Tuesday, April 29, 2008

ITAFULA LENKOSI

0145 - Zulu

(UKItHLANGANYELA)

R.S. Mills

Akufanele ukuba kube "nokukhathalela okuncane" kunoma yini ephathelene neNkosi uJesu. Sikhuluma ngalezo zinto azikhetha ukuba zinike imiyalo "njengesimiso". Amasiko abantu angezinye zesimpawu zokukhathalela okuncane, kodwa lezi zinto ezamiswa yiNkosi zingezibalulekile, futhi angeke zayekwa. Akunandaba ukuthi ngempela' sakhelwe kuyiphi inkonzo. Kuwukuthanda, kodwa ukwakhelwa akunasidingo kuleyonkonzo futhi nasekusindisweni kwabantu. Uma sikhonza ngoSuku IweNkosi, uma sifundisa abantu ukuba bazalwe ngokusha okungamanzi nangoMoya kulo ubhapatizo ngokucwiliswa, uma sikhumbula ngokufa, ukungcwatshwa nangovuko IweNkosi kukho ukuhlangana, lezi zinto zibalulekile. Lezi zinto zizibandakanya nelikunaphakade lapho sizohlala khona. Zonke ziyizimiso zeNkosi uJesu. Ngokuba kunjalo, kubalulekile ukuba sigcine ukuzithoba kwethu ~ahle, leso sikhumbuzo esasibizwa "ukuhlangana" noma "itafula ;eNkosi".

Isimiso Senkosi uJesu Krestu

Lesi sikhumbuzo asizange siqale kumuntu. Kodwa saqala kuyc iNdodana kaNkulunkulu. Emthethweni omisiwe wakhe wathi, "lokh~ kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule". 1 Korinte 11:25b.

Ukube kwabe kungokwemuntu, bekuzoqathaniswa nokukhathalela okuncane uma besinganakile ukukubona. Besingasigcina isikhumbuzo okanye sisikhohlwe njengekukhetha kwethu. Kodwa kuyisikhumbuzo esigcwele esiliindele ukuba sisigcine "aze abuye futhi". Sinikeziwe ukuba kuvuselelwe kithi uthando olukhulu Iwake. Yirindo elibopha thina kukho ukuqinisela okuphathelene naye. Ngaphandle kwako, umlando usibonisa ukuthi abantu abakwazi ukuwelela eNkosini yabo, babese bayalahleka ngokomoya. Akusoze kwenzeka ukuba kubekhona ikholwa elifihlakele noma "elikhululekile emoyeni". Kufanele sibe ngabakhe futhi sihlangane nokuvuseleleka okunje, noma singeke sibe ngabakhe njalo. Ifindo lakhe liwusizo, siyaliwela izibuko njengomkhumbi ohamba malula kusukela ehangini ngokushesha untshuze phezu kwamadwala ulahleke.

Umpostoli uPawulu uthi, "Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nengamnika kona ukuthi: INKOSI UJESU, ngalobobusuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wathi: Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina, lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule. Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami, lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule. Ngokuba njalo nxa nidla lesisinkwa niphuza lesisitsha, nimemezele ukufa kweNkosi ize ifike.

Ngakho-ke lowo odla lesisinkwa, aphuze lesisitsha seNkosi ngokufanele, unecala lomzimba negazi IeNkosi. Kodwa umunta akazihlolisise, khona-ke akadle lesisinkwa, aphuze lesisitsha. Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngerixa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele". (1 Korinte 11:23-30)

Itafula 'Lenkosi Liyisikhathi Saloku:

Ukuhlangana- (1 Korinte 10:16-171 "Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi IikaKrestu na7 Isinkwa esisihlep hulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKrestu na7 Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sihlanganyela leso sinkwa sinaye". Umpostoli uJohane naye washo okufanayo ngenkathi ethi, "Uma ningayidlanga inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. Odla inyama, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade, mina ngiyokumvusa ngomhla wokuphela". ( Joh. 17:21)

Lesisikhumbuzo sibeka umfanekiso wokuba wonke umuntu abesenhlosweni eyodwa. Uma siyinxenye yomzimba, futhi uma sibandawonye ekukhumbuleni iNkosi, ngakho-ke kufanele sibe nokuhlangana omunye nomunye kahle. Umzimba ungukuhlangana kuwo uqobo Iwawo. Simunye kuKrestu. "Sonke siba yisinkwa esiso dwa, nomzimba munye". 11 Korinte 10:16) UPawulu watshela abaseGalathiya, "Ngokuba nonke enabhapathizwa kuKrestu nembatha uKrestu. (Galathiya 3:27) UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ukuba izofela bonke abantu ngokuba ebathanda bonke. (Joh. 3:16) Wayefuna ukuba bonke babe-munye. lJoh. 17:21 )

Ukuzinikela- Ngaphansi kwemvumelwano kaMosaki, ngaphambi ~kuba umpristi angene etabarnakeli, kwabe kufanele ahlambe

umzimba wakhe ukuze kwakheke isithunzi ngokuzihlanza kwakhe. Wayengaceli ukusondela ngaphambi kukaNkulunkulu angabi nesimo "senhlanzeko". Emvakokuba esezihlanzile, wayengema phakathi kukaNkulunkulu nomuntu njengomxhumanisi. Nathi ngokunjalo, ngaphambi kokuba silungele ukuya kuNkulunkulu kufanele sihlanzwe ngamanzi nangoMoya. (Joh, 3:5)

Lokhu kucwiliswa emanzini ukuze kuyekwe izono, k~bizwa ngokuthi "ubhapatizo" emvakokuba igama IamaGriki lokucwilisa elithi "baptiso". Ngalokhukuhlanzwa sesinelungelo manje lokuba sime ngaphambi kukaNkulunkulu kulo "itende elingcwele labapristi" sihla nziwe. Masivuselele ukuzinikela lokhu iviki neviki ngokuba size etafuleni IeNkosi, sizihlole ukuthi sivuselelekile yini.

Isikhumbuzo- Inhloso yesikhumbuzo ngukuba ibize izinkumbulo zethu, ezigigabeni ezinkulu noma ezintweni. Lezo zinto ezinkulu ebuKrestwini nguJesu Krestu lona owafa, wangcwatshwa, wavuswa ethuneni. Ungumholii wezindlela zonke zobuntu.

Yini emangalisayo "Izindaba ezinhlel" Lezo "eziyiVangeli!" Uma sililonda itafula IeNkosi, sisuke sibheka phansi njengasethuneni sikhumbule ukufa kweNkosi yethu. Sithatha inxenye yesinkwa kanye neyesithelo somvini, sikhumbule ukuthi umzimba wakhe wabethelwa esiphambanweni futhi negazi lachitheka njengenhlawulo yezono zethu. Futhi sibheke phezu kovuko IukaKrestu owabuya ethuneni wakhuphukela ezulwini eliyikhaya lakhe. Ukuba ayoba noYise uNkulunkulu. Siyatshelwa ukuba sikwenze lokhu "aze abuye futhi" sikhumbule ukuthi iNkosi yethu izobuya ngamafu ngenhlokomo yeNkosi!

Itafula Lenkosi Liwuphawu Elivumelekile eBandleni Lakhe Ukuhlangana okungakhumbuli inhloko yakho kanye nomsunguli kungeke kuchazwe njengokuthembekile. UJesu Krestu uyinhloko yebandla. Wathi, "ngize ngibuye". Ngikhumbula omunye udadewethu othandekayo eNkosini, owacabanga ukuthi ubulawa yikhensa, wabe angakwazi ukwenza lutho, kwabe kumele abe setafuleni IeNkosi alindele maviki onke lokho okwabe ngokushesha kuzomehlela. Emavikini amabili ngaphambi kokuba afe, wabe angasakwazi ukuthatha uhambo lokuba abekhona enhlanganweni, ngakhoke abakhulu bammikisela imvuselelo. Ngaphansi nje kwamahora amabili ngaphambi kokuba abizwe ukuba ahlangane noNkulunkulu wakhe, wabe

asetafuleni nabodadewabo nabafowabo abaningi eNkosini kuleso sikhathi. Yilokho okwabe ikuchazile iNkosi uma ithi, "ngize ngibuye". Kwabe kungesona isimangaliso ngenkathi indoda yakhe isitshela ngenjabulo yakhe ngalolosuku IweNkosi ekuseni njengoba wayelungiselele okuzokwenzeka ngalolosuku. Wabe alilungele, azithobile, anomdlandla wokuhlanga na neNkosi yakhe.

Itafula Lenkosi Liyindaba Egxamile

Kungabi Ngokunganakwanga- Ibhuku lapha kuZenso ngokulandisa ngokusebenza kweso~to, lithi ziyokuqhutshwa "ngokuqinile" emfundisweni yabaphostoli nakuko ukuhlangana, nasekuhleshulweni kwesinkwa, kanye nasemthandazweni. Ngokulandisa kwe N.I.V. isebenzisa amagama "devoted themselves" Izimiseleni nina uqobol. Laba bantu bebazithobile, babeke lokho kuqala phakathi kwezimpilo zabo. Kwabe kungekho ukunganaki izibopho zabo.

Ukumiswa kwetafula IeNkosi kufana nokuubafuieka okukhuiu okubhaliwe encazelweni kaMathewu, Marku, Luka nakubase 1 Korinte. Ngenkathi amagama kaNkulunkulu aphindaphinda into. kufanele sikuqaphele loko okugxamile kuwo!

Lokhu kwabe kuyiqophelo lamabandla okuqala okudumisa. Ngerikathi umpostoli eza eTrowa, wabe azi ukuthi amakholwa azobuthana ukuzogcina itafulla IeNkosi osukwini lokuqala leviki, ngakho-ke walinda ukuphela kweviki ukuba akwazi, ukuhlangana nalokukuhlangana kanye nabo neNkosi etafuleni lelo. IIZenzo 20:7).

Makungabi Noku~ilanjala~wa- Amanye amaKrestu asebenzisa lesisikhathi sokuza etafuleni njengethuba lamadili njengabahedeni abenza ukudumisa kwabo. UPawulu wabe athukuthele ngabo, asho ukuthi bona banamakhaya abo abangakwazi ukwenzela lawamadili kuwo, bameme labo ababathandayo. Lokhu-ke bekuyisikhumbuzo sokuzijabulisa isidlo sabahedeni phela. Babedla bephuza kulokho kulahlwa abakukho.

Akuwona amagama lawo okwabe kukhulunywa ngawo etafuleni lawo angcwelisa ubukhulu obuyibo. Kwabe kungekona okwemvelo ukuhleshulwa kwesinkwa njengoba omunye ephinda-phinda amazwi, "loku kungumzimba wami, owahleshulwa ngenxa yenu: loku kwenzeni ukuba ningikhumbule". Akukho okungalungile ngalolusiko uma sizokhumbula ukuthi yisiko vele, akuyona ingxenye yomyalo weNkosi. Akukona ukuthi "isithelo somvini" esavutshelwa noma sisisha, si bovu,

simhlophe, leyonto inye okungathithi inezinto zayo ezithandekayo. Akukona ukuthi isitsha esisodwa noma izitsha ezahlukaneyo zasetshenziswa. Into ebalulekile ukuthi "khumbulani" inhloso yesikhumbuzo. Kungabe siyazihlukanisela ekukhumbuleni umzimba weNkosi ~wahlatshwa negazi elaphalala uma sihlangene7 (1 Korinte 11:281.

Lena Yindaba Yenhliziyo-Uma inhliziyo yoMkrestu ingakathintwa, isisindo siyayigcineka ingabi nalutho. UNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ngenxa yethu. Lena Ndodana yabethelwa esiphambanweni samaRoma ngenxa yethu, ukuze sikwazi ukuthethelelwa zethu. ~ ezi zinto kufanele sizikhumbule futhi sizazi

Um~ sehluleka ukukh~mbula lezi zinto, sisuke singagcini isikhumbuzo ngokufa uma siqhubeka. "Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawehlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yaloko abaningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele. 11 Korinte 11:29-30). Loku kuyisiphetho esifanayo ngokuthi singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye. IHeb. 10:25). Kubalulekile ukuba sethembele ekuthabatheni itafula IeNkosi. UJesu Krestu wasiyala ngokuthi kufanele sikwenze loku, nokuthi sikwenze ngokufanele, sikhumbule ukufa kwakhe aze abuye kithina. Inhliziyo yakho ilungile7 Ingeke ibe njalo uma uyekela itafula IeNkosi noma ungakhumbuli ukuthi kuyisikhumbuzo kuye.

Lokhuu kufa kugxame kakhulu kunokufa njengomphumela wokugula okubulalayo. Ukugula okunje kuthungela yonke impilo, ukufa ngokomoya okuba ngokwaphakade. Singalingwa ngokuthi uNkulunkulu unzima ~Cithi. Qha, akunjalo. Uma siklolodela ukufa kweNkosi uJesu, sibabi ukwedlula laba ababebuthene eCalvari bememeza, "Makabethelwel" Bebangamazi ukuthi ungumsindisi. Sinaye thina. Noma singamazi, siyakunqoba ukubethelwa kwakhe ngenxa yethu. Labo bebakhona eKhalvari bazisola ngezono zabo, baphenduka. Siyatshelwa ukuthi ngenkathi umpostoli uPetru eshumayela ePentikosti, abaningi abamuzwa, "sebekuzwa bahlabeka ezinhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abapostoli,: Madoda, bazalwane, siyakwenzenjani na7" Ilzenzo 2:371.

"UPetru wayesethi: Phendukani, yilowo nalowo abhapatizwe egameni IikaJesu Krestu kukho ukuthethelelwa kwezona senu, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele" ... "Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhapatizwa, kwenezelwa ngalowomuhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu". Ilzenzo 2~38, 411.

Abaningi babo baphenduka basinda. Amanye amaKrestu amaningi angeke aphenduke futhi azoqhubeka nokuhleka usulu iNkosi uJesu ngokuhlambalaza lesisikhumbuzo sakhe. Wayethe bazokhula kukho ukugula baphinde bafe ngokuba banalezi zono. Ukuba nokwazi ngaleNkosi bese ubuyela futhi endleleni yokona, lokho kufana nengulube ebuyela futhi emuva emanyaleni amadala awudaka oluhlangene namanzi lapho iye ifike ivukuze ukudla odakeni nasebulongweni.

Kufanele Senzeni7

Kufanele silithinte itafula IeNkosi ngomoya wokhuzihloola thina uqobo. "Kodwa umuntu akazihlolosise, khona-ke akadle lesi sinkwa

, aphuze lesisitsha, ngokuba odlayo aphuze engawuhlukanisi umzimba weNkosi lowo uyyobe udle waphinde waphuza icala phezu kwakhe. Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele". 11 Korinte 11:28,29). Kufanele sizihlole thina uqobo silungise nemiqondo yethu kuyo injongo

, yesikhumbuzo: Umbhalo uthi, "kepha uma besizahlulela thina

besingayikwahlulelwa. Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe". 11 Korinte 11:31,32).

Bazalwane, masizifundise kulo itafula IeNkosi ukuthi kufanele ngokweqiniso sibone umzimba weNkosi lapho futhi sedlulisele lena yeNkosi egodliwe kwabanye abantwana abafuna kulalela.

Sinesimiso seviki neNkosi, isimemo esivela eNkosini uJesu. Ayikho enye into ebalulekile kithi na. Kodwa masizifundise ukuba sigcine lesisimiso ngendlela efaneleyo khona sizoba namandla kubo ubuthakathaka.

No comments: