Tuesday, April 29, 2008

ISIFUNDO NGOBHABHADISO LWAMAKRESTU

0098 - Zulu

D. Malcom

Ivangeli elinikeziwe ebantwini lingo Jesu Krestu silamukela ngokukholwa Kuye (KwabaseRoma 1:16; Izenzo 16:30-31). Akusho ukuthi liyinto esiyisebenzelayo okanye esihola ngoba isifanele, kodwa siphiwe ngothando nangomusa kaNkulunkulu (Kwabase-Efesu 2:8-9). Ithemba linye kuphela ukuba sizazi ukuthi siyizoni, nokuthi ngenxa yempilo yakhe epheleleyo, nokufa kwakhe efela izono zethu nokuvuka kwakhe ekufeni kwaba ngamandla kaJesu Krestu owasinqobela wasilethela insindiso. Sisindiswa ngokubeka ukholo Iwethu kuJesu yedwa.

Kodwa ukhoio iufuna isimo esiqinileyo. Uma ukholwa ukuthi lendlu okuyo isemlilweni kufanele ukuthi ngokushesha uphehduke. Kunjalo-ke uma umuntu ebeke ithemba lakhe kuJesu Krestu emamukela nasempilweni yakhe ( Johane 1:12; Isambulo 3:20). Ukholo Iwakho oluselusha luqiniswa ngezenzo.

Lapha eTestamenteni Elisha siysbona ukuthi amakholwa okuqaia alugcizelela ukholo Iwawo kuJesu abonakala ngokuphenduka ezonweni zawo (lzenzo 2:38; Izenzo 26:20). Baba nesifiso sokushintsha impilo yabo nezenzo ukuze bakwazi ukuthozisa uNkulunkulu. Balubonisa ukholo lwabo ngamazwi bemvuma phambi kwabantu (KwabaseRoma 10:10; Matewu 10:32,33). Phambi kwamanye amakholwa naphambi kwezwe. Masinyane futhi babonakalisa ukholo Iwabo ngokubhabhadiswa (Izenzo 2:41; 8:3&39; 16:31-34).

ITestamente Elisha likhuluma izikhathi ezingaphezulu kwekhulu ngobabhadiso. Noma ubani ozizwa esemfuthweni wokuba ngumKrestu kufuneka ukuba aluqondisise ubhabhadiso IwamaKrestu. Akusho ukuthi sikotishe zoke izindawo zeTestamente Elisha maqondana nalesisifundo kodwa ukuze ufunde kahle kufuneka ube nazo izincwadi ezinhle ezinje ngo (Concordance) ezizokwenza ukuthi ube nolwazi oluhle; kodwa lezi esizibhale lapha senze isiqalo nje ukuze uqondisise.

Kulamavesi abhalwe lapha kungaba ngcono uma uwahumusha njengoba ebhalwe ngokulandelana, ukuze uwezwe kahle sebenzisa IeliBhayibheli okuthiwa yi: - New International Version. Lolohlobo luqukethe izinto ezidingekayo obhabhadisweni IomKrestu, kanti libeka ngendlela okumele kwenziwe ngayo, lichaza nokuthi uyini umphumela wombhabhadiso. "

Manje ake usize uthi ufunda ube uthandazela ukuthi uyiphendule lemibuzo ngokwethembeka nawe wvnetiswe, umvumele uNkulunkulu ukuba akufundise ngeZwi Lakhe.

Matewa 3:13-17. "Khona uJesu eGalile wafika kuJohane eJordane ukuba azombhabhadizwa nguye. Kepha uJohane wathi: Yimi sngiswela ukubhabhathizwa nguwe wena uza kimi na? UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwaliswa kanjalo ukulunga konke. Khona wayesemvurnela. UJesu esebhabhathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. Bheka kwavelà izwi ezulwini, lithi Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo." (Bheka futhi naku Marko 1:9-11; Luka 3:21,22; Johane 1:29-34).

Wathi uJesu yini indaba kufanele ukuthi abhabhathizwe?

Yiziphi izigameko ezimbili ezahambisana nokubhabhathizwe kukaJesu?

Ucabanga ukuthi ngabe yini indaba uJohane wayebhathiza eJordane nje? (Bheka kuJohane 3:23).

Matewu 28:18-20. "UJesu. wasondela kubo, wakhuluma kubo wathi, Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; Ngaloko hambani nenze izizwe zonke abafundi nibabhabhathize egameni IikaYise; neleNdodana, nelikaMoya oyiNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekàni, mina nginani kuze-kube sekupheleni kweze."

Likubani igunya "Lothumo olukhulu?"

Njengokusho kwslencwadi kufanele ukuthi kulandeleni emva kobhabhadiso?

Kufanele ukuba kubhabhadiselwe eyameni likabani?

Yisiphi isethembiso esikhulu esihambissna nalomyalelo omkhulu?

Marko 16:15,16. "Wayesethi kubo: Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kuko konke okudaliweyo. Okholwayo abhabhathizwe, uyakusindiswa kepha ongakholwaya uyakutahlwa."

lvangeli kufuneka lishunyayelwe kobani?

Ngokusho kwalevesi yiní elandela ubhabhadíso?

Yisiphi isexwsyiso esinikwe abangafuni ukukholwa kuJesu?

Yiziphi izethembiso ezifunyanwa abakholiweyo babhabhadiswa?

Izenzo 2:36-41. (UPetro washumayela wathi) "Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKrestu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni. Sebekuzwa loko bahlabels ezinhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli, madoda, bazalwane, siyakwenzenjanina? UPetru wayesethi: Phendukani yilowo nalowo abhabhathizwe egameni likaJesu Krestu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oyiNgcwele. Ngokuba isethembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke iNkosi uNkulunkulu eyakubabiza. Wafakaza nangamanye amazwi amaningi wafakaza wathi: Zisindiseni kulesisizukulwane esiphambeneyo. Ngakho' abalamukelayo izwi lakhe babhabhathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu, kungathi izinkulungwane ezintathu."

Kwakuzolandelani nxa sebebhabhatiziwe?

Babebhabhathizwa egampni likabani?

Iziphi izinto ezimbili abathenjíswa ukuthi bazozamukela nxa sebebhabhathiziwe?

Isethembiso sikobani? Ngabe nawe ubaliwe lapho?

IZenzo 8:5-12. (Bheka nasencwadini yeZenzo 8:4-13). UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKrestu....Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama IikaJesu babhahhathizwa abesilisa nabesifazane."

Kwashunyayelwa liphi ivangeli kwabaseSamariya?

Emva kokuba sebekholiwe ilizwi abaseSamariya enzenjani amadoda namakhosikazi?

Izenzo 8:34-39. (Bheka futhi naku Izenzo 8:2&39). "Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: Ngiyacela umphrofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma imunye na? UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowombhalo washumayela ivangeli ngoJesu. Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: Bheka nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhabhathizwe na? UFiliphu wathi kuye: Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa. Waphendula wathi: Ngiyakholwa ukuthi uYesu Krestu uyiNdodana kaNkulunkulu. Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhabhathiza. Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwita uFiliphi, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza."

Wayeshumayela liphi ilizwi uFiliphu?

Umthenwa wathini uma egcizelela ukukholwa ngamazwi?

Wakubonisa kanjani ukukholwa kwakhe ngezenzo?

Ngabe kuchazwe luphi uhlobo labhabhadiso kulesisibhalo?

Wazizwa enjani umthenwa emveni kokuba esebhabhathiziwe?

(Qaphela lapha uyabona uMoya wawusebenza kulendaba (lzenzo 8:29) kodwa ubhabhsdiso lwaluthoishehwa ngokuthi umuntu angene "emanzini". (Bheka futhi Izenzo 10:44-48)

Izenzo 16:29-34. (Bheka futhi isahluko 16:1-34). "Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi esethuthumela, wawa phansi phambi kuka Pawula, noSila wabakhiphela ngaphandle, wathi: Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na? Bona bathi; kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho. Base bemshumsyeza izwi IikaNkulunkulu, yena nabo bonke ababesandlini yakhe. Wathatha ngaso lesosikhathi sasebusuku, wabageza imrvimbo, wabhabhathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe, wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu vakhe Yonke ngokukholwa nguNkulunkulu."

Bathi oPawulu noSila makenzeni umgciniziboskwa uma ebuza ukuthi, "Ngimelwe ukwenjani ukuze ngisindiswe?"

Bashunyayezwa liphi izwi omgcinizibosha nendlu yakhe?

Umgciziboshwa wakubonisa kanjani ukuphenduka (ukuguquka kwenzliziyo yakhe ngezenzo) koPawulu benoSila?.

Yini lena eyenza ukuthi umgciniboshwe athokoze kanye nendlu yakhe emveni kokuba sebebhabhadisiwe?

Babhabhadiswa masinya kanjani omuciniziboshwa nendlu yakhe emveni kokuba bekholiwe?

Izenzo 22:10-16: (uqhathanise ne Izenzo 9:1-19; Izenzo 22:1-16; Izenzo 26:9-20). (uPawuli wabuza kuJesu wathi) "Nkosi mangenzenjani? Uthi ngabuza." (uAnaniya wathi kuPawuli) "Manje usalibalelani? Sukuma ubhabhathizwe uhlambulule izono zakho, ukhuleke egameni IeNkosi."

Kwathiwa uPawuli makenzenjani?

Kwakuzoba yini umphumela wokubhadiswa kwakhe?

Kusho ukuthini ukuthi "ukhuleke egameni lakhe?"

KwabaseRoma 6:3-7. "Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhabhathizelwa kuKrestu Jesu, sabhabhathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhathizwa kukho ukufa ukuba njengalokho uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufanayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi loku ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni."

(Qaphela lamazwi athi ubhabhadiso "kukho ukufa kwakhe'; lachithekaphi igazi likaJesu. Qhathanísa no Johane 19:34; KwabaseKolose 1: 19,20; 1 Petru 1: 18, 19).

Ngabe silufanekisa kanjani lolubhabhadiso nokufa nakuvuka na?

Uboqaphela ukuthi umuntu umcwilisa kahle kanjani emanzini ukuze ahlangabezane nezimpawu ezibonisa ukufa nokuvuka, njengoba ukufa nokuvuka kuchaziwe lapha.

lkhona enye indlela obona ukuthi ingahlangabenzana nalezizimpawu?

KwabaseKolose 2:12,13. ...nembelwa kanye naye ngombhabhathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenuwanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono izono zethu.

lyiphi indlela yobhabhathizo echazeka ngcono nxa kuthiwa "nembelwa kanye naye" navuswa kanye naye"?

Kwenzekani ezonweni zethu uma sithe sanhila ukupnila okusha Kuye uKrestu"?

(Bheka kuthiwa khona ekubhabhadisweni "simbelwe" futhl "savuswa kanye naye," kugcizelewa into eyenzeka emoyeni wethu nxa sife kanye naye ezonweni zethu; "uNkulunkulu usenza siphilele yena uKristu.")

KwabaseGalatiya 3:27. "Ngokuba nonke enabhabhadiselwa kuKrestu nembatha uKrestu."

Yisiphi isethembiso esikulabo "ababhabhadiselwa kuKrestu"?

1 KuPetru 3:21. "Enisindiswa ngawo manje nani ngokumfanekiso, okunguthi ngombtiabhadiso, kungesiko ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Krestu."

Maqondana nalevesi, yimuphi omunye umphumela

wokubhabhadiswa?

Ngabe loku kufundisa ukuthi ukubhabhadiswe nangayiphi indlela kwenele? Yini indaba? Noma yini isizathu?

Uma sizithola sinecala kunembeza lokungenzi into esaziyo ukuthi kufanele ukuba siyenze, noma lokwenza into esaziyo ukuthi akufanelenga siyenze, simthola kanjani "unembeza omuhle"? Loku kuhambisana kanjani nalevesi?

UKUBHABHADISWA-KWESIBILI:

Izenzo 19:3-5 (1-7). "UPawuli wababuza wathi, nabhabhadisefwa kukuphi na? Base bethi: Kukho ukubhahadiswa kukaJohane. UPawulu wayesethi: uJohane wabhabhadisa umbhabhadiso wokuphenduka, ethi mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu."

(Lapha kuphela kwendawo lapha sibona khona "ukuphindukubhabhadiswa" eTestamenteni Elisha. Eqinisweni indlela ababhabhadiswa ngayo yayilungile, kodwa kusho ukuthí kwenziwa ngenjongo engafane lesisikhathi esikuso.)

Ngabe loku kusikhombisa ukuthi uma umuntu kumele ukuba aphinde abhabhadiswe uma ngabe indlela abhabhadiswe ngayo noma isizathu singahlangabezani nalezizinto ezishiwo yizibhalo? Noma yini isizathu?

OKUNYE OKUBHALIWEYO (Notes):

Eqinisweni iTestamente Elisha. lalibhalwe ngesi Griki. Ngakho sizofunda ngokuchazwa kwamagama athize esiGriki azokwenza ukuthi sisizakale ekuzwisiseni isiGriki khona sizokuzwa kahle ukuthi uJesu nabapostoli babefundisa kanjani ngalamagama. Igama IesiGriki elithi "rhantizo" ngesíngisi lisho ukuthi "sprinkle" kanti ngesizulu lisho "ukufafaza" (yebo like lasetshenziswa leligama). Lisetshenziswe eTestamenteni Elisha lisho ukufafazwa ngegazi nomlotha (AmaHebheru 9:13, 19, 20) kodwa alisetshenziselwe ukubhabhadisa.

Igama IesiGriki elithi "cheo" ngesingisi "pour" ngesizulu "ukuthulula" (noma ngamanye amazwi). Lisetshenzisi izikhathi eziningi eTestamenteni Elisha naku, (Matewu 26:7 ukuthela) ngamafutha noma iwayini Luka 10:34; Izenzo 2:17,18; uMoya njl. Kodwa alizange lisetshenziselwe ukubhabhadisa.

Igama lesi Griki elithi, "baptisma" ngesingisi kuthiwa "baptism" kanti isingisi nxa selicaciswa kahle lisho "indlela yokucwiliswa" "the process of immersion" ngesizulu lisho "ukucwiliswa" submersion "ukushoniswa wonke". Kanti-ke uma sihlolisisa i Sichaza-mazwi Dictionaiy enecazelo yeTestamente Elisha ebhalwe ngu, W.E. Vine yona ithi igama elithi, "baptizo" liphuma esigrikini elithi "bapto" ngesigisi kuthiwa "to dip" ngesizulu "ukushonisa phansi" uMr W.E. Vine uthi-ke uma eselichaza uthi lisho ukushona okufaniswa noma udaya ingubo uyifaka yonke kudayi ukuze ibe ilowombala ofunayo, futhi lifaniswa nokukhiwa kwamanzi isitsha leso sishona sonke emanzini ukuze siphume namanzi agcwele, njl. "kusukela uJesu esebenzisa igama elithi ukucwilisa nxa ekhuluma ngokubhabhadisa, nabapostoli bakhe baqhubeka njalo futhi bezwa kahle ukuthi lisho ukuthini ngolimi Iwakubo. Isibonelo sisinikeziwe lapha eTestamenteni Elisha nxa kukhulunywa ngomuntu ngamunye kuthiwa kufuneka ukuba akholwe kuYesu Krestu ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, balubonisa lolokholo Iwabo ngokuphenduka ezonweni zabo (lzenzo 2:38; Izenzo 26:20), Ngokumvuma obala bevuma ukholo Iwabo kuJesu Krestu (lzenzo 8:37; KwabaseRoma 10:10), kanye nangesenzo sokubhabhadiswa. Njengoba noma ubani kufanele ukuthi afe ezintweni ezindala aze azalwe ngokusha kuJesu Krestu, loku kusikhumbuza ukuthi uJesu wafa esiphambanweni efela izono zethu, wangcwatshwa ethuneni waze wavuka ekufeni. Isenzo sokubhabhadiswa komKrestu, kuchaza ukuthi naye ufuna ukufa noJesu esonweni ukuze babelane ngokuphila okusha uma esevuka emanzini njengoba noJesu avuka kwabafileyo. Futhi amanzi asikhumbuza indlela yokuhlanjwa okufanele. Njengoba kuyigazi IikaJesu elisisindisayo ezonweni zethu- (Matewu 26:28) kusukela njengoba sabhabhadiselwa kukho ukufa kwakhe (KwabaseRoma 6:3). Lapho lachitheka khona igazi lakhe uNkulunkulu ufanisa nokuhlanjwa kwezono zethu nempilo yethu.

Ake usize-ke uthi ukuhlaziya konke osewukufundile kuleziziBhalo bese ubheka ukuthi ngabe wena ubhabhadiswe njengoba iTestamente Elisha lifundisa. Khumbulla ukuthi wammisa umthetho ethi sibhabhadiswe (Matewu 28:19; Marko 16:16) waphinda futhi wafundisa wathi, "Uma ningithanda niyakugcina imithetho yami" (Johane 14:15).

No comments: