Tuesday, April 29, 2008

UBAPATHIZO NOMOYA OYINGCWELE

0560 - Zulu

J. Conley

ISIBINGELELO

Esifundweni esilandelayo, imbhalo ezosetshenziswa kufanele kube ngenqunyiwe kulabo abatholwa ekuqaleni encwadini yeZenzo nasekugcineni encwadini kaJuda. Isizathu salokhu ukugwema ukuudideka. Izenzo incwadi yemilando. Ibonakala engathithi ibhalwe ngezigigaba ezabe zenzeka futhi akuqukethwe lwimi oluthile.

Izincwadi kusukeia kwabaseRoma icuya kuJuda, izincwadi ezibhalwe ngokwehlukana ngokuhlanganyela noma umuntu ngamunye. Ziyimithetho ekhuthazayo kulabo abahlanganyelayo noma kumuntu ngamunye. Zingafundwa futhi zamukelwe njengokwemibhalo. Lezi zincwadi zabe zibhalelwe kubantu ngezilimi zabo. Zabe zizofundisa abantu ngokolimi Iwemibhalo ngokuthi ungamsiza kanjani uNkulunkulu nendodana yakhe.

Njengoba omunye efunda iBhayibheli kufanele azi ukuthi awukho umbhalo ophikisa enye ingxenye yombhalo. Ngamanye amagama, yonke imibhalo iyavumelana. Futhi umbhalo ungeke uchaze okungaphansi kwalokho okushiwo, kangangokuba, kungachaza okungenhla ekukhanyiseleni kweminye imibhalo. Ngamanye amagama, uma sifunda eminye imibhalo ngenxoxo eyodwa, kuvamisile ukuba ibe sobala incazelo yobulukhuni ukuze aqonde umbhalo lowo. UNkulunkulu akafuni umuntu ukuba adideke. Uma umuntu ezokwarr~ukela iZwi IikaNkulunkulu njerigoba linjalo futhi engazami ukuliguqula, angeke kwabakhona ukudideka.

Ekubhapathisweni naseMoyeni oNgcwele kunokudideka okukhulu. Isizathu sokudideka wukuthi abantu kabemukeli iZwi IikaNkulunkulu njengoba linjalo. Baye bazame ukuliguqula, balibeke ngendlela edidayo.

UBHAPATHIZO

Lengama elithi ubhapathizo eBhayibhelini lichaza ukucwiliswa okanye ukudijwa. Ukunyenyeza angeke noma kungayiphi indlela kwacatshangelwa njengombhapathizo ngokweBhayibheli.

Ukunyenyeza kudukisa izingqondo zabantu ekufeni, ekungcwatshweni, nasekuvusweni ekufeni. Kulesi sHfundo lapho sikhuluma ngokubhapathizwa sisuke sikhuluma ngokucwiliswa emanzini. Uma umuntu esecwiliswe njengokulandelwa kweBhayibheli, lowo muntu usuke esebeke ukwethemba kwakhe ekufeni, ekungcwatshweni nasekuvukeni kukaKrestu. Futhi nalowo osecwiliswe uyathokoza ngokufa kwesono, ukungcwatshwa kwendoda endala yesono nokuvuka ' empilweni entsha kuKrestu. Konke-ke lokhu kuyalahleka ekunyenyezeni.

AKUWONA UMSEBENZI

Ubhapathizo eBhayibhelini angeke lubizwe, okanye lucatshangelwe "njerigomsebenzi". Abantu namuhla njena ngokuthi umsebenzi ; kodwa iBhayibheli kalisho njato. KwabaseKolose 2:12 sifunda ukuthi: "Nambelwa njengaye ngokubhapathizwa, enavuswa ngakho njengaye, ngokukholwa okusetshenzwayo nguNkUlunkulu, owamvuss yena kwabafileyo". Kanjalo nakubaseGalathiya 3:26-27:

"Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa uKrestu Jesu., Ngokuba nina enabhapathizelwa kuKrestu. nembathe u Krestu".

"Ukubhapathizwa "kuwukukholwa emsebenzini kaNkulunkulu". Ubhapathi~o liwukukholwa lokhu esikwembathile ngokulunga kukaKrestu futhi "saba ngabantwana bakaNkuluunkulu . Ukubhapathizwa akufanani nokusindiswa. Ukholo ekubeni, ekungcwatshweni nasovukweni okuyilona elingasindisa.

KUNYE KUPHELA UKUBHAPATHIZWA

Kunye kuphela ukubhapathizwa njengokusho kombhalo. Efesu 4:4-5,6 kuthiwa:

"Kukhona umzimba munye noMoya munye, rijengokuba nani nibizelwe ethembeni linye lokubizwa kwenu. INkosi inye, nokukholwa kunye, nokubhapathizwa kunye".

Kunokubhapathizwa okuningi eBhayibhelini, njengokubhapathizwa kokuhlupheka, uk.ubhapathizwa kukaJohane, nokubhapathizwa ngokukaMoya oNgcwele, nangomlilo. Bheka ngoba kunobhapathizo

olulodwa ngenkathi uPawulu ebhala incwadi yabase-Efesu. (Ubhapathizo ngokukaMoya oNgcwele kuzoxoxwa ngako kudala ngasohlwini IukaMoya oNgcwele). Ubhapathizo IobuKrestu yilona bhapathizo oluthenjiswe abantu namuhlanjena. Lezi zethembiso "ziwukuthethelelwa kwezono nesipho sikaMoya oNgcwele" Izenzo 2:38.

UKUBHAPATHIZWA KOKUTHETHELELWA KWEZONO

Amanzi ombhapathizo akuwona asindisayo asusa izono. Igazi likaKrestu yilona elisusa izono zethu. Ukuthi kuhlangana kanjani igazi IikaKrestu nombhapathizo, sizoxoxa ngakho ngokuqhubeka. Izenzo 2:38 kuthiwa:

"Khona uPetru wathi kubo, Phendukani, nibhapathizwe nonke ngegama IikaJesu Krestu, kuthethelelwe izono, nize namukeliswe isiphiwo sikaMoya oNgcwele".

Izenzo 22:16 kuthiwa: "Ngalokhu ulibalelini na? Suka, ubhapathizwe, uzilambulule izono zakho, ukhuleke egameni IeNkosi".

Imibhalo kayikwazi ukuchaza ngaphansi kwalokho abakushoyo, ngakho-ke ingasho okukhulu ekukhanyiseni eminye imibhalo. Umbhalo oletha ukukhanya okukhulu kulawamavesi yilona kwabaseRoma 6:3-11 ofundeka kanjena:

"Anazi yini uku~thi thina sonke esibhapathizelwe kuJesu Krestu, sibhapathizelwe kukho ukufa kwakhe. Njalo simbelwe kanye naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa, ukuze njengokuba uKrestu wavuka kwabafileyo ngobukhosi bukaYise njalo nathi sihambe ngokuphila okusha.

Uma sikunye naye ngokufana kwakhe, siyakubanjalo nangokufana nokuvuka kwakhe. Sazi lokhu ukuthi, umuntu wethu omdala ubethelwe njengaye, ukuba kuchithwe umzimba wokona, singabe sisakhona ukona. Kepha umangabe safa kanye uKrestu, siyakholwa sithi, siyakuphila kanye naye. Sazi ukuthi uKrestu loku esevukile kwabafileyo, kasayikufa, ukufa akusayikubusa phezu kwakhe. Ngokuba lokhu wafa, wafa ngokona kube kanye, kepha lokhu ephila, uyaphila ngoNkuluunkulu. Njalo nani manithi nipile ngokona, niphila ngoMoya uKrestu Jesu".

Uma kukhona owabhapathizwa ngokombhalo, "ubhapathizwe kuJesu Krestu". "Ubhapathizelwe kukho ekufeni kwakhe". UJesu waphalalisa igazi lakhe ekufeni kwakhe. Johane 19:33-34 kuthiwa:

"Kepha beza kuJesu, abona esefile, akaphulanga imilenze yakhe. Kodwa elinye ibutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwase kuphuma igazi namanzi".

Zonke izenzo zokubulala uJesu zenza ukuba kuphalale igazi lakhe. Ekufeni kwakhe uJesu wapha ngegazi lakhe. Ngokubhapathizwa sisuke "sibhapatizelwa ekufeni kwakhe", lapho uJesu aphalalisa igazi lakhe khona.

IBhayibheli libeka ngokusobala ukuthi, "ukumbelwa kanye naye ukubhapathizwa". Akukona "ukufana naye", akukona ukuba njengoba "enjalo", futhi kusuke kungakabi "okwakhe". IBhayibheli lithi "kanye naye". "Ukanye" uchaza ukuthi ndawonye okanye hlangene. Evesini lesihlanu yigama elibalulekile elisetshenzisiwe, "umangabe sikanye naye ekufeni njengaye". Ekubhapathisweni sisuke sivumela ukufa kukaKrestu ukuba kuthabathe indawo yokufa lapho kwaphalala igazi lakhe, lelogazi elisusa zonke izono.

Ngokukhanyiselwa kubaseRoma 6:3-11; Izenzo 2:38 no 22:16 sithola izincazelo eziningi. KubaseRoma 6:6 umuntu omdala wokona "ubethelwe" noma ubekwe ekufeni. Isono asimqhubi umuntu osebhapathiziwe ekufeni kukaKrestu. Ivesi lika 7 lithi umuntu "ukhululiwe esonweni". Lowo osebhapathiziwe izono zakhe sesithethelelwe ngokuba ukufa kukaKrestu kususile indawo yendoda yokona. Igazi IikaJesu lisusile lenandoda.

Akekho ongaqala ahambe empilweni entsha ngaphandle kokuthethelelwa kwenzono. KwabaseRoma 6:3-11 kubekwa ukuthi uma omunye esebhapathiziwe, usuke esevukele "ukuhamba empilweni entsha". Impilo lowo aseyiphila emvakokuba esebhapathiziwe yilena ayiphilela uNkulunkulu. Uma esebhapthiziwe umuntu uba "ngophilayo kuNkulunkulu ngegama IikaJesu Krestu, sinethemba lokuthi sizobuye siphile futhi kanye naye.

Ake ubheke KwabaseGalathiya 3:27 futhi, "ngokuba nina enabhapathizelwa kuKrestu, nambethe uKrestu". Labo-ke "ababhapathizwa kuKrestu", kababaleli ukulunga kwabo ekusindisweni, kodwa konke bakubeke kuKrestu. UKrestu ungukulunga kwabo futhi bona bambathiswe ukusindiswa ngaye. Abantu ababhapathizwe kuKrestu babeke "ukholo Iwabo emisebenzini kaNkulunkulu, yena owamvusa ekufeni". Kolose 2:12.

1 Petru 3:21 uthi, "esisindiswa iwo manje ngokulinganisa, ngisho ukubhapathizwa". Akusho lutho ukubhava ukuze ususe ukungcola emzimbeni. Ukubhapathizwa, "ukudlulisela kuNkulunkulu unembeza omsulwa, ngovuko IukaJesu Krestu". Angaba nonembeza omsulwa kanjani omunye uma elokhu esezonweni zakhe na?

UMOYA ONGCWELE

ETestamenteni eliSha uMoya oNgcwele unikezwe ngezindlela ezintathu ezehlukeneyo. (1) UVela ezulwini, Izenzo 2:1-5, (21 ngokuwela ezandleni zabapostoli, Izenzo 8:17-18 no 19:6-7, okwesi 131 ngokubhapathizwa, Izenzo 2:38, no 19:2-5. Kunesizathu esigxamile ngendlela ngayinye futhi eyahlukaniselayo ukuthi kwabangani uMoya oNgcwele ehliselwa ngezindlela ezintathu ezehlukeneyo naphezu ~wabantu abehlukeneyo.

UBHAPATHIZO LUKAMOYA ONGCWELE

Ku-Izenzo 1:1-5 uJesu esethembisa abaPostoli ukuthi bazokwamukela amandla avela ezulwini, hayi malanga onke. Laba baPostoli kwabe kumele ukuba bahlale eJerusalema baze bamukele lawamandla. Izenzo 1:5 kuthiwa:

"UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina niykubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakabi izinsuku eziningi".

UJesu wethembisa laba baPostoli lokhu futhi kwabe kuyibo abokuqala ababezokwamukeliswa kona. Engxenyeni yokugcina yeZenzo, isahluko sokuqala, abakholwayo bakhethe oyedwa emvakokuba sekususwe uJuda kubaPostoli abayishumi nambili. Lona-ke owakhethwa nguMathiyasi futhi "wabala nabayishumi nambili abaPostoli". Ekuqaleni kwesahluko sesibili "babendawonye endaweni eyodwa". Kusobala ukuthi isabizwana "ubona" usho abaPostoli, ngokuba lokhu kusondelene nebizo lesabizwana sakhona.

Okknye okubonisayo wukuthi, "uPetru wabe emi nabayishumi nanye", hayi nabayikhulu namashumi amabili, Izenzo 2:14. Isizathu wukuthi abayikhulu namashumi amabili abakakamukeli ubhapathizo lukaMoya oNgcwele. Futhi, ku-Izenzo 2:43, kwenziwa abaPostoli izimangaliso eziningi". nezibonakaliso

AbaPostoli yibona bodwa ababefanele ukwenza izimangaliso kuze kube yisahluko sesithupha seZenzo lapho "ukubekwa kwezandla" kuthatha indawo. Nanjengoba kwabe kungabaPostoli bodwa ababenza imilingo nezimpawu, uNkulunkulu usabanikezile bonke abakholwayo uMoya oNgcwele. Izenzo 2:38 no 5:32. Ukubhapathizwa kukaMoya oNgcwele kwaqhamuka ezulwini kuphelekezelwa yinhlokomo "efana nomdumo womoya omkhulu", "kwase kuvela kubo izilimi ezifan~ nomlilo, zehlela kubo ngamunye zahlala". Bakhuluma ngezinye izilimi nabo futhi. Kwenzekani ngenkathi uMoya oNgcwele wokubhapathizwa ufika, bakwazi ukubona nokuzwa. Izenzo 2:33 lithiv "Uthelile lokhu enikubonayo nenikuzwayo".

Omurnye umlando obekwayo ngoMoya oNgcwele oza ngalendlela, ubekwe ku-Izenzo 10:44-48. Lokhu kweza ukuzobona amaJuda ukuthi abangewona bangalemukeli ivangeli njengabo. Siyazi ukuthi lokhu kunjengoba kwenzeka kulzenzo 2 ngokuba okwe-Izenzo 11:15. UPetru uqhubekisa inkuthazelo kumaJuda ngokuthi, "Ngisaqala ukuushumayela, behlelwa nguMoya oyiNgcwele, njengathi sehlelwa wuyena ekuqaleni". Ekuqaleni uMoya oyiNgcwele waqhamuka ngqo ezulwini, ngenhlokomo enkulu, kwavela kubo izilimi zinjengomlilo. Indaba ku-Izenzo 10 iyiminyaka eyisikhombisa kunendaba eku-Izenzo 2. UPetru kazange akubone lokhu kwaze kwaba yiPentekoste , iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokuba, ngokuba wathi, "Moya oyiNgcwele ehlela kubo njengoba wenza njalo kithi ekuqaleni". AmaJuda okuqala awuthola uMoya oNgcwele ngalenandlela kanjalo nalabo ababengewona am~Juda bawufumana ngaleyondlela. UNkulunkulu akayena onaken nabantu.

UMOYA ONGCWELE WEHLELA EZANDLEN! ZABAPOSTOLI

Esahlukweni sesithupha kuZenzo, umsebenzi wokushumayela nokuhambisa izinto kwaqala ukuba kuningi kubaPostoli. Ngakho-ke amadoda ayisikhombisa akhethwa lawo abe egcwele uMoya abekwa, ahleliswa ngaphambi kwabaPostoli.

AbaPostoli "bathandaza babeka izandla phezu kwabo" ku-Izenzo 6:8 sifundiswa ngoStefanu (oyedwa kwabayisikhombisal "wenza izimangaliso ezinkulu nezibonakaliso kubantu". KuZenzo 8:6 abantu baseSamariya "wanikeza ukukhathalela kokwashiwo uFiliphi". IOmunye futhi kwabayisikhombisa) "bathi uma bemuzwa futhi babona nezibonakaliso azenza", lemilingo ibhalwe phansi kuvesi 7. Izenzo 5:12 izandla zabaPostoli kuphela ezenza imiliingo. Kodwa ekhasini lika 6, emvakokuba abaPostoli sebezibekile izandla kwabanye baqala ukwenza imilingo.

Nakuba uFiliphi abengayenza lemiiingo, azange ayedlulisele kumaSamariya. Kepha kuZenzo 8:14 ngennkathi abaPostoli baseJerusalema bezwa ukuthi IomSamariya uthole izindaba ezimnandi abazithumela ngabaPostoli uPetru noJohane "bazikhulekela ukuba bathole uMoya oNgcwele uma usengakehleli komunye nomunye kubo. Ngalokho (abaPostoli) babeka izandla phezu kwabo base bethola uMoya oNgcwele". KuZenzo 8:18 "uSimoni wabona ukuthi umoya wanikezwa phakathi kokuba abaPostolii babeke izandla".

KuZenzo 19:6-7 uPawula wabeka izandla phezu "kwabayishumv nambili" abantu abenza abaPostoli bakaJohane noMoya oNgcwelE weza phezu kwabo bakhuluma ngezilimii, baprofetha". UPawulu wabonisa ubuPostolii bakhe kubaseKorinte 9:1-2.

INCAZELO

Kungani uMoya oNgcwele unikezwe ngalezizindlela ezimbili zokuphatha? (1) Ukubhapathiza koMoya oNgcwele no (2) uMoya oNgcwele ngokubeka izandla zabaPostoli. Kokubili kuphethe iziboniso nezimangaliso, Kokubiti kwenza owamukele ukuba enze okukodwa noma imilingo eminingi, njengezilimi, ukupholofetha noms ukuphulukisa. Impendulo kubo 1 abaseKorinte 13:8-13. Uma omunye efunda kubase 1 Korinte, kufanele akhumbule ekhasini 12, 13, no 14 ukhuluma ngezipho zikaMoya oNgcwele. Kubase 1 Korinte 13:8 uPawulu uthi:

"Uma icilongo likhala ngezwi elingaqondiyo, ngubani oyakuhlomela ukulwa na? "UPawulu uyakhuluma kuvesi 9 no 10 uma lokhu kuzokwenzeka:

"Ulwazi Iwethu alusilutho futhi nokuprofetha kwethu kunephutha, kodwa uma okuphelele kuza noki nephutha kuzakudlula".

Uuphelela kalula nje kusho "okuphelele" noma "konke", hayi okunye. IBhayibheli liphelele okanye liphelelisiwe. UJohane wayiqonda incwadi yeSambulo ngawo 95 A.D. futhi ayikho enye eyangezwa lapho. IBhayibheli lapheleliswa. Linayo yonke imininingwane lena wonke umuntu afuna ukuyazi kabanzi ngoNkulunkulu. "Umthetho wokuzibusela" noma iBhayibheli liwubiza ngokuthi ngopheleleyo kuJakobe 1:25.

Ngakho-ke iBhayibheli liphelele kithi ngabaPostoli nangalabo abasifundisa ngqo abangazange babeneTestamente eliSha. Izimpawu abazamukela kuMoya oNgcwele zabe ziwusizo kubo ukuze "ukupheleliswa" okanye iTestamente eliSha lipheleliswe. Lezi zimpawu zabe ziyingxenye yokukhula kwebandla ebuntwaneni libe ngelidlondlobele. 1 kwabaseKorinte 13:11.

Uma seliqediwe iTestamente eliSha, lizobonisa umuntu ubunjalo bakhe, 1 kwabaseKorinte 13:12 nakumaHeberu 4:12-13. Uma iTestamente eliSha seliqediwe, abaProfethi nezazi limfunzelelo yabalobi bemibhalo) "izokwedlula", kuthi "izilimi" zinqamuke.

Lokhu nako kuboniswe emlandweni. OBaba bamaBandla (labo ababengawofakazi babaPostoli noma abangani babanye balabol baqinisa ngokuthi imilingo nezimpawu kwagcina ngasekugcineni kwawo (150-200 A. D. ) UJohane wabangumPostoli wokugcina owafa phakathi kwawo 95-97 A. D. Uyena uJohane owelula izandla zakhe wakwazi ukuba ngowokugcina owenza izimangaliso. Izimangaliso kazidingekanga isikhathi eside. ITestamente eliSha laqedwa. Kanjalo nebandla lavela emntwaneni ozelwe eJerusalema ngePentekoste emhlabeni wonke jikelele, kwabaseKolose 1:23.

Lezi zipho zikaMoya ziqondiswe kweminye imibhalo n~engeka 1 Thimothi 4:4 no 5:22. Ku 2 Thimothi 1:6 uPawulu uncenga uThimothi "avuthele isipho sikaNkulunkulu esikuye ngokubeka izandla zakhe (uPawulu nezabaPostoli").

Ngenkathi uPawulu ebhalela abaseKorinte wabe ekhuluma ngezipho zikaMoya (izimangaliso, izilimi njll). Bheka ngoba ngenkathi ebhalela abseRoma, isonto labe lingakaqalwa ngabaPostoli, uPawuluu kazange achaze ngalezi zipho. AbaseRoma babanoMoya oNgcwele ngokulandela abaseRoma 5:5, kodwa uPawulu wafisa ukubabona "bemukela izipho zikaMoya ukuze baqine", kwabaseRoma 1:11, umPostoli owakubeka lokhu ezandleni zabo.

UMOYA ONGCWELE UPHIWA NGOKUBHAPATHIZWA

KuZenzo isahluko sesibili ukubhapathizwa ngokukaMoya oNgcwele kweza kubaPostoli. Bamemezeia imisebenzi yamandla kaNkulunkulu. UPetru wasukuma kanye nabafundi abayishumi nakunye, watshela abantu ngoJesu. UPetru wabatshela ngokufa kukaKrestu, ukumbelwa nangokuvuka kwakhe ekufeni nangokuthi uJesu wabe asesandleni sangakwesokudla sikaNkulunkulu. Izenzo 2:37 uthi: "Bathi ukuzwa lokhu (abantul, bahlabeka izinhliziyo, bathi kuPetru nakwabanue abaPostoli, Madoda, bazalwane, siyakwenzani na?"

KuZenzo 2:38-39 uPetru unikeza impendulo.

"Khona uPetru wathi kubo, Phendukani, nibhapathizwe nonke egameni IikaJesu Krestu, kuthethelelwe izono, nize namukeliswe isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isethembiso sikini nakubantwana benu, nakubo bonke abakude, eyakubabiza iNkosi uNkulunkulu wethu".

Laba'bantu batshelwa ukuthi ngokubhapathizwa bazokwamukeliswa intethelelo ezonweni zabo nesipho Ihayi isipho! sikaMoya oNgcwele. UNkulunkulu upha uMoya oNgcwele kulabo abamhloniphayo, Izenzo 5:32; kodwa izimpawu zanikezwa kuphela abaPostoli kuZenzo 6 nakulabo ababekwa izandla ngabaPostolii. Izenzo 2:39 uPetru uthi, "Ngokuba isethembiso sikini nakubantwana benu, nakubo bonke abakude, eyakubabiza iNkosi uNkulunkulu wethu". Isethembiso siwukuthethelelwa kwezono, nesipho sikaMoya oNgcwelengokubhapathizwa. Isethembiso saba ngesalabo abamlalela uPetru, nabantwana babo abakude. Nathi "esikude" nePentekoste noma nokuba ngamaJuda, isethembiso siseloku singesethu. Isethembiso sethu kuNkulunkulu ngukuthi sizokwamukeia "intethelelo ezonweni zethu kanye nes ipho sikaMoya oNgcwele ngokubhapathizwa" .

KuZenzo 19:1-7 uPawulu wababuza abafundi bakaJohane wathi, "Nimamukele yini uMoya oNgcwele, lokhu nakholwayo na?" Kepha babengazange-ke bezwe npkuba ukhona uMoya oNgcwele. UPawulu wase ubabuza kanjena: "Pho, nabhapathizwa kuphi na?" Kabazange bamukele uMoya oNgcwele ngoba ukubhapathizwa kokuthethelelwa kwezono nokwesipho sikaMoya oNgcwele kwabe manje sekukhona.

Emvakokuba sebebhapathizwe egameni likaJesu ngalesi sethembiso, uPawulu wabeka izaridla zakhe phezu kwabo, baqala bakwazi ukukhuluma ngezilimi nokuprofetha.

Izenzo 8:4-25, uFiliphi wenza iziboniso nezimangaliso, abantu bakholwa babhapathizwa egameni IikaJesu. Baphinde bathola isethembiso seZenzo 2:38 (sokuthethelelwa kwezono nesipho sikaMoya oNgcwele). Bheka-ke ngoba abantu baseSamariya babengenazo izipho ezibonakalayo. 'babengenazo izibonakaliso ezigxamile kwaze kwathi abaPostoli oPetru noJohane babeka izandla phezu kwabo. Ukuphenduka kwabo kwabe kungalungile uma bengenawo uMoya oNgcwele. KwabaseRoma 8:9 kuthiwa "uma umuntu engenaMoya kaKrestu, akasiye owakhe".

Okunye ukuphenduka okusencwadini yeZenzo kubhalwe ukuthi abantu kumele babhapathizwe. Izibonelo yiTiyopiya Umuki, Izenza 8:26-40, uLidiya nabendlu yakhe, lzenzo 16:11-16, nomgcini-tilongwe waseFiliphi, Izenzo 16:25-34. Bonke laba babhapathizwa ekukholweni ngesithembiso esikuZenzo 2:38. Uma bengasibo abakwaKrestu. Awukho umbhalo othi bayokwamukela uMoya oNgcwele noma ngayiphi indlela. Kunokubhapathizwa okukodwa okusele ngokusho kwabaseFiliphi 4:5. Lokhu kubhapathizwa ukucwiliswa ekufeni kukaKrestu ukuze kuthethelelwe izono kwemukeleke isipho sikaMoya oNgcwele.

UMSEBENZI KAMOYA ONGCWELE EZIMPILWENI ZETHU NAMUHLA

Okokuqala uMoya oNgcwele "ubungako befa lethu okumele silithole", kubase-Efesu 1:14. Lapha uPawulu ubeka ngokusobala ukuthi uNkulunkulu ubekile kithi uMoya wakhe size ngolunye usuku siye ezulwini. UMoya unikezwe amaKrestu ukuba abonise ukuthi kunjani "ukuhlala endumisweni yodumo Iwakhe". AmaKrestu anan yekiwe ngoMoya oNgcwele kuze kube usuku lokhlengwa. Bheka ngoba uMoya oNgcwele ungadabuka uma umkrestu angeke avume kuba umfundise, Efesu 4:30.

Asidingi usizo IukaMoya oNgcwele ukuze usisize ekubhaleni igarna lakhe, kodwa sidinga usizo IukaMoya oNgcwele ukuze sibe nokuqonda. UNkuilunkulu uyasethembisa kubase 1 Korinte 2:10-13. IZwi IikaNkulunkulu liyithuluzi ebalulekile ngoba uMoya oNgcwele ukuba umhole, akerizi imisebenzi yenyama etholakala kubaseGalathiya 5:16-21. Uma uMoya oNgcwele usezimpilweni zethu, uzobonisa izithelo zawo. Izithelo zawo: uthando, injabulo, uxolo, ukubekezela, ubunene, ukulunga, ukuukholwa nokuziphatha okuhle.

KwabaseRoma 8:1-27 sitshelwa kahle ngomsebenzo kaMoya obusF phezu kwezifiso zenyama. Futhi lisitshela ngokuthi uMoya ungasisim kanjani ebuthakathakeni ngemikhuleko ngokwenza imizwa yenhliziyc "ewukujula emanzini". ILezi akuzona izilimi ngokuba kujulilE ngamazwil. UMoya uhlola izinhliziyo zethu futhi "ukhulumela umunti ngokwentando kaNkudunkulu".

No comments: