Tuesday, April 29, 2008

UKUBA NGUMHLOBO KANKULUNKULU

0090 - Zulu

Ubuphathiswa

Eminyakeni eminingi eyadlulayo ngake rigezwa intshuniayelo eyayisihloko sithi "Isono Esikhulu Esibulele amaKrestu". Ngamangala ukuthi kazi lomfubdisi uqonde ukuthini, ngabe isiphi lesisono onke amaKrestu onke asialile, kodwa ngabona ukuthi isiphetho, sakhe sabe silungile wathi isono sethu esikliulu esokungazinikeli nqnkuphelele kuNkulunkulu, ukungaziniseli kwetliu ukuba uNkulunkulu simnike indlela yokuba asibuse-ukuzinikela ngayo yonke impilo yethu.

ImPela nami ngakholwa, ukuthi sonke thina maKrestu kumelwe ukuba sifundiswe kakhulu ukuthi sifunde ukuthi okokuqala ukuthi sibheke yiziphi zona lezizinto zokuqala.

Kwathi emuva kokuba ebatshelile abafundi bakhe ukuthi bangakhatahazeki ngokuthi bazodlani, bazophuzani, bazonibathani (Mathewu 6:25-32). UJesu wathi "Funani kuqala unibuso kaNkulunkulu kanye nokulunga kwawo" wase ebathembisa ukuthi Yena uzobanika konke abakudingayo njengokweswela kwabo.

Loimnqamula juqu wamazwi kaJesu aphuma ezindebeni neNkosi asho kuphela into eyodwa: OkukaNkulunkulu makube phambili ngaphezu kwezinto zonke, thina kufuneka sizinikele ngokugcwele kuye, Kufuneka simnike okuyona ndawo yokuqala lapha empilweni yethu.

Okokuqala uNkulunkulu akufunayo kithi ukubasonke isikhathi esinasyo sisisebenzisele olwakhe udunio ngoba vele nguye Iona ophethe isikhathi sokuphila kwethu. Iminyaka esinokuyiphila lapha emhlabeni siyiphiwa nguye futhi isezandleni zakhe. UNkulunkulu ufanele ukuba awafune amandla ethu ngoba lempilo esisebenza ukuze sithole amandla siyiphiwa nguye, futhi nguyena oyilaawulayo. UNkulunkulu ufanele ukuba ayifune nengqondo yethu yonke ngoba usiphile amathalente okuba siwasebenzise ayizinhlobo ngezinhlobo, zemisebenzi asiphe yona.

Kanti okulandelayo ukuthi uNkulunkulu unalo ilungelo lokufuna i zimali zethu kuqala ngoba lezimali esiziholayo sizihola ngoba kuyiwona umphumela wokusetshenziswa kwesikhathi lesi asiphe sona, kanye namandla, nengqondo lena uNkulunkulu asiphe yona.

Okuyiyona nkinga yethu, ilena, okwami nokwakho - yikona okubonisa UNkulunkulu ukuthi unalo ilungelo lokuthi lezizinto azifune kithi ngoba zingezakhe. Futhi unalo igunya asibuze ukuthi ngengqondo asiphe yona senzeni ngayo, nangempilo esiyiphilayo, nokuthi siziphatha kanjani izindaba zethu.

Ukuba besingambeka phambili uNkulunkulu njalo ngosuku kufanele ukuthi sibe nalo ithuba lokuthi sifunde Izwi lakhe futhi siphile impilo yokuthandaza njalo. Kuze amandla ethu nengqondo zethu zisebenzele ukuthi simfakazele yena ukuze simsebenzele njalo ngazo zonke izinsuku zokuhamba kwethu siphila.

Kodwa uma singazinikela ngazo zonke lezizinto kodwa imali yethu siyifihle, Ngabe silahle indlela okuyona ngxenye yokukhula kwethu ebuKrestwini bethu. UNkulunkulu akasoze ahlala empilweni yethu ngaphandle kokuba aze ahlale nase maphaketheni ethu. UJesu wagcizelela kakhulu ngaleliqiniso ethi, "Lapho kukhona ingcebo yethu kulapho nenhliziyo yethu ikhona."

Umsebenzi Wethu Maqondana

Nnemaii Yethu

Ubuningi bethu, into okuyiyona ngxaki yethu enkulu ukuzinikela kanye nezimali zethu. Kulula kakhulu ukuba siyiqonde lento ngoba uma sicabanga kahle lemali esiyiholayo kungenxa yempilo yethu isikhathi sethu - amandla ethu - kanye nengqondo yethu, lezozinto zenza kube khona imali.

UNkulunkulu ufuna ukuthi sihlale sikwazi luku, ukuthi konke lokhu esinako kuvela Kuye - Nguye osinika isikhathi, amandla, ingqondo, lena esihola ngayo lemali esiyifumanayo. Uma sesiyihlahlela okokugcina lendaba masivume ukuthikonke lokhu esinakho kuvela kuNkulunkulu futhi kungokwakhe. Ukuze simazi ukuthi nguyena umdali wethu thina singabakhe, kanti nakho konkeasiphathise kona kungokwakhe, izwi likaNkulunkulu liyasifundisa ngokusobala ukuthi kufanele ukuthi sibeke eceleni "okweshumi" okuncane kulokho esikufumene - si kunikele kuye sabelane naye - sikusebenzisele ukumdumisa nokuthi umsebenzi wakhe uqhubekele phambili ukuze sisize nalabo abayizisebenzi zakhe.

Icala Lethu Ngokweshumi

UNkulunkulu esaqala ukwenza amaJuda nabantwana bakwa Israeli ukuba babe yisizwe wabanikezela umthetho wathi, "Konke okweshumi komhlaba ngokwami noma ngabe kuyimbewu, yomhlaba noma izithelo zezihlahla ezami; Kungcwalisiwe yimikungcwele kuJehova." (Levitikus 27:30).

Qaphela lamazwi athi "kungo" kweNkosi. Lawamazwi abeka ngokusobala ukuthi kwakuthi noma kade beyovuna kodwa bazi ingxenye yokweshumi ngeyeNkosi futhi lezizinto abazivunayo vele ngezeNkosi.

Lombuzo ulokhu usahleli uyavuka ezinhliziyweni zabaningi wokuthi, ngabe lomthetho wokweshumi nathi thina abakholwayo kufanele ukuthi siwenze? Yiqiniso uthando lwethu kuNkhulunkulu, ukubonga kwethu kuye ngosindiso asiphe Iona ngeNdodana yakhe, nokubonga zonke izibusiso asenzela zona imihla ngemihla ngesandla sakhe esigcwele umusa kufanele ukuthi sibone sizizwe sifanele nathi ukuthi sibe nento esiyenzayo ukubonga uthando lwake okweshumi kumKrestu yikona kufanele ngezinto uNkulunkulu asenzela zona.

Okweshumi Kungenisa lzibusiso

UNkulunkulu wathembisa izibusiso ezimangalisayo kulabo abathembekile ekumhlonipheni yena ngokwenza okweshumi kwabo kuye. KuMalakhi 3:10 siyafunda lamazwi athi, "Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo, Ningilinge ngalokho ukuthi ngeke nginivulele amafasitela ezulu nginithulule izibusiso ukuze ningasweli lutho.

Kudlule eminyakeni engamashumi amabili nanhlani ngikhuluma namaKrestu ukuba enze okweshumi. Bonke engihlangana nabo abanikela ngokweshumi ngokwe thembeka bancome okungenayo uNkulunkulu ababusise ngakho seloku baqala ukwe thembeka kuye maqondana nokweshumi. UNkulunkulu makabe phambili kuko konke okwenzayo ekwenzeni - imali kuyingxenye yokuphila kwethu okusibonisa ukuthi impela uNkulunkulu ungumhlobo wethu kukho konke esikwenzayo. Uma ngabe izinhliziyo zethu nezikhwama zethu singazinikela kuye uyosipha ukuhlakanipha okungapheliyo ukuze sikwazi ukuhlangabezana nezinswelo zethu ezisivukela imihla ngemihla.

Eqinisweni izibusiso ziseinali ngokunjalo nakwezomoya. Umuntu ocabangayo ukuthi isikhathi sakhe, namandla akhe avela kuNkulunkulu lowo uyokuba isisebenzi esitheribekile, ezibekela ukuphakanyiswa, nokukhushulelwa ekuphatheni kwakhe. Isisebenzi noma osesikhundleni esithile owazilo ingqondo yakhe ivela kuNkulunkulu - ofuna uNkulunkulu ngeqiniso empilweni yakhe - uyokuba nenhlanhla emangalisayo aze aphakaniselwe ezingeni eliphezulu.

Kodwa-ke zonke izibusiso zomoya zivela ngokunikela ngokweshumi, okweshumi kubaluleke ngaphezu kwanoma yiyiphi into ekhona, UJesu wafundisa kanje wathi "Ubusisiwe ophayo kunowamukelayo". Kunenkulu intokozo ekupheni nga phezu kokuphiwa. Lemali esiyibekayo namhlanje iyona ehambisa ivangeli lo kuhlengwa kwabantwana bakaNkulunkulu, ngothandosinikelela abahlobo bethu eNkosini, hayi ngokucabanga ngobucebi balelizwe kuphela kodwa sicabange ngentokozo esiyibekelwa ezulwini nobucebi obumangalisayo esiyobufumana ngenxa yokuzibekela kwethu engcebeni yasezulwini.

Ubufakazi Balabo Abanikela

Ngokweshumi

Iningi labantu abadumileyi nabaziwayo kwezemisebenzi nabaholi kwezezimali kwakungabantu bezishumi. UJohn D. Rockfeller waqala ukunikela ngokweshumi ngesikhathi esahola ngesonto (ngeviki). UWilliam Colgate odume kakhulu ngomsebenzi wemithi yamazinyo namhlanje kanye nemisebenzi eminingi eninca nyana. UHershey onenkampani okuthiwa yi "Hershey’s Chocolate" no Heinz onezinhlobo-nhlobo zemisebenzi engamashumi ayisihlanu nesikhombisa nomunye okuthiwa ngu Kraft, yena une Kraft of "Kraft Cheese" umJalimane onomsebenzi wokwakha izicathulo, nobanye abaningi abanezitolo neminye imisebenzi emikhulu bonke babemhlonipha uNkulunkulu ngoba ebabusisile ezintweni zonke abaphathise zona base beba ngabaphathiswa abathembekile.

Baqhubeka njalo nezishumi zabo manje baqala ukuthi babeke okukaNkulunkulu kuqala ngaphambi kokuba basebenzise loko abafuna ukukusebetizisa emisebenzini yabo, konke loku babekwenzela ukudumisa uNkulunkulu bebonisa ukumhlon pha ngokuthi zonke lezizinto abanazo baziphiwe nguye, yilapho-ke babona khona ukuthi okweshumi kungaphezu kwayo yonke into ngezibusiso.

"Singasho ukuthi uNkulunkulu usibusisa ngokumangalisayo. Ngemali esalayo lapho sesikhiphe imali yokweshumi impela sibusiseka ngaphezulu kwesikhathi sisamkhohlisa uNkulunkulu ngemali yakhe singafuni ukumnika okweshumi."

"Ngangiwumfelokazi iminyaka eyishumi awu izinto zonke kimi zazihamba kanzima, kodwa kuyisimangali so engakubonayo mhla uNkulunkulu evula amafastela ezulu ethulula izibusiso zakhe kimi. Ngezimali, nokugula kwancipha, njalo njalo, Ngaqala ukukhipha okweshumi emalini yami kuze kuthi loko okusale kokweshumi kuwenze wonke umsebenzi odingekayo ekhaya. Ngiyakhala ngamaKhrestu angakwazi ukukhipha okweshumi awazi ukuthi alahlekelwe ezingakanani izibusiso ngenxa yokunganikeli ngokweshumi."

"Ngenxa yokweshumi sithola okwaneleyo nokuze sikhiphe kahle nje izikweletu zethu, kungcono kakhulu ngaphezu kwesikhati sisacabanga ukuthi imali eyethu singamniki uNkulunkulu okwakhe. Impela injabulo esinayo ngenxa yezethembiso asethembisa zoma ngokukhulu ukwethembeka kwakhe."

Ukubeka njalo eceleni imali kaNkulunkulu kuqala emalini engiyifumeneyo nienge Themba eliNgcwele Ekunikeleni nokuqhubela phambili umsebenzi webandla lokho kwangenza ngaba nokukhulu nokweneli swa engingazange ngikubone seloku ngaqala ukukhonza lokhu ngaba khona emhlabeni. Ngokwami ukubona ngithi noma ngabe ngubani nje ongake azame ukwenza okweshumi ebandleni unyakanje owodwa ngiqinisile angeke aphinde awuvale umlomo wakhe."

Ukunikela Ngaphezu Kokweshumi

Uma ngabe okweshumi okukaNkulunkulu, Ngakhoke ukunikela kwethu akunaku qala nje singamniki uNkulunkulu okwakhe kweshumi. Nxa uNkulunkulu esibu sisile ngezimali kufanele nathi sibonise intokozo ngothando esimthanda nga lo ngezipho nangeminikelo ngaphezu kwakho konke simnike okweshumi kviakhe.

Kudala ngawo 1935 kwakukhona othize ngakithi owayenguthengisi (salesman) igama lakhe kwaku ngu Coy Langford owanesikweleti sika $500. Waqala ukukho kha okweshumi. Wasibhadala isikweleti sakhe ngaphanibi kokuba sande kwathi ngemali engaka ngo $1,200 waqala ukuzakhela iHovisi lakhe eDolobheni lakubo. Wavula incwadi yasebhanki lapho ezofaka khona izishumi zakhe neminikelo ngaphansi kwegama elithi "Lord and Langford" okusho ukuthi uyena noNkulunkulu. UNkulunkulu wambusisa ngokwethembeka kwakhe kwakuthi enzalweni yemali yakhe nialo akhiphe u 25c eshumini (Dollar) yonke leyomali yayiya eBandleni yenze umsebenzi wothando omangalisayo.

Lena ngenhla e North Carolina kwakukhona othile osebenza ngamaplangwa wayekhipha njalo okweshumi sekuyiminyaka eminingi. Njengoba uNkulunkulu wayekhulise iholo lakhe naye wabona ukuthi naye akakhuphule kwakhe kweshumi kwathi okweshumi wakukhuphula ngamaphesenti ayishumi nanhlanu 15% wabuya wanyusela ku 20%.UNkulunkulu waqhubeka nokumbusisa lomuntu kwathi ekugcineni wathenga umshini omkhulu wokupleyina amaplanga(Lumber Mill) v,/a se ebona kukhona okungenayo emsebenzini wakhe waqala futhi wenza 50% kuNkulunkulu kwathi nje eminyake eyis khombsa iphrofithi eyase ingenile kuye ngenxa yalomshini yase itigaphezulu kuka $100,000 lento yamjabulisa kakhulu ngendlela azibona uNkulunkulu emenzea ngazo inhlanhla ngenxa yokubonakalisa ukuhlonipha uNkulunkulu.

Kwathi omunye owayenebhizinisi leziroto (Tennessee automobile) ekuzwa lokho naye waqala ukukhiplia okweshumi, kungesikhathf singakanani wabhala lamazwi:

"Ngifundile namhlanje ukuthi ukuzenza umhlobo kaKrestu kodwa unake kakhulu ngezomoya, umnake kancane ngezinto eziphathekayo izinto ziba ngconywana Kodwa manje sengingcono kakhulu ekunikeleni ngemali kunakuqala seloku ngaqala ukunikela ngokweshumi kodwa bekuthi noma ngithole imali encane ngiqhubeke nokukhipha okweshumi ngoba kulapho kuvela khona umthombo wami wezibusiso nokukhula kwami ebuKrestwini. Kulapho ngafunda khona ukuthi ukuba ngumhlobo kaKrestu abe nelungelo lokuthi sabelane ngokuncane nami, engikutholileyo emsebenzini, kuyinzuzo kakhulu ngaphezu kwakho konke loku esikunikwa umhlaba."

Kwenzlwa Kanjani Okweshumi

Uma ngabe umamukele uKrestu njengeNkosi noMsindisi wakhe kodwa walibala ukunikela kuye ngalokho okusale ezingxakini zakho kodwa awangamnika okweshumi ulahlekelwe okukhulu ezibusisweni uNkulunkulu azibekele abantwana bakhe.

Ake uzame ukuqala nawe ukunikela ngokweshumi namhlanje - Lalela uNkulunkulu ekuncenga ku Malakhi 3:10. Lokho kuzokwenzela enkulu intokozo ongazange waba nayo seloku waba ngumKrestu ekukholweni kwakho. Injabulo esekwazini ukuthi nawe ufanele ukusiza emsebenzini wokukhulisa uMbuso kaNkulunkulu kulidmhlaba osweleyo - ukuthula sikuthola ngoba uKrestu eba phambili empilweni yethu yonke.

KuIabo okuthi uma behola bese beqala ukuhlanganisa ukuthi malini efanele okweshumi kuba lula kakhulu kuho, phela okweshumi ukukhipha ngoba ubusisiwe nawe bekake eceleni okweshumi, upilinde uhlukanise imali yakho ozoyisebenzisa "Njalo ngolokuqala usuku evekini akube yilowo azibekele njengenhlanhla yakhe uNkulunkulu amphe ngakho." (I Korinte 16:2)

Miningi imibuzo ebuzwayo, ngabe kufanele ngiyahlukanise kanjani lemali ukuze kuphume lena yokweshumi. Impendulo enhle kakhulu yilena "Thembeka kuNkulunkulu uma impela usho ukuthi ungumhlobo wakhe naye uzokuba nawe kulowomsebenzi owenzayo." Uma ngabe uwugcinile lowomthetho kuyoba kuncane ka khulu ubunzima obungakudukisa ezicelweni zakho nasezintweni ozicabangayo.

Uma ngabe benwungaka mamukeli uJesu Krestu njengeNkosi noMsindisi wakho Mayi angikholwa ukuthi ungazithola uzibusiso noma sewunikela ngokweshumi, Izibusiso zikaNkulunkulu zikubantwana bakhe, hayi kulabo abangayifuni iNdodana yakhe. Funda u evangelini (ngokuka Johane 3:16 kanye nasencwadini yabase Roma 10:9-10, bese ubeka lonke ithemba lakho kuye.)

Amanqampunampu

Ekuplietheni kwethu encwadi akesithi ukuhukeza kancane, ngalezizizathu zokuthi kwenziwa yini mini nawe njengoba sikholwa ukuthi sinikele ngokweshutni bese sibona inzuzo na:

1. Okweshumi kuyicebo IikaNkulunkulu okuthi abakholwayo babonge ubukhulu bakhe, ngamandla, ngengqondo, nangmiali.

2. Okweshumi kwenzelwa ukuphakamisa uthando nokubonga kuNkulunkulu ngakho konke asenzele kona.

3. Okweshutmi kwafakazelwa yiNkosi yethu uJesu Krestu.

4. Okweshumi kuzocebisa izimpilo zethu ngokomoya, kusenze sithokoze futhi sibe nezithelo ebuKhrestwini bethtu.

5. Okweshumi kusenzela izibusiso emsebenzini yezimali.

6. Okwesliumi kubalulekile kufanele amanyethelo entobeko nokuthobela umthetho omkhulu othi - "Ubothanda iNkosi uNkulunkulu wakhe ngayo yonke inhliziyo yakho nango mphefumulo wakho wonke nangayo yonke ingqondo yakho."

Yanmukela isicelo sikaNkuIunkuIu ku Malakhi 3:10. Ake usebenzise icebo lakhe kulonyaka. Ngiyakutshela lonyaka uzokuba wunyaka wentokozo empilweni yakho uzokhula nasebuKhrestwini wenze njalo nje ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho.

Ngiyambonga uNkulunkulu ngokungiholela ekuthini ngize ngilibone icebo lakhe, ngize ngazi ukuthi. Mina neginakho konke kungokwakhe wangikhulisela entokozweni eyangifikela emuva kokuba ebe ngumhlobo wami.

Ngilizamile icebo lika Nkulunkulu liyasebenza. Nawe ngiyakucela ukuthi awuke ulizame, nawe.

No comments: