Monday, April 28, 2008

KUFANELE NGENZENI UKUZE NGISINDISWE?

1509 - Zulu

George Mark Elliott

UMVUZO WESONO

Bhala lokhu ngamagama omlilo, ngale kwamazulu, kuvumele kushise ngaphakathi kwezinhliziyo zabantu njengokusho kombhalo waphakade ofundeka kanje: "umvuzo wesono ukufa." KubaseRoma 6:23. Ngezinye izinkathi siye singaphawuli ukuthi kuyini okwesabekayo, okubi yikhona okuyisono. Sisengozini enkulu siboshelwe kuso, isono sivamisile ukuthandelana nokuhle, futhi sinobuqili, imicabango yethu ngesono kwezinye izikhathi iyazenzakalela ngezimfundiso zeBhayibheli, isono ezinkathini eziningi sifaniswa nekhothi kapende. "Ibhulashi lengcweti, ipeni lesazi samagama, iphimbo elinohlonzi, konke lokhu kubekwa njengezinto ezenza isono sibenekhothi enhle kapende." Ilebuli esebhodleleni enobuthi ingaguquka, kodwa okungaphakathi kusenokuhlala kunobuthi obubulalayo. Akukho ukuxolelwa emvuzweni wesono, isijeziso lapho "siyisigwebo saphakade." Cf. Matewu 25:46; 2 Thesalonika 1:7-9, Isambulo 20:14,15. Ngaphandle izono zami zixolelwe, kufanele ngivume ukuthi ngilahlekile.


ISIDINGO SOKUBA NGISINDISWE.


Angeke ngibe yilesoni esaziwa ezweni njengesoni esidumile, kepha ngizoba umuntu oyisibonelo esihle. Ngokwenza "konke okuhle", kodwa ngonile, ngisilelwe wumusa kaNkulunkulu. Cf Roma 3:23, 1 Johane 1:8-10. Ayikho enye into engingayenza ukuze ngihlawulelwe izono enginazo, kuphela ngomusa kaNkulunkulu ngingasindiswa.


KUFANELE NGIHLAWULELWE.


UNkulunkulu unguNkulunkulu onothando, futhi unguNkulunkulu onolaka. Angeke aze awuchithe umthetho ongunaphakade owukuthi umvuzo wesona ukufa. Kunomunye umthetho ofundeka kanke: "ngaphandle kokuchitheka kwegazi, akukho ukuthethelelwa izono." KumaHeberu 9:22. Ngaphandle kokuhlawulelwa, uNkulunkulu akasoze avumele izoni zize kuye ezinezono eziningi. Cf. Roma 3:21-26. Izilwane eziningi kwenziwa ngazo umnikelo eLadini lamaJuda. Kepha akulona igazi lezilwane elisusa izono. Cf. Heberu 10:1-4. Kulenamihlatshelo "bekunezinto ezenziwayo eziyisono."


IGAZI ELIHLAMBULULA IZONO.


Akukho okungasusa izono zami, ngaphandle kwegazi likaJesu. Akukho okungenza ngibemsulwa, kuphela igazi likaJesu.


"UJesu wafela izono zethu njengokusho kwemiBhalo." 1 Korinte 15:3. Kungenxa yegazi lakhe ukuba sisindiswe. "Okungaye (uKrestu) sihlengiwe ngegazi lakhe, ukuthethelelwa ezindleleni zethu, ngawo umusa wakhe Efesu 1:7 nalokhu okulandelayo.

UKUHLANGANYELA ENZUZWENI
zokuhlengwa zitholakala "kuKrestu" Cf. Efesu 1:7 ngaphezulu, futhi kubaseRoma 8:1-3, 3:24), kepha thina singeza kanjani kuye na? Singazehlukanisela kanjani enzuzweni ewumnikelo wakhe? UMoya oNgcwele ngoPawula uthi: "Ngokuba ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKrestu Jesu. Ngokuba nonke enabhapathizwa kuKrestu nembatha uKrestu." Galatiya 3:26,27. Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKrestu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Roma 6:3. Siya kuKrestu ngokuba sibhapathizelwe kuye. Okuwukuthi, "ngokubhapathizelwa ebuKrestwini siyangeniswa ekuhlanganyeleni enzuzweni yokufa kukaKrestu." Kepha uyini umbhapathizo wobuKrestu njll., umbhapathizo eMvuzweni oMkhulu? Imfundiso yeTestamente eliSha isobala.

ISIFUNDO SOMBHAPATHIZO.

Marku 16:16, "Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa."

Izenzo 8:12, "Kepha bathi ukuba bakholwe.... bahapathizwa."

Izenzo 18:8, "Nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa."

Izenzo 2:41, "Nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa."

Izenzo 2:38, "Phendukani yilowo nalowo abhapathizwe."

Amakholwa azisolayo abawumnikelo wangempela embhapathizweni wobuKrestu. Lowo ongakholwa okanye ongathethelelwanga, angeke abhapathizwe njengokombhalo.

"Umbhapathizo njengomthetho ophilayo (ngaphandle kokuphenduka ngokukaMoya enhliziyweni yomuntu) angeke utholakale kuTestamente eliSha." Ukholo (lolukholo kumele luvunywe ngomlomo Cf. Roma 10:9,10). Ukuphenduka kufanele kuhambe njengombhapathizo wobuKrestu.

ISIYATHELO SOMBHAPATHIZO.

Igama elithi "umbhapathizo" yigama elisuselwe esiGrikini egameni elithi "baptizo" elahunyushelwa esiNgisini, lichaza "ukucwiliswa okanye ukwenyiwa." Kepha uma singazi ukuthi leligama lisho ukuthini lona ngokwalo, imiBhalo ilula ukuba kungabikhona noyedwa onencwadi yeTestamente eliSha ozodideka ngaleligama. Njengoba selike lachithwa yizimfundiso zabantu laphambaniswa, kodwa isithombe seTestamente eliSha sisodwa nje sisobala.

Marku 1:9 - "UJesu .... wabhapathizwa .... eJordani." Lapha-ke obhapathiswako wafakwa emanzini, hhayi kuthelwe amanzi phezu kwakhe. UJesu wabhapathizwa eJordani, hhayi neJordani.

Johane 3:23 - "Naye uJohane wayebhapathiza e-Enoni eduze neSalimi ngokuba amanzi ayemaningi lapho."

Izenzo 8:36-39 - ".... bafika emanzini .... behlela emanzini boba-bili .... wambhapathiza .... kwathi sebekhuphukile emanzini."

Johane 3:5 - "Uma umuntu engazalwanga ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Umbhapathizo ungukuzalwa, asikho isidalwa esingazalwa ngokungaphansi kwalokhu, kepha umzimba wamanzi kufanele ubemkhulu kunomuntu wombhapathizo.

Roma 6:4 - "Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKrestu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha."

Kolose 2:12 - ".... nimbelwe kanye ngombhapathizo, futhi okungawo navuswa kanye Naye." Umbhapathizo wobuKrestu ufanekisa ukumbelwa nokuvuswa kukaJesu, futhi kubandakanya ukumbelwa nokuvuswa komuntu.

"NjengoKrestu efela izono esiphambanweni, yilowo nalowo okwabe kumele asindiswe wuye, wafela izono zakhe, wase ethethelewa. NjengoKrestu efela izono esiphambanweni, yilowo nalowo okwabe kumele asindiswe wuye, wafela izono zakhe, wase ethethelelwa. NjengoKrestu ethuneni eliSha, ensimini kanjalo lowo ofile esonweni uyambelwa emanzini ngombhapathizo. NjengoKrestu evuswa ekufeni, kanjalo umphefumulo ovusiwe uvukela embhapathisweni wamanzi 'isidalwa esisha kuKrestu Jesu.' Egameni lokubethelwa esiphambanweni saseKalvari. Kufanele sife, simbelwe sivuswe futhi."

Amanzi amaningi avela emfuleni, aya phansi emanzini, ukumbelwa kuvela phansi emanzini, ukuvuswa, ukuzalwa-hhayi esinye isinyathelo esedlula ukucwiliswa esingalungela iTestamente eliSha.

UKUMISWA KOMBHAPATHIZO

Izenzo 2:38 - "Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Krestu, kusho ukuthethelelwa kwezono zenu, khona niyakwemukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele."

Izenzo 22:16 - "Manje-ke ulibalelani, na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni." Roma 6:4 - ".... ngengalokhu uKrestu wavuswa kwabafileyo .... kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha." Johane 3:5 - "....uma umuntu egazalwanga ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu."

Marku 16:16 - "Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa."

"Okubekwa imithetho ngokomlando, ebekwa ngokulingana endaweni yayo, isho okuningi okufana nokuthi uma izinto ezimbili zixhumene ngokulingana futhi uma sekuqhamuke okungaphambili, kungahluka kunokuhlonipheka kokunye. Leyomithetho ingalingana ingehluki kunezinto ezinye ezingashiwo ngaphambilini. Isibonelo wukuthi: UNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba. Amazulu nomhlaba ahlukene ngezindlela eziningi. Kodwa kudalwe uNkulunkulu kokubili .... azange sazi okwehlukile kulonamthetho, azange sizwe nowodwa ngolunye ulimi. Ngaphandle kweBhayibheli umthetho uqukethe umoya kuze kube sezilimini zeNdodana yomuntu kaNkulunkulu Yena onikeza isindiso kumuntu, lapha abantu bayozinqumela khona ukuba bathathe yiphi na indlela. UKrestu uthi, lowo okholwayo wabhapathizwa, uzosindiswa. Yize ukholo oluningi nobhapathizo kungehluka, uKrestu lapha uhlanganisa bonke ukuba babemunye ekusindisweni kwabo." F.G. Allen.

Uma unalo ilungelo lokubeka usindiso ezonweni owedlule kuzo ngaphambi kokubhapathizwa, angeke wenqabele noyedwa ukuba naye enze njalo. Elinye igunya elifanayo elibeka ukuthi "ukholo" njengomgudu wensindiso yethu, libuye futhi "umbhapathizo" ngaphambi kwalenansindiso. Ukholo olungaphandle kwalenamisebenzi yokholo, akulona ukholo lwangempela, izwi lichaze lathi: "Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela." Jakobe 2:24.

UJesu umsunguli wensindiso yaphakade, INKOSI YAMAKHOSI, uhlanganisa ukholo nombhapathizo njengento eyodwa ensindisweni, futhi akuvumeli muntu ukuba ahlukanise lokhu.

Sisindiswe ngesihawu, nangomusa kaNkulunkulu. Usindiso lungeke lubongwe, kepha lungamiswa njalo ngaphakathi komuntu. "Lesisipho esihle" angeke umuntu ongasifuni aphoxelelwe ngaso, futhi angavumi ukuvuma ngokwemiyalo kaNkulunkulu ukuxolelwa. Akukho ukubongwa ekukholweni futhi nokubekezela njengokuthi isibonelo: 'akukho lutho ekukholweni, ekuphendukeni, ekuvumeni, ekubhapathisweni nasempilweni yobuKrestu esivumela sizuze impilo yakunaphakade njengokubongwa. Kwase kusunguleka indlela yomusa lena ewukuthi nawe nami singathola khona "isipho samahala," "impilo yaphakade kuKrestu Jesu iNkosi yethu."

Uma ikholwa elizisolileyo selenyiwe emanzini ngokwegunya likaJesu Krestu, egameni likaBaba neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, uyathenjiswa ngegazi elihlambululayo lemvana kaNkulunkulu, ukuxolelwa izono zakhe. Bese ebakuKrestu, abe isidalwa esisha, esisindisiwe, sahlengwa, sahlengwa, sahlangana, satholwa, sahlanzwa ezonweni sabawumntwana kaNkulunkulu. BHEKISISA: Uyabuza: "Kwenzekani ngomntwana?" Ngaphambi kokuba afinyelele eminyakeni ebalekayo, akanaso isono, futhi akazange azindla ngesono. UJesu uthi kuMatewu 18:3 - "Uma ningaphenduki, nibenjengabantwana, anisoze nangena ambusweni wezulu." Ngakho-ke abantwana abancane basindisiwe. Angeke babhapathizwe ngokwemiBhalo yeBhayibheli kuze kube yingalesikhathi sebekhulile, kholwa kuJesu, uvume kuye. Abantwana kuchaziwe ngabo eBhayibhelini, kunjalo-ke ukubhapathizwa, kepa abantwana nombhapathizo wobuKrestu akuhlangene eBhayibhelini.

Ukufafaza amanzi ekhanda lengane lokho akukona ukukholwa okanye ukuphenduka noma ukumcwilisa emanzini-bese umfundisa uma esefike eminyakeni engabalwa ukuthi lona mthetho ushiwo uMbhalo usungula ukuzimela njengokuhlukanisa umthetho wokuxolelwa usho okungefani nasemfundisweni kaMoya oNgcwele.

Uma-ke ikholwa elizivumile izono selicwiliswa emanzini njengokwemibhalo, izono ezedlule sezixolelwe, kodwa angeke ahlale phansi nje asonge izandla emvakwalokho. Uma efuna ukuthola ukungena embusweni weNkosi yethu noMsindisi uJesu Krestu, kufanele ahlale ngaphansi kwempilo yobuKrestu njalo. (Funda 2 Petru 1:5-11). Ake sicubungule lokho okumbalwa okuqukethwe lapha.

UBULUNGA ESONTWENI

Uma kufanele athole ukuthethelelwa ezonweni, lowo ozivumayo kufanele embelwe ethuneni lamanzi lombhapathizo kaKrestu, iNkosi iyokubandisela esontweni layo. (Izenzo 2:47). Umthetho wokuthethelelwa izono nomthetho wokuzivuma esontweni likaKrestu umile. Uma umuntu esebhapathiziwe, ubhapathizwe emzimbeni owodwa (1 Korinte 12:13; Efesu 4:4); lonamzimba uyithempeli (Kolose 1:18). UKrestu oyinhloko, unomzimba owodwa, nethempeli elilodwa, naseTestamenteni eliSha uye wafundisa nebandla lakhe umthetho wokwamukelana enhlanganweni ngokomthetho. Izwi lakhe liyisibane sifune ukwengeza noma sisuse okuthile phezu kwezimfundiso zikaNkulunkulu.


Eminye imithetho yombhalo isetshenziselwa ukulinganisa ithempeli ilena: "amathempeli kaNkulunkulu," (Roma 16:16, okusho amabandla asekhaya); "ibandla likaNkulunkulu" (1 Korinte 1:2), "umzimba kaKrestu," (Efesu 4:12); "ithempeli".

Leli yibandla elengezwayo uma umuntu ehlonipha imithetho yeVangeli, kulelibandla, uzokwethembeka kuze kube yisekufeni, uyokhuliswa njalo.

Imithetho okumele yenziwe nezibusiso ezifakiwe ebulungeni besonto noma impilo yobuKrestu kufakazelwa eZwini leNkosi. "Kepha yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu apheleliswe yonke imisebenzi yakhe emihle." 2 Thimothewu 3:16,17. Cf. A.S.V.

AmaKrestu afunda iBhayibheli ngokukhuleka ngokuhlakanipha nangokuvamile. "Lelibhuku liqukethe umqondo kaNkulunkulu, indlela yensindiso, ukulahlwa kwezoni, nentokozo kumakholwa. Izimfundiso zayo zingcwele, imiyalo yayo ime njalo nemilando yayo iyiqiniso, nezinqumo zayo asinakuguquka. Yifunde ukuze uhlakaniphe, ikholwe ukuze uphephe, zilolonge ngalo ukuze ubengcwele, Linokukhanye

ukuze ubone, Linokudla ukuze wondleke, Linentokomalo ukuze wename. Liyimephu yomhambi, ilungu lomhambi, ikhompasi yomshayeli wendiza, isihlangu sesosha, umgomo woMkrestu. Lapha iparadesi ibuyisiwe, izulu livuliwe, amasango asesohogweni avaliwe. Izogcwalisa inkumbulo, ibuse inhliziyo, yeluleke unyawo. Ifunde kancane kancane, nangokuvamile, nangokukhuleka ... Izokunika impilo. Izovulwa ngomhla womgwebo, ikhunjulwe njalo.

Umsebenzi nelungelo lelungu lebandla wukuhlonipha umkhuleko, ukupha, ukuzuza imiphefumulo, ukukholwa, ukulunga, nokwazi, ukuziphatha, ukwethembeka emiyalweni kaNkulunkulu nasezintweni eziningi ezifana nalezi esezishiwo ngenhla. Konke lokhu kungenzeka egameni likaNkulunkulu.

IGAMA

Kunegama eliodwa langempela ababizwa ngalo labo abahlonipha iVangeli eliqanjiwe kuTestamente eliSha (abafundi, abantu abalunge kakhulu, abantwana bakaNkulunkulu nanjengokomthetho oshoyo kubalingiswa nokuxhumana, kodwa akuwona amagama angempela).

Igama langempela uMkrestu. Cf. Izenzo 11:26, 26:28; 1 Petru 4:16.

Uma umuntu esebhapathiziwe kuKrestu, ubawuMkrestu wangempela, akukho okunye, hayi okungaphansi futhi ngokwemiBhalo akasenalungelo lokuzahlukanisela kwamanye amaKrestu, Ngamanye amazwi akufanele agqoke, ilunga lebandla likaKrestu, hayi elinye igama kuphela elikaKrestu. Ukugqokwa kwamagama esintu noma asemhlabeni kwenqatshiwe izimfundiso zeTestamente eliSha - CF. 1 Korinte 3:1-4; Roma 8:6-8; Kolose 3:17; 1 Petru 4:16.

Lalela uMartin Luther uma ethi: "Endaweni yokuqala, ngithandazela ukuba niyeke igama lami phansi, ningazibizi futhi ngoLuther, kodwa zibizeni ngamaKrestu. Ubani uLuther? Imfundiso yami, akumina uqobo. Angizange ngibethele noyedwa. Umzalwane uPawulu (1 Korinte 3) ningazibizi ngoPawulu, hayi futhi ngoPetru kepha ngoKrestu.

Sizani bangani bami ningabambeleli ezingxenyeni zalawamagama, sukani kuwo, masizibizeni ngamaKrestu, esithola kuye lezizimfundiso."

The Life of Martin Luther, by M. Michelet, page 262.

ISIDLO SENKOSI

Ngaphansi komthetho wabapostoli ababenogqozi, isonto lakudala lalihlangana njalo ngosuku lokuqala evikini ukuzohlephula isinkwa. "Kwathi ngosuku lokuqala evikini, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawula washumayela kubo ababezokumuka ngomuso." (Izenzo 20:7). Bebahlanganela ukuthini! Njengoba babehlangana ngosuku lokuqala nje. KumaHeberu 10:24,25 sifunda ukuthi: "Masiqaphelane ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye."

Umkhuba wesonto lakudala wawushintshwa kuphela ngabaphostoli, abantu bayasuka ezimfundisweni zabapostoli, bazenzele ezabo.

Kepha isu likaNkulunkulu lihlala limile njalo, namaKrestu anamuhla, namaKrestu akudala anokuhlanganyela osukwini lokuqala evikini, usuku lukaNkulunkulu neNkosi yabo etafuleni Layo.

NgoMgqibelo wokuqala kaMongameli Garfield owayenguMongameli waseWashington, ilunga lesishayamthetho leza kuye lafuna ukuba umhlangano wesishayamthetho ungene ngo-10 ekuseni ngosuku olulandelayo ukuze kudingidwe izindaba ezikhungethe isizwe. UGarfield wayenqabela leyombizo. Kepha ilunga lesishayamthetho lama osukwini elabe liliqokile. NoGarfield wala waphetha ukuba imbizo ingene ngalolosuku okwabe kuwusuku oluqokwe yilelunga. Kepha ilunga laphikelela ukunxusa lazisa uMongameli ngengozi engahle ivele uma izindaba zesizwe zingadingidwa ngalolosuku. Wamhlaba uMongameli ngokuphula umthetho wembizo wakudala. Kepha uGarfield wala. Kodwa ilunga lase lifuna ukwazi ukuthi imbangela yokwenqaba kwakhe. "Ngiyafisa ukuthi ingabe unesivumelwano nobani njengoba ungazimisele ngembizo, njengoba ungafuni ukuba esakho isivumelwano singaphulwa. UGarfield waphendula wathi: "Ngizokubeka ngembaba njengoba usabuzile nje. Isivumelwano sami ngisenze neNkosi ukuba ngiyohlanganyela Nayo eTafuleni Layo kusasa ngo 10:30, kufanele ngibe lapho nakanjani." Wayelapho naye. Lonamzukuzuku wempikiswano wedlula kanjalo. Isizwe sasindiswa. Wayenokukholwa umthetho wakhe. (1 Korinte 11:23-30)." C.J. Sharp.

Lokhu kuza esidlweni seNkosi akufanele ukuba kubeyinto nje, futhi akufanele kube wumkhuba nje, akufanele kube yinto enokuthathwa ngendlela engaqondakaliyo. Kufanele kubeyisikhathi sokuthotshiswa nokufuna ukuzihlola, isikhathi sokubonakalisa ukuzisola phambi kwesihlalo sobukhosi esinomusa, esokuvuselela amathemba ethu kuKrestu, izwi ekukholweni kwethu okusha, ukuzibandakanya ngezimpilo zethu kuye uMninimandla, ukubuka emuva eKalvari, ukubuka empilweni yokuba neNkosi nokubuka entokozweni yakhe. Yikho lokho ukuhlanganyela eSidlweni seNkosi ngosuku lweNkosi.

UMQHELE WOKUPHILA

"Thembeka kuze kube-sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila." Isambulo 2:10.

Ngake ngafunda olunye uqwembe okwabe kubhalwe kulo kanje: "Emvakweminyaka engamashumi amane yempumelelo, ngizoliyeka ibhizinisi." Yebo, umuntu angaphumula njengoba ewumhwebi, kodwa uma ewuMkrestu kufanele alwe ukulwa okuhle kuphela nje uma umuntu esaphila futhi isizathu sikhona ebukhosini bakhe. Cishe ekujikeni kwazo zonke izindlela esizihambayo, uSathane uyanyenyeza ezindlebeni zethu, "YEKA". Abanye bathembakele kuze kuthi imizwa yabo ilimale, abanye bathembeke kuphela nje uma bekwazi bavuselelwe, abanye ukuze lokho kungaqondi kwabo okuncane kuphumelele." Abanye bathembeka kwaze kwagcwala izidingo ezinhle zobuqotho nesibindi, abanye bathembeka baze babanjwa yinkohliso yobucebi," noma "izinto zomhlaba," abanye bathembeka izwe lize lijabule futhi lingahlupheki. Kepha imiBhalo ithi, "Thembeka kuze kube-sekufeni."

"Uma ngelanga lomgwebo labo abemi ngasokhohlo esihlalweni sejaji, bayokwehlukaniswa ngamaqembu, kuyoba nabanqobayo ekukholweni, iziphingi, abaqambimanga, njll, kepha kuyobuye kubeneqembu "labahlubuki."

"Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, okufanele umbuso kaNkulunkulu." Luka 9:62 .... "kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni lowo uyakusindiswa." Matewu 10:22.

Akufanele sithathwe okomhlaba, kodwa kumele sikholwe. "Ngoba ukholo oluphelele luyimpumelelo." Kufanele sibenomoya ofane nokaGeorge III uma ethi: Ngizowudela umqhele wami, ngihoxe embusweni, ngisishiye isikhundla sami, ngiyohlala ekhothishini, ngiyobeka ikhanda lami ebhulokini, ngilahlekelwe impilo yami, kepha angeke ngisephule isifungo sami. UMkrestu akufanele aliyeke iqiniso elikuKrestu, yize noma libiza impilo yakhe. "Kuthiwa uPolycarp ngenkathi elethwa ejajini, wayalwa wajivazwa ngoKrestu, ngokweqiniso wathi: Iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha ngisebenzela Yena, owangisindisa? Waphunyuka esigwebeni somlilo nesokulimala ngokuthokoza kuKrestu, iNkosi yamaKhosi." "Anikamelani nezono nilwa kuze kube-segazini," Heberu 12:4. Maye ....!!! kumaKrestu ayekayo!!!

Abathembekile kuKrestu bayokuthola umqhele wokuphila, impilo yaphakade enoJesu, uvuko, indumiso nomzimba ongenakho ukufa; ukungeniswa kulelozwe lapho. "UNkulunkulu ... azesule zonke izinyembezi zonke emehlweni abomukufa akusayikubakhona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikubakhona ngokuba okokuqala kwedlulile." - Isambulo 21:3,4. Cf. Johane 14:1-3, Filiphu 3:20,21; 1 Thesalonika 4:13-18; 1 Korinte 15:50-58.

ISIMEMO

"UMoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze, othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle."

Sihlobo esithandekayo, isimemo seVangeli sibhekiswe kuwe. UJesu umi ngasemnyango wenhliziyo yakho uyangqongqotha, kepa isivimbo singaphakathi. Ingabe uyamvulela na?

No comments: