Tuesday, April 29, 2008

LIFUNDISISWA KANJANI IBHAYIBHELI

0094 - Zulu

Ngu Seth Wilson

"KWENZIWA KANJANI" loko kubonisa ngohlelo, nendlela, kanye nosizo, noma mhlawumbe imithetho, nengqondo, nokwenza ngendlela efanele. Ziningi_ke izi ndlela ezikhona. Kodwa injongo kube keseyiyo leyo: yokuqondisisa loko asipha kona uNkulunkulu, nasifundisa kona, enzela ukuthi sikusebenzisele ukudumisa Yena. Kulencwajana asizusebenzisa kakhulu izindlela nengqondo nokwenza kwethu ekuthini sicasise kahle iBhayibhili.

Ngokuba imithetho nemicabango ayisoze yawenza lomsebenzi kuwe. Kodwakuyasiza kakulu emzameni yethu. Kuyindlela yokukubuyisa ekudukeni endleleni njengoba kwenzelwe ukuba sikwazi ukuxhumana neqiniso maqondana namazwi abantu.

Indlela okufanele siqale ngayo -

1. Lundisa isikhathi sokufunda; Sifake ohlelweni lwakho ukuze kuthi izinto ezincanyana zingawuminyanisi umsebenzi wakho.

2. Lungisa indawo. Kuyasiza kakhulu ukuba nendawo lapho wazi khona ukuthi uyakhula ekufundeni kwakho.

3. Thola izinto zomsebenzi. (Tools) Gcina iBhayibheli ozolifunda. Bese uqala ukuqhathanisa amazwi okuhunyushwe ngawo ngokwehluka hlukana kwawo nazo kuba wusizo kuwe. Amazwi ahlukeneyo ayasiza kakhulu ekunikeni ingqondo efanele. Kuze kuthi nokuvumelana kwazo kuyabonisa futhi kukunike ukuthi ubonelento oyifundayo iqonde ukuthini. Thola iBhayibheli elibhalwe ngamapharagraf (Paragraphs). Ungalisebenzisi leli elibhalwe lathi lingaqedi amazwi bese libhala ngamagama am;akhulu ngokungathi sewuqala isiqendu esilandelayo.

Uma ngabe usebenzisa elinjalo, qaphela ngempela ukuthi indaba iqalaphi. Ungathi uma ufunda ivesi bese uthatha yona yodwa uyehlukanise nalento eshiwo yivesi iphelele. Funda uyiqede yonke leyo "sentence" ekufundeni kwakho ungayihlukanisi funda nje uze uyiqede khona uzokuzwa ukuthi ithini uma seyiphele le loko kuzokwenza ukuba uthole masinyane ukuthi umbhali wabe eqonde ukuthini. Uzobona nje ukuthi kubi kanjani ukuthatha ivesi eyodwa usebenze ngayo ungabhekisisanga ukuthi umbhali wayeqonde ukuthini, kodwa leyo yinto eyingozi neseyejwayelekile kanti iyingozi.

I-Bible Dctionary ingaba olukhulu usizo, kanti kokunye ike isilahlekise. Nezinye izincwadi zabantu eziyizihiphelo "reference" kusenokwenzeka zibe namaphutha. I Bible Handbook inosizo olukhulu imenza nomfundi azibone enomdlandla ekufundeni incwadi ngayinye eBhayibhelini, loko kubonakalisa uthando nomdlandla, nokuzwisisa.

4. Sebenza ngeCebo; uhlele nemiphumela. Kwenze kubonakale kuchazeke kahle.

5. Yenza amazwana. (Make notes) Yiba ne "notebook" noma ifail ukuze ukwazi ukugcina umsebenzi wakho ekufundeni.

6. Nakisisa ngokufanekyo. Hlakanipha wenze okuthile.

7. Hlaziya_ke uphinde ufundisise loko obese ukufundile.

8. Lungisa amaphutha akho, njengoba afunda.

9. Fundani ndawonye. Kuyinto enhle kabi ukuba amaKrestu afunde ndawonye Nathi sizwisisa ngconywana uma sibonisana nabanye ukuze sithole kahle ukuthi lombhali wayeqonde ukuthini. Ukuba nomdlandla ekusizeni abanye kwenza lowo nalowo mKrestu avuseleleke nanxa umsebenzi wakhe mhlawumbe bese usilela mhla wumbe sewumubi. UNkulunkulu unenjongo yokuthi sifunde senze izimfundiso zakhe ngobudlelwano omunye nomunye.

Ukuziphatha kahle Nangenjongo -

1. Fisa ukwazi ukuthi lifundisani iBhayibheli.

2. Lindela ukuthola into ezwakalayo. Lindela ukufunda bese ukusebe nzisa loko uNkulunkulu akunike khona. Sebenzisa ingqondo ukuze ulibone iqiniso. Beseke ukufaka engqondweni konke loku okubone kuyiqiniso njengomuntu ozimisele ukwakha ingqondo.

3. Zimisele akuthi kube njengoba kusho kuchaze lento okuqonde ukuyichaza. Ungaba nengqondo yokuhlolisisa amaqiniso aseliZwini likaNkulunkulu, kodwa asinako ukuthi sigwebe ukuthi uNkulunkulu ubefanele ukuthini siyeke loko akushoyo ngoba uma sithatha loku okuvumelana nathi siyeke loko esingakufuni kusho ukuthi siyala ukuthatha loku ebesingakuqondisisi sonke lesisikhathi esidlule. Asikwazi ukutshela uNkulunkulu ukuthi wonile noma wenze kahle. Nguye okufanele ukuba asitshele.

4. Yiba nokuthembeka nokuzithoba. Akukona ukuzimisela uma sihlola okushiwo yiBhayibheli bese sikushintsha thina ukuze kwenelise izinjongo zethu. Kufanele thina singazethembi ngokwethu ukucabanga kodwa sethembe loko okushiwo yiBhayibheli.

5. Thola amaqiniso phambi kokuba ulungise umsebenzi wakho. Ungalingi ulungise umsebenzi namazwi ngoba kufanele ukuthi ahambisane nalento oyenzayo.

6. Funa izimpendulo zemibuzo khona eBhayibhelini qobo, funda okwethembeka. Ungeneliswa nje ngamasiko abantu noma ubona ukuthi izibhalo azihambisani nawo.

7. Qiniseko ukuthi ngempele kuyiqiniso, Lokoke kuhle futhi kumnandi njengoba kwakubhalelwe kona ukuthi sikuqondisise, ukuze sifunde sinethemba lokuthi sizokwenza njengoba sesizwile.

8. Qondisisa ukuthi kuyisivumelwano sikaNkulunkulu okumele ukuba sisamukele siphile ngaso, ukuze sihlale ethembeni lelifa langomuso.

9. Khumbula ukuthi ababhali babenento engqondweni okufuneka ukuthi siyithole. Noma ngubani kufanele athole injongo yombhali, kodwa akekho namunye onelungelo lokufaka eyakhe incazelo ehlukile kunalena eyiyo. Incazelo okuyiyona yona ayisoze yajika noma ngabe mhlawumbe ngokwethu ukwazi sesibona okungcono, noma mhlawumbe indlela engcono kunaleya ukuze amazwi aguquke entweni ayiyo.

Uma ngabe kunegama elithile obonayo ukuthi alilungile ukulikhipha njengoba linjalo ebantwini, zama elinye elingcono kodwa elisho into efanayo naleli oliyekile, ukuze lihlale linjalo ngoba liyisambulo sika Nkulunkulu.



Yikuphi ukuhumusha okungile?

Iloko umbhali aqonde ukukusho: Owethu umsebenzi ukuba sifunde sigcizelele kwezethu ingqondo njengoba sesizwile. Kancane nje kufuneka ukuthi ekuqaleni, singazicabangeli sifune kuphela ukuthi loku kusho ukuthini kithi, kodwa ukuze siwasebenzise kahle amazwi ombhali njengoba ese sinikile iqiniso okumele ukuba silazi. Ukuhumusha akusiko ukuthi uguqule amazwi aphikisane nalawo ashiwo ngumbhali kodwa kuwuku hambisa ilizwi lize lifike nakulabo abebengalizwa. Okudlula lapho malunga nokubhekisisa ngesifundo kulungile futhi kusibangela ukuthi sifise ukuqhubeka njalo; ngisho nokuthi siqiniseke yiloko esesikufundile. Kodwa ihumusho loqobo lisho loko okubhalwe ngumbhali njengoba ebhalile.

Kakhlukazi leigama eIithi "ukuhumusha" IBhayibheli kusekelwe ezintwedi okungafanele ukuthi zingasuswa ngenxa yenani lazo, akusho ukuthi impela sekumele ukuba sikholwe yikho kodwa kwenzelwe ukuba kucace ukuthi kuqonde ukuthini. Abantu bayazama amazwi okushintsha "incazelo" ingaba isaba njengoba uNkukunkulu eyambulile. Bayakwazi "ukuhumusha" amazwi engathi yinto nje eyenzekayo noma inganekwane yezihlakaniphi, kodwa incazo okufanele ukuthi ilungisweyilena efaneleyo hayi into ehlelwe yizifundiswa ezithile, ukuze kube njengoba ebhalile umbhali welizwi likaNkulunkulu. Lolohlobo

"lokuhumusha" luqala ngokuthi umhumushi angahambisani nalento eshiwo ngumbhali bese eyijika ingabe isasho lento efaneleyo.

Kodwa bakhona abanye abakholelwayo ekuthini iBhayibheli labhalwa ngamandla athile okunzima ukuthi umuntu angalizwa ukuthi lisho ukuthini ngolwimi elabe libhalwe ngalo ekuqaleni. Enye into embi kubahumushi yilena yokuthi athi uma engayiqondisisi kahle lento ebhaliweyo ngumbhali bese ethatha amazwi angaphandle azame ukuwafaka kuleyondawo, ngaphandle kokuzwa ukuthi umbhali wayeqondeni ethini.

Siyibona njani ingqondo yombhali na?

Uyagcizelela emazwini akhe, ngendlela athanda ukuba amazwi akhe ahlangane abe nobuhlobo elinye kwelinye, kuze kuthi nendaba akhuluma ngayo igcwale kahle eteksini yakhe. Singabona kahle uma singaba nokucabangisisa ngesimo nangenjongo yakhe njengoba ebhala nje. Singabuhlolisisa ubuciko ngokuqhathanisa naleyo ndawo namazwi akulesosifundo sekuhlangene negunya lombhali.

Indlela yokuhumusha okuyiyona yona yilena efanele umbhali, nenjongo yalowo ofundayo ngendlela abeke ngayo inkulumo yakhe namazwi awasebe nzisayo encwadini yakhe nendlela acabanga ngayo, nalapho ephikisa khona, nalapho egcizelela khona kuzo zonke .iziBhalo. Nxa sithola incazelo efaneleyo kubonakale ukuthi impela iqiniso yiyona kuphela indlela esenza ukuba sizizwe siqiniseka ukuthi impela kuchazeke kahle, yilokho kuphela okufanele sikukholwe ukuthi kuyiqiniso. Kanti ezinye izindlela okuhunyushwe ngazo kodwa zisinika ukusola nokungabaza kunzima ukukholelwa kuzo.

Ukuhumusha ngokulandela amazwi ombhali kufana nqwa nokuba ngathi udlala umdlalo wengqondo lapho kufanele ukuthi "ulandele umholi." Uma ngempela sila ndela indlela ayithathayo, sabelana ngamandla okukhula kanye naye. Kanti uma sihamba ngaphandle kwendlela acabanga ngayo, kungathi siyawephula umthetho womdlalo, ngokuba ngokwenze njalo kuyabonakala ukuthi asithandi ukwabelana naye ukuze sikhule nathi. Nathi sithanda ukuzenza abanye abaholi esikhundleni sokuba sibe ngabalandeli abathembekileyo. Uma ngabe nathi sifaka okwethu kulento ayibhalile kuyafana nokuthi nathi sizibhalela eyethu incwadi, sizama ukuncintisana naye. Ukusebenzisa amazwi ethu esikhundleni sokuba sihumushe lento ayishoyo kuthi ngenxa yaloko nencazo yethu ingabe isathembeka, ingabi yihle, ingahlakaniphi, ingathembeki. Zama ngamandla akho onke ukuba ungaphumi endleleni yombhali. Indlela owazi ngayo umholi nezenzo zakhe, vindlela okwazi ngayo ukumlandela.

Izindlela eziwusizo kanye nokwenza -

1. Qiniseka ukuthi ulifundisisile lelobhuku. Funa uthole ngempela ukuthi ngabe ngubani obhalile? Ebhalela bani? Nini? Phansi kwasiphi isimo? Phansi kwasiphi isivumelwano? Noma mhlawumbe phansi kwesikhathi somusa?

2. Funda ngokushesha ube nombono. Funda ube nengqondo yebhuku lilonke, ukuze uthole ukuthi lihambisana nasiphi isifundo nengqondo yaso. Lokho kuzokwenza ukuthi uyibone injongo yombhali nemicabanango yakhe.

3. Zenzele izihloko ezibalulekile. (Outline) Isihloko okuyisona sona bese uzikhulisela.

4. Funda lesosigaba bese ubhekisisa uma ngabe kukhona imibuzo efuna izimpendulo. Qaphelisisa uma kukhona amazwi achazwe ngendlela elula noma mhlawumbe imibono nje kodwa okuyiqonda, kufaneleke ukuthi uma kunjalo uzame ukubheka nakwezinye izincwadi ezinosizo ngaso sonke isikhathi nona_ke uhlale phansi ubonisane nabafundi ngaleyonto.

Gcina izinhlamvu zamazwi, njengo ngqi, no khefu, kanye namazwi ahambisana naleyo sentensi. Hayi izwi, kodwa amazwi, ngoba wona achaza ngobunye benkulumo. Ekuchazeni uma anazwi uwagcizelela ngenkani ukuthi asho lento obona kuyiyo loko kuba nomphumela wokuthi ingabe isazwakala kahle indaba ebeyibhalwe yilowomuntu. Njalo hlala ubheke injongo yombhali ngaso sonke isikhatthi, ubhekisise nokuthi ngabe uthe ebhala nje ubecabangani. Amazwi afana nezitini nothayela okwakhiwe ngazo indlu ukuze ichazeke kalula ukuthi injani; kanti amazwi wona afana nezinto oziqoqayo uma uzokwakha ukuze leyondlu iphakame kungabi yinqwaba nje yendunduma engaziwa ukuthi eyokwenzani. Lento ebeyicatshangwa ngumbhali ngesikhathi ebhala ibonakala emazwini awasebenzisayo. Amazwi akhe nezabizwana zakhe zenza impela icace into ayikhulumayo.

Ake ubheke nje indlela acabanga ngayo uma nje usafunda umugqa wokuqala, kanye nezindawo abe enazo engqondweni ngesikhathi ebhala. Gcina imicabango yakhe emafremini ewindi kodwa yena uzokuvulela ngamazwi akhe awabhalile nangemigqa ebonakalisa inkulumo yakhe.

Enye into engcono kakhulu okumele ukuba siyisebenzise uma sifunda incwadi noma iluphi uhlobo Iwenewadi ukwenza amazwi akho aqoqane ndawonye ukuze kuthi amaphuzu owafunayo uwathole eduze ngakho masenze i "outline" yaleyondaba besithi ukuyibhala kafushane sichaza ukuthi ngabe uthini ikakhulukazi sibhale lezozinto ngempela azishoyo. Bese uqhubeka njalo nokwenza i outline uyibhekisise uzame ukuyikhulisa namazwi akho azwakale kahle kuthi lapho kufanele ukuthi igcizelele khona ugeizelele ngempela "emphasize" ngalento oyicabangayo.

Vuma iBhayibhili lichazwe ngeBhayibhili. Cingisisa lento oyizwayo uyigcine njengoba isetshenzisiswe eBhayibhelini, ubheke izintwana izingumahluko ezahlukweni ezahlukeneyo futhi ucabangi ukuthi izwi lilinye likhuluma into eyodwa ngaso sonke isikhathi. Kufanele ukuthi nawe ubheke nakwezinye izahluko uzwe ukuthi ngabe lombhali yena uthini uma ebhala kodwa ngalo lelogama elifana naleliya; kodwa uqaphele kakhulu ukuthi ungasebenzisi enye incwadi okanye isahluko utuze lento ishintsheke ngempela ingaba isaba njengoba yayibhaliwe kufuneka njalo lamazwi abhaliweyo injongo yawo ingasuswa nguwe ngoba sewubheke kwenye indawo.

Yenza ukuthi isahluko ngasinye sisho lento ngempela esiyishoyo ukuze sizwakale kahle isifundo osiphetheyo.

Hlala ngokuzimisela, ukhule, ukuze wandise iqiniso nolwazi, nokuqondisisa.

No comments: