba ukuphenduka kuwukushintsha kwengqondo nenhliziyo kanye nesimo sokuziphatha.

23. KUFUNEKA UVUME:

Ukuze usindiswe kufuneka wenze isivumo sokholo lwakho uphenduke bese uvuma. Bheka ku Matewu 10:32, abase Roma 10:9. Uyakholwa ngenhliziyo, ngomlomo uvume iNkosi uJesu.

24. KUFUNEKA UZALWE KABUSHA (NGOKUSHA):

Mchazele ngokuzalwa kabusha., njengoba uJesu elinganisa uma ekhuluma no Nikhodemu kuJohane 3:1-5. Wathi kufuneka azalwe ngokusha ngoMoya nangamanzi. Ukuzalwa ngamanzi kuphela esikufumana eTestamenteni Elisha okuyilona Bhabhadiso lobuKhrestu. Bese usebenzisa u Marko 16:16; Izenzo 2:38; abase Kolose 2:12; ama-Roma 6:3-6.

25. UNGABE USUYAYEKA LAPHO:

Mkhuthaze ukuba azalwe ngokusha futhi, ukuze amukele uMsindisi. Qondisa-ke manje ubacele ukuthi bamukele uKhrestu. 2 Korinte 6:2 mbonise ukuthi namhlanje wusuku lokusindiswa. Kufanele ukuthi sizisindise ithuba lisekhona. Bacele "Ukuthi basindiswe bese bebiza igama leNkosi," amaRoma 10:13.

26. BAKHUTHAZE UKUTHI BACWILISWE:

Kaninginingi abantu eTestamenteni Elisha babeBhabhadiswa, ngabo lobobusuku noma ngabe bamamkele nini uKrestu bese bayabhabhadiswa ngalesosikhathi. Ukwamukela uKrestu nokubhabhadiselwa kuKrestu kufanele noma kanjani lusheshiswe.

27. THANDAZA NGAPHAMBI KOKUBA UHAMBE:

Noma kukuphi noma kunini, kufanele, thandaza kanye nabo uzusondeze kakhulu kubo. Uma ubaholela kuKrestu kufanele ukuthi ubabheke, ubasize ukuze bakhule emseni nasekuyazini Inkosi.

ISIPHETHO:

Ungalibali ukuthi ukuzuza imiphefumulo yikonakokuqalanokubaluleke kakhulu nomsebenzi womKhrestu eBandleni. Uma unqobile lowomphefumulo uzosindiswa kuze kube phakade, zama-ke ukwenza okuthile nawe, uma ungazange kusho ukuthi lencwadi yehlulekile ukwenza umsebenzi ngenxa yakho.

No comments: