Tuesday, April 29, 2008

IZILIMI PHANSI KOKUHLOLISISA IBHAYIBILI

0122 - Zulu

Ngu F.L. Bynum

"Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepa hlolani ukuthi bonke bangabaka Nkulunkulu yin: ngoba naningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni." 1 Johane 4:1.

Ezinsukwini zamanje "Ukuqhutshwa kwezilimi" indaba yezilimi seyigcwele lonke ilizwe leli kulaba abazenza amaKrestu bengesiwo lento seyikhule ngamakhulu amandla. Kanti ibanga okuhulu ukucasula kunezinkolo ezabe zikhona ngo 20th Century. Izinkulungwane zabantu cishe kuwo wonke amahelo bathi bakhuluma "ngesilimi." Njengamanje sekuyabonakala ukuthi lesisenzo sesigcwele wonke umhlaba futhi nakwabaningi abantu abangamalungu akawo mahlelo. Kusukela bonke laba abathi banomoya "Pentecostals" abalandelayo: - Ama-Baptist, Presbyterian, AmaShesh, Methodist kanye namaRoma bonke laba nabo bathi nathi sesinomoya futhi sikhuluma ngezilimi, Manje sekufike isikhathi sokuthi ihlolisiswe lento yomoya ngokuhlolisisa izibhalo (iBhayibheli). "Emthethweni-ke nasebutakazini, impela lelizwi abalikhulumayo akinako ukusa." Uma bekhuluma kodwa kayi ngokwamazwi kusho ukuthi ukukhanya kubo uIsaya 8:20.

Ukuqala Kwalezozolimi Ezikhona Namhlanje.

Ngo 1900 uCharles F. Parham wavula usikolo seBhayibhil kwelase Topeka, eKansas. Kwathi rkufundiseni kwakhe nasezimfundisweni zakhe, uMiss Agness Ozman wamthelela ngalento yokuthi athi unomoya futhi ukhuluma ngezilimi. Kwathi ngesikhashana esincane nje bezwakala nabanye abafundi sebethi nabo sebenomoya. Mgo 1906 ku Azuza Street e Los Angeles kwaqaliswa ibandla elalinenjongo yokuthi bafuna kubekhona lomoya kubo bonke abantu lento bayenza ngamandla amakhulu. Kwathi lenkonzo yomoya yaqala yaba yinkolo enamandla kakhulu kwelase Amerika ngenxenye nje yonyaka we 20th Century. Isibalo salawo mahlelo aqaliswa ngaleso sikhathi amanye awo asekhona njengo Assemblies of God, Foursquare Gospel Churches, Church of God in Christ, United Pentecostal, kanye nezinye amagrubhana amancanyana. Lamaqenjama amukela amandla kulesosiphethu "senguquko" kuze kube yilenhlekelele yamahlelo esiyibona namhlanje.

Ukusakazeka kwaloMoya Wezilini

Ngengxenye ye 20th Century kwabe sekukhona into entsha neseyikhona ku lezikhathi zethu. Ikakhulukazi eminyakeni eyishumi kuya eshumini nesihlanu (10 - 15 years) siyabona nathi lezinkonzo ezinomoya wezilimi kuseyilowo moya osuka kudala kuloyamfundisi kuze kube namhlanje nakhu-ke okusha engikhuluma ngakho. Eminyakeni eminingi eyadlulayo asizange sizwe lutho ngebandla lase Sheshi, Weseli, Bhaptist, kanye namaRoma zange siwezwe kuthiwa nawo akhuluma ngezilimi. Lawo maqenjama abantu abathi banomoya bahala khona kuzo izinkonzo zabo bafundiswe kanti emakhaya banemthandazo abayenzayo baguqula abantu zonke lezizinto zenziwa ngabashumayeli abashumyela amanga bethi abantu bangawuthola umoya kuzo izinkonzo zabo. Omunye umsebenzi we Full Gospel Men's Fellowship ohamba onke amazwe ephethe izincwajana othi yena akanabandla asonta kulo yena ungu nkonzo-zonke Injongo yakhe ukweza ibandla likamoya. Bayaphuma kuma Television kanye nemfundiso yabo iyasakazwa. Kukhona iphepha okuthiwa yi Deeper Life Magazine lelophepha lalisakazwa ngumfundisi u Morris Cerullo, wayekhuthaza amaBhaptist nama Roma ukuthi ahlale emahlelweni awo kodwa awugcwalise lomoya nakwabanye enkonzweni yabo, kwathi ngo 1971 lento yangena naku Pat Boone owayekanye no Morris ebufundisini uBoone yena waze wakhiplia nezithombe zakhe kulo lelophepha lelopheshana mhlawumbe liphuma kahlanu, laboke sibenza iziboniso nje zalenhlekelele yezinkonzo zomoya nezilimi. Kanti-ke sinabo nabanye abaqhuba lomsebenzi wokudukisa izwe ngalomoya wezilimi kuwo wonke amahlelo. I-FGBMF nayo isebenza ukuphendula abantu ibafake lomoya wezilimi kodwa yona isebenzela ibandla layo elidala bayafundisa ngawo futhi bayawusakaza ezimfundisweni zabo.

U-Oral Roberts, ngomunye oholayo kwezomoya wezilimi namhlanje, noma-ke manje usengene ebandleni le United Methodist Church.

1 Roman Catholic Nezilimi

Enye yezinto ezimangalisayo maqondana nalomoya wezilimi amandla agijima ngawo ebandleni lama Roma. Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule sifumane isibalo se 12,000 zamaRoma kuwo wonke umhlaba okuthiwa kade ehlangene endaweni yase Notre Dame e Yunivesithi kuthiwa impela bebeyijabulela kakhulu lento yomoya nokukhuluma ngezilimi. Kanti kuzwakala izinkungwane zamaRoma athi nathi sesinomoya sikhuluma ngezilimi, futhi bathi bona sebebhadisiswe yikho sebekhuluma ngezilimi, kuthiwa kukhona nabapriti abaningi namasistela. Bathi uma befakaza abanye babo bathi; manje bazibona sebengcono futhi bekholwe kakhulu kunama Roma amadala kusukela nje bethole lomoya. Kodwa akukho sibona-kaliso esibonisayo ukuthi laba bangahle bapnume ku Roman Catholic Church nje ngomphumela wento asebeyifumene.

Intshukumo Yezilimi Emabandleni Amaningi

"Isizathu esenza ukuthi ngibhekise kulentshukumo yeziphiwo njengensusa yakho konke loku nangendlela yezifundiso ezahlukeneyo noma benza ngathi aba yiboni laba abaphakathi kwalentshukumo, kusukela loko bethi bona bamukele isipho sika Moya-Njengaloku abathi ukuBhabhadiswa ngoMoya kanye nokukhuluma ngezilimu." U Theodare Epp. uthi loluhlelo lomoya selwenze into enkulu ekuhlanganiseni amaRoma nezinye inkonzo." Iphepha okuthiwa yi Present Truth ka Nov. 20, 1972. Letshise kakhulu inkulumo ka Bishop Alexander Zaleski waseRoma, othi: "Mhlawumbe umzamo wethu omkhulu wokuqeda lomoya wezilimi phakathi kwethu thima MaRoma kuzofuneka ukuthi sigcine laba ababakhonaemthandazweni, naba ... Bayathanda ukufunda iBhayibhili kanti futhi laba abanye bayaluzwa nokholo abanlo Kungathi impela baqalise isimo sobungcwele njengokukhathaza empilweni naskwazini kakhulu maqondana nesiphambano (Rosary) (Ukugcizelela into yabo).

"Umpristi wase Sheshi kanye nomfundisi wase Assemblies of God bazoqhuba inkonzo yokuphilisa izinsuku ezintathu e St. John Episcopal Church Ketchikan, Alaska, Daily News Maqondana ne Blue-Print ka 1972 World Tongues Convention. (Inhlanganiso yomhlaba wonke Okhuluma Ngezilim). Eyabe iphethwe yi Pentecostal Full Gospel Business Men's Fellowship, eyahlangana e San Francisco. Omunye wezikhulumi eziqavile kwakungu Fata Joseph Fulton, ongu mfundisi webandla le Blessed Sacrament Catholic Church, e Seattle, Washington), okunguyena oyisikhulumi esikhulu esimele AmaRoma anomoya Catholic Pentecostal movement.

Lalela amanly amazwi omfundisi wase Roman Catholic osenqabeni (Monastery) yase Camillien

monestery, Sherbrooke, Quebec, Canada: uthi "Ngiyakholwa yiNkosi. UYesu Kristu. Ngabhabhadiswa. Ngithembekile futhi ngizinikele kuKristu pho, yini umahluko uma ngizihlalela ngingumRoma? Akukho mahluko. Kimi akukho mahluko noma ungaba ngumRoma noma yiliphi iHlelo. Into enkulu ukuthi nje umuntu akholwe kuJesu Kristu njengo Msindisi wakhe. Uma omunye enlangana nomunye kulaba abanomoya noma ngumRoma, noma nguMKrestu, siyahlangana ngoba simunye ngoba awukho umehluko. Sekukaningi njalo ngamasonto ntambama ngiya esontweni ngithandaze kanye nebandla lama French Pentecostal Church. Kodwa-ke kuqala ekuseni ngiya enkonzweni yami ngigcwalise izifiso zami njengomKrestu ongumRoma Christian Roman Catholic ngifike ngikhonze uKristu ebandleni lami ekuseni. Beseke ngihamba ngiyohlangana namanye amaKrestu, kodwa-ke angiyieaki ingubo yami yobufundisi, kodwa ngivele ngigaxe isiphambano sami ngifake ne ringi yami." - Lawomazwi siwacaphune encwadini okuthi yi: - Gospel Witness ka May 3, 1973. Lombhali wencwadi engenhla uyabonisa ukuthi yena uya kanjani kwezinye izinkonzo njengoba yena esenqabeni yama Roma. (Catholic Monastery). Abangani babo ababeza kulemvuselello yomoya kodwa iningi labo lalingaziphethe kahle maqondana nezimilo zabo ngenxa yokuthi yena kanye lona owabe ephethe lenkonzo wabe enabangani bakhe ababe sizanan naye omfoka Giroux igama lakhe kwakungu Camillien Gaeten Giroux kanye nabangani bakhe. Kwathi ukwamukelana kwabo kwaba thelela nabanye ngesifo esibi ngenxa yobungani Babehlala benomsindo, bebhema kakhulu ugwayi, ingafani nento abayishumayelayo.

Ngo August odlule Kwakuhlangene imvuselelo yezizwe zonke eyabe ibizwa ngokuthi Ingqungquthela Yokuhlaziywa koMoya. "Charismatic Renewal" eyabe ihla nganele emaRomeni endaweni yase Grand Rapids, e Michigan. Babengaphezulu kuka 11,500 ababekhona kuleyonkonzo. Kwathi umeluleki omele iqembu lama Roma ongu, Auxilary Bishop Joseph McKinney, watshela iqembu lakhe wathi, "Siyamdinga uPetro ... Kufanele sibathande abaholi bebandla, nomake kwakunganakiwe ukuthi ngubani ongumholi webandia ... Akusiyo intando kaJesu Kristu ukuthi lemvuselelo yethu yeziphiwo zikaMoya ukuthi ibange ukwehukana, nokungezwani, hayi ningasuki nina lapha emaRomeni. Kufuneka sibe munye nathi lapha emaRomeni ukuze sikwazi ukulihlaziya lelibandla lethu i Roman Catholic Church." - Lawomazwi siwathola encwadini ekuthiwai, Gospel Witness ka May 3, 1973.

I Gospel Witness yabuya yachaza namazwi ka mhlonishwa uDr. Henry Pitney Van Dusen owayefundisa e Union Theological Seminary owathi, "Ubukhona balenkonzo yokukhuluma ngezilimi (Pentecostal) phakathi kwethu kungathi yenza umzamo omkhulu ekuhlaziyeni ibandla lethu ukuze libe nokukhulu ebuKrestwini. Ngezikhathi ezizayo abasilandelayo bayobanakala ngisho nasemlandweni njenge "true reformation" "okusho ukuthi abalungisi beqiniso" (abangalinganiswa nalaba baka 16th century) ababalelwa ekuthi sekungabesithathu ebuKrestwini bomhlaba (Protestant - Catholic - Pentecostal).

"Incwadi enamakhasi ayishumi nesithupha, enalombuzo, "Ngabe Loluhlelo LoMoya Lungalihlaziya ibandla?" Lelobhuku laqala ukuthengiswa ngo ngo February lithengiswa Yinhlangano yamabandla Omhlaba, World Council of Churches. Ibhalwe ngu Father Emmanuel Sullivan. Kwathi amadodana ayezinikele ekubeni ngabaholi bazwakala bethi, Lendlela yezilimu neziphiwo ibonakala ngathi impela "Iwuphawu olukhulu endleleni eyisibonakaliso sokuthi impela ... bugcwale futhi bubonakale ubunye obukuKristu." Yaphuma ebhukwini i Gospel Witness ka May 3, 1973.

Impikiswano onkulu malunga nalomoya weziLimi.

Phezu kwalezo zibonelo ezingenhla zalomoya wamadlingozi abantu abaloku bethelelana ngawo ukukhuluma ngezilimi phakathi kwamahlelo amningi ahlukene. Yimpikiswano enkulu yalomoya ongatholakali elizwini leNkoni (IBhayibhili). Uma ngabe impela lamalunga ase Roma ethole uMoya weqiniso pliela afanele ukuthi abonakale kodwa ngoba bathola uMoya wmahlelo nje ongaphumi kuNkulunkulu kodwa ukuba ngoka Nkulunkulu bebezophuma phakathi kwamahlelo angahambi ngezibhalo njengoba kusbo izwi lika Nkulunkulu lifundisa encwadini yabase 2 Korinte 6:17-18. Uma ngempela lababantu bebethole uMoya Ongcwele bebezolithobela izwi lika Nkulunkulu.

Ukuchazwa Kwama Gama

Ukuze siqondisise kahle izwi likaNkulunkulu maqondana nalemfundiso yezilimi njengolimi olukhulunywayo kufanele ukuthi sizwe kahle ukuthi igama ngalinye lichaza ukuthini.

"Charisma" leligama litholakala izikhathi eziyi 17 eTestamenteni Elisha lesi Greek. Nxa lichazwa lisho. Ukuthi "isiphiwo" "gif t" kanti izikhathi eziyisbumi nesihlanu lisho isiphiwo, kodwa enzindaweni ezimbili lisho "ispho samahala" "free gift." Loku kuyiainiso ukuthi lawomazwi atholakala kuphela ezincwadini zika Pawulu. Walisebenzisa encwadini yabase Roma 6:23, ethi "isipho" sika Nkulunkulu singukuphila okuphakade ... waphinda futhi wali sebenzisa izikhathi ezinhlanu 5 times kuma 1 Korinte 12, lapho ekhuluma khona "ngeziphiwo" zikaMoya kunye neziphiwo zezilimi. Namhlanje sesizwa kakhulu ngalezizimfundiso zeziphiwo okuthiwa yi "Charismatic" revival or renewal. Namhlanje labobantu bagcizelela kakhulu ngokukhuluma ngezilimi nangokuthi bayaphilisa, kodwa bangazinaki ezinye iziphiwo ezibaliwe eTestamenteni eLisha.

"Glossa" litholakala izikhathi eziyi 50 eTestamenteni eNtsha liyigama lesiGrike lase liguqulelwa esingisini lisho ukuthi "izilimi" "tongues" ewonke angama shumi amahlanu 50 times. Izikhathi eziyishumi nesithupha 16 kuthiwa ulimi luyisitho somzimba. Kwenye indawo kuthiwa izilimi "ezinje ngomlilo" lezoke ezazwakala ngosuku lwe Pentekoste. Kanti kwezinye izindawo ezingama shumi amathathu natahu 33 kukhulunywa nje bgezilimi ezitholaka encwadini ye Sambulo 10:11. "... kubantu abaningi nezizwe, nezilimi ..." Lamahlelo ezilimi azibiza ngokuthi bangama "Glossalalia movement" bona bathi-ke bakhuluma ngezilimi njengoba kwakunjalo ngosuku lwe Pentekoste.

"Ezingaziwayo" ulimi olungaziwayo alitholakalu lapha eBhayibhelini. Ayikho neyiyodwa indawo lapho kukhulunywa "ngolimi olungaziwayo." "Olungaziwayo" lubhalwe ngendlela ebonakalisa ukuthi Iona owayeguqula ulwimi lwesiGriki wazifakela yena ngokwakhe lapho ethi olungaziwayo kodwa kwabe kungekho ezincwa dini zesiGriki kodwa kwenezela yena owabe etolika (kanti nakhona lapho uyasho ukuthi lona alakhi lutho ebandleni kodwa lenza isiphithiphi kwabalaleleyo). Lonke ulimi olwalukhulunywa eTestamenteni eLisha kwaku wulimi oluzwakalayo olukhulunywa ngabantu abathile noma mhlawumbe yisizwe esithile. Ayikho neyiyodwa indawo lapho sizwa khona izilimi zasezulwini, noma mhlawumbe ulimi ulu ngezwakali lapha eTestamenteni eNtsha.

Izibonelo Ezintathu Zezilimi eBhayibhelini

Uma nje ulallele abantu abakhultima ngezilimi, ungaze ucabange ukuthi ziningi kakhulu izindawo lapha eBhayibhelini eikhuluma ngokukhuluma ngezi limi. Kanti cha, akunjalo kukhona izindawo ezintathu nje lapho uNkulunkulu ebonisa ngabantu abakhuluma ngezilimi. Futhi babengazi nokuthi bathini.

1. EJerusalema Ngosukii Lwe Pentekoste. (Izenzo 2:)

Usukii lePentekoste kwakuwusuku lapho kwakuba khona umkhosi wamaJuda ayewenza njalo emva kwezinsuku ezingama shumi amahlanu 50 days lidlulile iPhasika. Umoya oYingcwele wafika waliqinisa ibandla ukuze likwazi ukuba mbisa ivangeli emhlabeni wonke. Alikho futhi iPentekoste elaphinde lafana naleli elenzeka encwadini ye Zenzo 2, kanti futhi asizange sifundiswe ukuthi sibuye silindele elinye futhi. Ngosuku lwe Pentekoste isiprofetho sika Johane umbhabhadisi sagcwaliseka, "Yena (uKristu) uzakunibhabhadisa ngoMoya oyiNgcwele ... Luka 3:16. UPetro yena wathi ngomhla wePentekoste, kugcwaliseka amazwi kamprofethi uJowel iZenzo 2:16-21 bheka ku Joweli 2:28-32.

AmaJuda akholwayo ayevela ezizweni eziningi ayekhona eJerusalema. Labobantu babehlala ezindaweni nezizwe ezahlukeneyo okungangokuthi base belufundile nolimi lwezindawo abaphuma kuzo. Kwathi intshumayelo nezifundiso abazizwayo ngosuku lwe Pentekoste kwenziwa ngama Galile, "Kwathi lowo nalowo muntu wabezwa bekhulu ngolimi lwakubo."

Izenzo 2:6-8. Izizwe eziyishumi nesithupha (16 Languages) okukhulunywa ngazo evesini ka 9-11 bonke labo babezwa laba abangama Galile bekhuluma ngezilimi zakubo.

Akekho futhi omunye kodwa abase Galile bodwa abemukela isipho sokukhuluma ngezilimi ngosuku lwe Pentekoste. Bonke abanye ababekhona abazahge bakhulume ngezilimi. Eqinisweni kuyabonakala ukuthi kulabo babekhona akakho futhi omunye owaphiwa lesisipho sokukhuluma ngezilimi ngaphandle kwamaGalile aye ngaba Postoli baka Jesu kuphela yibona bantu abamukela komoya wezilini. Ayikho futhi enye indawo lapha eBhayibhelini okubhalwe kuyo ukuthi abantu nabo babefuna ukukhuluma ngezilimi nawini, naphina akuzange kwenzeke nanga siphi nje isikhathi.

Izilini zasebenza ngezinjongo ezimbili ngosuku lwe Pentekoste. (1) Kwabe kuyisibonakaliso kumaJuda (nakulabo abafuna izibonakaliso). 1 Kor. 1:22. (2) Kwakwenzelwa ukuba bakwazi ukushumayeza amaJuda aphuma kwezinye izindawo ababekhona eJerusalema kulomkhosi. Ake ubone nje lesisenzo eihle kangaka sokuthi onke lamaJuda azalelwa kwezinye izizwe nawo ahambe elizwile ukuze ethi ebuyela emakhaya afike alitshale ivangeli alizwileyo ngosuku lePentekoste. Lonke ulini olwabe lukhulunywa ngosuku lwe Pentekoste kwabe kuwulimi olu zwakalayo kwabanye ababekhona. Lwalungekho ulimi "olungaziwayo." Futhi bonke laba ababekhuluma ngezilimi babengakhulumi bonke ngasikhathi sinye, ngoba kwakungekho muntu owayengabezwa ukuthi bathini.

Akubhalwangwa ndawo futhi ukuthi kwabuye kwaphinde futhi ebandleni lase Jerusalema kwezakala sebebuya beKhuluma ngezilimi futhi. Kukhulunywa kakhulu ngeBandla nenkonzo yalo, kodwa lutho nje ngezilimi.

2. Emva Kweminyaka Emithathu Endlini ka Khoneliya. (Izenzo 10:34-48)

UKhoneliya wayengumTaliyane ongasindiswanga engowezizwe futhi wabe eyinduna yekhulu "Centurion" ehola izimpi zama Roma. UPetro wayetbunywa ukuthi ayomtshela ngoku sindiswa kwakhe (Izenzo 11:14). Kwathi esashumayela ivangeli bakholwa, basindiswa. (Kushiwo uKoneliya kanye nendlu yakhe). Ngaso lesosikhatbi bamukela "isiphiwo sikaMoya oyiNgcwele", base beqala ukukhuluma ngezilimi, "bamdumisa uNkulunkulu." lzenzo 10:45-46. Abazange bazithandazele izilimi, futhi abazicelanga, futhi babe ngazilangazeli, kodwa yisiphiwo sika Moya wokukhuluma ngezilimi. Kwabona futhi babengazange kebezwe nje ngesiphiwo sezilimi.

Lesisenzo sibonisa iziphiwo zikaMoya nakwabezizwe njengoba kwakunjalo nakumaJuda ngosuku lwe Pentekoste. Ngaphezu kwaloko, lezizilimi zaziyisibonakaliso" kulamaJuda ayisikhombisa uNkulunkulu efuna ukuthi abone ukuthi kanti nabezizwe uyabathanda nabo njengawo amaJuda. Izenzo 10:45-46; Izenzo 11:12. Babuyela eJerusalema bafika bafakaza ngokuthi uNkulunkulu wenzenjani kwabezizwe. Izenzo 11. Kodwa abazange bayibize leyonto ngokuthi iPentekoste labezizwe, labo-ke abayenzayo lento namhlanjeimpela bayaphazama.

Akungatshazwa ngezilimi eziningi ezabe ziningi nakubo, njengoba kwakunjalo naseJerusalem ngosuku lwe Pentekoste.

3. Ngemuva Kweminyaka Engashumi amabili nambili Efesu. (Izenzo 19:1-7)

Amadoda ayishuni nambili ezweni lase Efesu ayethi angabafundi futhi babhabhadiswa ngobhabhadiso luka Johane uMbhabhadisi. Wababuza uPawulu, wathi, Namakela nje uMoya oNgcwele seloku nakholwayo na? Ivesi yes ibili iyabonisa ukuthi babethembekile futhi bengazilutho ngempela ngoMoya oyinGcwele nanokuthi emva kokubhabhadiswa ngu Johane kwabuye kwafundiswa njani. Lokho kuboniswa yimpendulo yabo bethi, asizwanga nokuzwa nje ukuthi kukhona uMoya oyiNgcwele." Ukuba babeyazi intshumayelo kaJohane nobhabhadiso lwakhe babe yokwazi nangoMoya oyiNgcwele njengoba uJohane waku shumayela kokubili ngoJesu. Bheka ku Johane 1:26-34.

Esashumayela nje uPawulu bakholwa, basindiswa futhi. Ngaso lesosikhathi uPawulu wababeka izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo baqala ukukhuluma ngezilimi, bapholofitha." Kodwa abafunanga ukukhuluma ngezilimi, kodwa kwabe kuyisibonakaliso kuba Juda njengoba sesike sasho futhi kwezinye izindawo ezimbili.

4. Yini Indaba Izilimi Zingathintwanga Kwezinye Izindawo Na?

Njengoba nje kuqedwa izilimi eKorinte (sizobuye sixoxe ngazo khona manje). Asikho nasinye futhi isgamekho lapho kukbulunywa khona ngezilimi eBhayibhilini lilonke.Ngesikhathi okwabhalwa ngaso incwadi yokuqala yama Korinthe njengoba yabhalwa ngo 57 A.D., kwakukhona izincwadi ezine kuphela eTestamenteni Elisha ezabe sezibhaliwe yilezi:- Ngokuka Mathewu, Marko, Luka, kanye nabokuqala nabesibili kuma 1 & 2 Thesalonika. Kanti-ke zimbili kuphela izincwadi eziphatha indaba yokukhuluma ngezilimi yincwadi ye Zenzo kanye nabase Korinte bokuqala.

Incwadi yezenzo yabhalwa ngo 65 A.D. kanti yona izithinte kathathu izphiwo zezilimi "tongues". AbaseRoma, abaseKorinte besibili 2 Korinte, kanye naba se Galathiya zona zabhalwa ngo 60 A.D. Emva kwalokho akukho ndawo lapho kuphathwa khona indaba yezilimi. Abase Efesu, abase Filiphi, kanye nabaseKolose zona zabhalwa ngo 64 A.D. Nakuzo futhi akuphathwa ndaba yazilimi. Kanti eka Thimothew yokuqala neyesibili kanye neka Thithu zona azaziwa ukuti zabhalwa ngasiphi iskhathi, kodwa nakuzo futhi akukhulunywa lutho ngezilimi. EkaFilemon yona yabhalwa ngo 64 A.D. AmaHebheru ngo 70 A.D. Eka Jakobhe yabhalwa ngo 62 A.D. 1 Petro wokuqala wabhalwa ngo 60 A.D. Kanti eyesibili 2 Petro yabhalwa ngo 66 A.D. Akukho ndawo nakuyo ephatha isiphiwo sokukhuluma ngezilimi. 1, 2, 3 Johane zona zabhalwa ngo 90 A.D. Eka Juda ngo 66 A.D. Eye Sambulo yona yabhalwa ngo 96 A.D. Kanti nakuzo futhi lezi akukho ndawo lapho kukhulunywa khona ngesiphiwo sezilimi.

Kubonakala ngathi lento yezilimi yaphela ukuba kwakumele ukuthi ziqhubeke ngabe kwaphindwa kwabhalwa futhi nakwezinye izncwadi eziNgewele. Isikhathi esikhulu sika Pawulu ekuhambeni kwakhe njengomthunywa (missionary) kunikeziwe encwadini yeZenzo nakwezinye izincwadi zakhe, kodwa akukho lapho kuphindwe khona kwathintwa indaba yezilimi, ngaphandle kwalezi esesivele sizibizile ngamagama.

II. Ukubaluleka KweziLimi

Isiphiwo sokuKhuluma ngezilimi kusho ukuthi kwakuzokuba esomzuzwana (temporary), njengoba kubhaliwe ezincwadini ezimbili njengoba sithola encwadini yama 1 Korinte 12:8-11 no 28-30. Kanti kwezinye f uthi ezabhalwa emva kwaloko akubange kusakhulunywa ngezilimi nakancane nje. Bheka kwabase Efesu 4:8-12 nakuma Roma 12:4-8. Akukho futhi lapho kubhalwe khona ukuthi izilimu "ziyizithelo zikaMoya", Kuma Galathiya 5:22,23.

Kanti ngisho nakuwo ama I Korinte 12. Lapho izilimi zibaliwe khona kodwa zingenzansi kwaloludwendwe, ukuze zibonise ukubaluleka kwecebo lika Nkulunkulu.

III. Ukuphela KweziLimi

Uthando (Love) alusoze lwaphela: ko dwa noma ngabe kukhona ukuprofetha kuyakuphela; Nokuba kuyizilimu ziyakunqamuka; nakuba kuyakuba ulwazi luyakukhawuka. Ngokuba sazi ingxenye, siprofetha ingxenye, kepha nxa sekufike okupheleleyo loko okuyinxenye kuyaku khawuka". 1 Korinte 13:8-10. Lamazwana ambalwa nje ngawokuchaza ngalamazwi atholakala encwadini engenhla.

"Ukuprofetha" kubonisa ngomsebenzi womprofethi othole isambulo esiphuma eNkosini. "Ukukhawuka" loko akusho ukuthi ezinye zeziprofethi eziNgcwele ezazembulwe ngokuphefumulelwa okuNgcwele azizuku gcwaliseka, kodwa kusho ukuthi akuseyo kuba khona sidingo lapho izwi leNkosi seliphelelisiwe khona. UJohane wabhala isiprofetho sokugcina lapho wayese siqhingini sasePhatmose, lapho abhala khona ngo 96 A.D. Ngenxa yaloko asisekho isidingo sesinye isiprofetho ngoba uJohane usewenzile lowomsebenzi.

"Izilimi ... ziyakuphela" Izilimi, lapho kuchazwa ngesiphiwo sokukhuluma ngezilimi(languages) ziyafundwa esikoleni namhlanje. Azitholwa njengesipho nje. Ukuba zitholakala njengesipho ngaphandle kokuba zifundwe awu ngabe bayasikala kakhulu abathunywa (missionaries) njengoba evele athunyelwe emazweni angawaziyo nokuthi akhuluma luphi ulimi uma kukhulunywa. UNkulunkulu wathi "izilimi ziyokunqamuka, ngempela kwaba njalo, Yini indaba? Ngenxa yokuthi azisafuneki ngoba sesinezwi likaNkulunkulu libhaliwe ngazo zonke izilimi.

"Ukwazi ... kuyakukhawuka." "Ulwazi" kuchazwa isambulo sabe sidingekile ukuze kugcwaliseke izwi leNkosi. Kodwa ngemva kwenewadi yokugeina ye Bhayibheli seyibhaliwe "ulwazi" Iwaphela ngenxa yokuthi sekuphelele ngezwi leNkosi.

Leyoncaciso iqinisiwe evesini ka 9, lapho kuthi "Ngokuba sazi ingxenye siprofetha ingxenye. Ngesikhathi uPawulu ebhala lencwadi kwakuseyingxenyana encane kakhulu eyabe isabhaliwe eTestamenteni Elisha ngoba zabe zibhalwe "ngolwazi nangesiprofetho" ngenxa yaloko sasisekhona isidingo seziphiwo kuze kufike ekutheni umsebenzi wokubhala elizwi leNkosi uphelele.

"Kepha nxa sekufikile, okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyaku khawuka." Vesini 10. "Okupheleleyo" akukhulunywa ngo Jesu lapho njengoba abanye bethanda ukuthi nicabange kanjalo. "Leligama" adjective (lisebenza njengesabizwana. (Noun) Kodwa lisho ukupheleliswa kwezwi leNkosi. Omunye wababhali ui William G. Bellshaw, Th.M. uthi ekupheleni kwe Testament eLisha izilimi nokuprofetha akubange kusadingeka. Leyo ncazo siyithola evesini ye 10. Yaze yagcizelelwa nangu Merril F. Unger beno Roy L. Laurin ezincwadini zabo ezi chazisayo (commentary) kwa bokuqala base Korinte.

VI. Umthetho WeziLimi

Siqeda kusho nje ukuthi izilimi zaphela, njengo kwezibhalo, kodwa into okufanele ukuthi siyikhumbule yilena yokuthi kodwa ngesikhathi uPawul ayebhala ngaso ebhalela iBandla lase Korinte izilimi Zazi ngakapheli. Izilimi zazivumelekile, kodwa lelibandla lalingazisebenzisi ngendlela izilimi. Khumbula ukuthi zonke izincwadi ezazibhalwa ngu Pawul kwabase Korinte bokuqala wayebhalela ukulungisa okuthile njalo, njengoba base bejike nesidlo seNkosi basenza into yokudakwa. Eqinisweni uPawul wayehlala ngokulungisa zonke izinto ezingahambi ngendlela ebandleni ikakhulukazi uma sifunda yonke incwadi yokuqala yabase Korinte.

Kwabase Lorinte bokuqala isahluko 14, uPawul ubonisa indlela eqine kakhulu mayelana nokusetshenziswa kwezilimi, njalo nje simthola evukelana nalabo abasebenzisa izilimi ngendlelaengalunganga. Siyaphinda sithi izilimi zaphela. Nakanjani, ukuba zisekhona nanamhlanje, ngabe kubhaliwe ngazo. Noma namhlanje iqiniso elimsulwa lokuthi lababantu abathi basebenzisa izilimi namhlanje benza sengathi abayazi leyonto, beloku benza izimpikiswano ngenxa yalezilimi esizibonanamhlanje. Kulungile, ake sithi ukuhlolisisa lemithetho elandelayo maqondana nezilimi.

(Kliumbula-ke ukuthi leligama elithi "ezingaziwayo" alikho esiCrikini kodwa lalisezincwadini zakudala yiyo lento likilezelwe) (italics).

1. UPawulu wayefuna ukubabonisa ukuthi ukuprofetha kuyakha kakhulu kunoku khuluma ngezilimi. Vs 1-6.

2. Waze wabafundisa nokuthi noma ngabe icilongo uma likhala ngendle la engaqondakaliyo isigcino kuvela isiphithiphithi. Vs 7-17.

3. Amazwi amahlanu azwakalayo angcono kunenkulungwane yamazwi angazwakaliyo. Vs 19.

4. Izilimi zazayisibonakaliso (kumaJuda). I Kor. 1:22, nakwabangakholwa kodwa zingenzelwa ukujabula nje kwabakholwayo. Vs 22.

5. Amazwi angachazekiyo aphuma emlonyeni womuntu oqonde ukwenza isi phithiphithi ebantwini abangafundanga futhi abasuse eqinisweni. Vs 23.

6. Bangabi ngaphezu kwabathathu abantu abakhuluma ngezilimi enkonzweni, futhi bakhulume ngokudedelana. Vs 27. Kodwa laba namhlanje abathi bakhuluma ngezilimi abayenzi leyonto bakhuluma bonke kanye-kanye.

7. Ukuba babengekho ebandleni abantu abakwazi ukuhumusha okukhulunywa yilona okhuluma ngezilimi, babengeke bakhulume ngazo ebandleni. Vs 28.

8. Kwakungafanele ukuthi kube khona isiphithiphithi ebandleni ngoba, "UNkulunkulu kasiye oweziphithiphithi ... Vs 33. Isiphithiphithi sibonakala kahle kulezinsuku uma behlangene ezimvuselelweni zabo bese beqala ukukhuluma ngezilimi.

9. Abesifazane babehgavunyelwe ukukhuluma ebandleni, ngezilimi noma ngolimi lwakubo nje babengavunyelwe. Vs 34,35. Sekuyinto eyaziwayo namhlanje ukuthi labo bezilimi bathi kulungile nabo abesifazane ukuthi bakhulume ngezilimi noma bashumayele, noma ngabe yikuphi bakwenzayo phakathi kwaloku kokubili namhlanje ubovele wazi nje ukuthi akuphumi kuNkulunkulu.

10. "Konke (kumele) ukuba kwenziwe ngemfanelo nangenhlelo." Vs 40. Lombhali walencwadi wabe ekhona ngesikhathi bekhuluma ngezilimi baze bembuleke nobuze babo ngesikhathi kuthiwa baphethwe yilomoya wezilimi.

Uma ngabe izilimi zivumelekile nanamhlanje kufanele ukuthi yonke lemithetho engenhla ilandelwe njengoba injalo ukuze kube yiyona abaphatha ngayo uhlelo lwenkonzo.

V. Okokugcina

Uma ngabe izilimi namhlanje azikho ezibhalweni, pho yini indaba kugcizelelwa kangaka ngazo nxa kufundiswa. Kukhona imithombo eyehlukeneyo yezilimi. (1) EziNgcwele - (Divine) Noko sesike saxoxa kabanzi ngatezo. (2) EzikaSathane - (Satanic) (3) Ezisuka engqondweni yomuntu (Psychological) (4) Ezokuzenzela (Ezokwenziwa) (Fakery). Siyakholwa ukuthi njengoba sekunjenna nje emhlabeni kungenxa yalezizinto esesizibalile ngenhla ikakhulukazi lezi ezintathu.

Namhlanje Kukuphi Lapha Zande Kakhulu Khona Izilimi?

(1) Kulapho iBhayibheli 1ingafundiswa khona/nalapho lingaqondisiswa kahle. (2) Lapho abantu befuna imibono yabo nokuthi bazizwe besemoyeni, ngaphezu kokufuna iqiniso elise Bhayibhelini. (3) Kubantu abahlaliswe ekubandeni kwenkonzo nentshumayelo yakhona enga zwakali emabandleni esimanje. (4) Lapho iqiniso lithelwa ngamanzi lize life. (5) Kubahtu abalahlekileyo abafuna inkolo ebonakalayo.

Ukufuna ukukhulela entweni ephikisana nezwi likaNkulunkulu kuyingozi enkulu eyenzeka emntwini. Ngani? Ngokuba kuvula kakhulu isango lezimfundiso ezililubukisayo nokuphikisana, kugcine ngokugcwalisa ingqondo ngezinto eziyiphutha nezifundiswa ngabantu abangamesabi uNkulunkulu ... "Ngezikhathi zoku gcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni benaka omoya abadukisayo. I Thimothew 4:1. Usathane uyakwazi ukuziguqula. Bheka kulezincwadi ezilandelayo: 2 Kor. 11:13-15; 1 Johane 4:1; Isaya 8:20. Usathane uhlala elungele ukusizana nalaba bantu abafuna ukukhuluma ngezilimi bese usathane enza sengathi bakhuluma lezi ezi seBhayibhelini, njengoba ubona bebaningi kangaka abantu abafuna lowomoya.

Akukho sidingo sokuthi noma ubani afune, ukubhabhadiswa ngoMoya OyiNgcwele namhlanje". Noma yimuohi okholwayo ezelwe ngokusha unoMoya ONgcwele, Bheka ku 1 Kor. 6:19-20; AmaRoma 8:9. Yebo, siyafuna ukugcwaliswa ngoMoya, kodwa loko akucelwa, awuhlali okanye uncenge, kodwa kuyazenzekela ngenxa yokuhlala nokuzinikela eNkosini

No comments: