Tuesday, April 29, 2008

IMITHETHO EYISHUMI UKUZE UPHILE

#0076 - Zulu

IMPILO ENEMPUMELELO EBUKRESTWINI

Don DeWelt

UMTHETHO WOKUQALA:

Khumbula ukuthi impilo yomKrestu ibekeke kuye noKuzimisela anako umKrestu ukuba azame kakhulu ukuba imizamo yakhe kube eyokuphilela uKrestu ngenhliziyo yakhe yonke.

KwabaseFilipi 3:13,14. "Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Krestu."

KwabaseFilipi 2:12b,13. "Fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njenge ntando yakhe."


UMTHETHO WESIBILI:


Funda IBhayibheli Ngendlela Efaneleyo:

A. Loku kwenze njalo ubeke isikhathi esihle njalo ngosuku. (Kodwa ekuseni kungcono kakhulu.)

B. IBhayibeli lingafundwa ngalendlela elandelayo.

1. Indlela Yokufunda Incwadi - Loko kuwukufunda ngempela ukufunda incwadi uyiqede ngesikhathi. (Mhlawumbe omunye angaqala ngencwadi ka Johane noma incwadi ye Izenzo.)

2. Yiba Nesihloko - Lokho yikona kufundisisa iBhayibheli, maqondana nezihloko ezikhona, njengalezi; uthando, ukholo, ukuziniksla, noma ngebandla. Izincwadi ezinezihloko, noma ikhonkodensi ziba olukhulu usizo ekufundeni kwakho, nanka amagama alezincwadi ezinosizo, "Topical text book or concordance."

3. Indlela Yombhali - Umbhali ukhethile futhi wasebenzisa ikhonkodens ukuze nawe usizakale uthole izindawana eBhayibhelini njengoba umbhali echaza. Kanti naleliBhayibheli okuthiwa yi "Cross reference Bible" linosizo olukhulu ekufundeni kwakho. Uma usebenzisa izincwadi ezinje ngalezo kuyokwenza ukuthi ukwazi ukugcina utho engqondweni yakho futhi kuthi njengoba ufundile nawe kube khona okwamukelile OKUWUSIZO EMPILWENI YAKHO QOBO.

C. Uma ufunda iBhayibheli kufuneka ukuthi uzibuze uphinde uphendule lemibuzo elandelayo maqondana naleyo ndawo ofunda kuyo:

1. Ngubani okhulumayo?

2. Ngayiphi injongo?

3. Kwakuyisiphi isikhathi?

4. Ukhuluma nobani?

5. Phansi kwasiphi isimo?



UMTHETHO WESITHATHU:

Umthandazo Wemihla ngemihla.

KwabasePilipi 4:6. "Ningakhathazeki ngalutho; kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka, nokunxusa kanye nokubonga.

A. Thandaza NGEZIKHATHI EZITHILE NGOSUKU. Kungenzeka kube yizikhathi ezimbalwa ngelanga, kodwa noma kunjalo wena qiniseka ukuthi unazo izikhathi ezithile ozibeke eceleni wenzela ukuba uthandaze ngazo, kungabi bikho lutho olukhuphazamisayo ngalesosikhathi. Abaningi bayadibana emthandazweni ngenjongo yokufunda nabanye iBhayibheli.

B. Yenza umthandazo wakho UCACE. Thandazela abantu abathize ngenjongo efaneleyo. UPawulos wayewathandazela amakholwa ebandla likaKrestu elise Roma. Funda amaRoma 1:9. Ngokungaphezi ngiyanikhumbula njalo emikhulekweni yami nginxusa ukuba uma kungenzeka ngiphumelele ukufika ngentando kaNkulunkulu, ngiphumelele ukufika kini. "Phonsani zonke izinkathazo zenu kuye ngokuba yena uyanikhathalela".

C. Thandaza ngokuphimisela NGENHLONIPHO NOKUTHOBEKA uthobela intando kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu eyambulile intando yakhe ngakho masisondele ngesibindi esihlalweni somusa kaNkulunkulu sime phezu kwezethembiso zikaNkulunkulu sinethenba lokwamukela, kodwa uma ngabe intando kaNkulunkulu ayikembulwa kufanele ukuthi sizinikele kuye Yena owahlulela abalungileyo sithandaze sithi intando yakho mayenziwa emhlabeni, size siyamukele intando yakhe uma seyembuliwe nakithina.

Ukuthandaza kuwukuphefumula komKrestu, ngakhoke ungawuvali umoya. KwabaseKolose 4:2-6.



UMTHETHO WESINE:

Beka Phambili Umzamo Wokuzuza Abanye Ubazuzela UKrestu.

A. UJesu wathi WONKE UMKRESTU kufanele ukuba abe "NGUKUKHANYA KOMHLABA". Matewu 5:14. Loko kukhanya okukhulunywa ngakho kushiwo imfundiso ngoJesu ngezwi, nangezenzo. Kodwa kusukela "ukukholwa kuza ngokuzwa ukuzwa izwi IikaKrestu". KwabaseRoma 10:17. ABANYE ABASOZE BAKHOLWE FUTHI NGEKE BAPHENDUKE NGAPHANDLE KOKUBA WENA UZE UFIKE KUBO NEZWI LIKAKRESTU. Lokho akusiwo umsebenzi womfundisi yedwa. UKRESTU NAWE UKUNIKILE UMTHWALO WOKUBA NGUKUKHANYA KWEZWE, NGALENDLELA.

B. Wathi uJesu WONKE UMKRESTU ufanele ukuthi abe "NGUSAWOTI WOMHLABA". Matewu 5:13. Usawoti wokomoya ovimbela izwe ukuthi lingabhubhi uyimfundiso kaJesu Krestu. Leyomfundiso kufanele ukuthi yenziwe NGABALANDELI BAKHE. Wathi NINA ningusawoti womhlaba siba nalosawoti ngenxa yokufundisa imfundiso yakhe kwabanye ukuze balondolozeke bangabhubhi; UKRESTU NAWE UKWETHWESILE UMTHWALO WOKUBA UBE NGUSAWOTI WOMHLABA NGALENDLELA.

C. Ebandleni leTestamente Elisha WONKE UMKRESTU WAYENGUMSHUMAYELI WEZWI. Izenzo 8:4, "Abahlakazelkileyo base behamba beshumayeli izwi levangeli, labo kwakungamaKrestu ebandla lase Jerusalema abahamba YONKE INDAWO BESHUMAYELA IZWI". Umn ngabe sifuna ukulandela indlela yeBhayibhili kufuneka WONKE UMKRESTU ALANDELE IZIBONELO ZABAPOSTOLI ZOKUSHUMAYELA IZWI. Akusho ukuthi bonke babeshumayela ebandleni njalo kodwa babezizwa benomthwalo WOKUTHI BAYOFUNA ABANYE BABAZUZELE UKRESTU.

"UKrestu akanazo izandla kodwa thina siyizandla zakhe zokwenza umsebenzi Wakhe namhlanje. Akanazo izinyawo kodwa thina siyizinyawo zakhe zokuholela abantu eNdleleni yakhe akanalo ulimi kodwa thina siwulimi Iwakhe lokutshela abantu ukuthi wafa kanjani; akakwazi ukuzisiza kodwa thina siwusizo kuye lokuba sibuyise bonke abantu kuye."



UMTHETHO WESIHLANU:

Hlukana Nabangani Ababi.

A. Uma umKrestu efuna ukuhambisana nabangani ababi kuyiqiniso loku okushiwo nguNkulunkulu ezwini lakhe uma ethi; "Ningakhohliswa ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle." 1 Korinte 15:33.

B. Kodwa uma ufuna ukubusiseka njengomntwana kaNkulunkulu ube ngu - "Mkrestu" ojabulile, "Ungahambi ngezeluleko zababi ungemi endleleni yezoni, ungahlali enkundleni yabaklolodayo." AmaHubo 1:1.

C. Lokho akusho ukuthi thina sizenze abangcwele phambi kwabo kodwa isimilo sethu kubahlobo bethu belizwe, kodwa kufanele ukuthi sikhulume, senze, konke sizicabangela ukuthi thina singamaKrestu azinikeleyo nabo bayibone leyonto kithi. Ngenxa yokwenza kanjalo kuyokwenzeka ukuba besabe ukwenza okubi, baze badonseke beze kuKrestu ngenxa yethu, noma mhlawumbe bavele bahlukane nathi. Ake ufunde lezincwadi ngokukhulu ukunakekela. KwabaseRoma 6:16,17; KwabaseRoma 12:1,2; II Korinte 6:14-17.

Qaphela nxa ngabe abangani bakho bayakukhubekisa ungabe usakwazi ukuthandaza.



UMTHETHO WESITHUPA:

Thembeka Uhambele Zonke Izinkonzo Zebandla.

A. Khumbula ukuthi ZONKE IZINKONZO ZEBANDLA ZENZIWE NGENJONGO YOKUTHI NAWE USIZAKALE. Ngoba kuyashunyayelwa, kuculwe amaculo, kwenziwe iSidlo seNkosi, kube ubudlelwane ekunikeleni, konke loku KWENZELWE WENA: Uma nje wena uke wasuka kulezozinto sewuzama ukwehlula intando nenjongo yebandla uma lihlangene.



B. Khumbula ukuthi UNKULUNKULU WAYALEZA EZWINI LAKHE ETHI "Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye masivuselelane ikakhulu njengoba nilubona usuku lusondela." AmaHebheru 10:25.

C. Khumbula ukuthi UMA UKE WAPHUTHA UKUBA KHONA ESIDLWENI SENKOSI NGAMABOMU LOKHO KUZOKWENZA UKUTHI SIBE BUTHAKATHAKA, SIGULE, KUZE KUTHI UMPHUMELA WALOKHO KUBE NGUKUFA EMOYENI. 1 Korinthe 11:30; Johane 6:53-58. Ukudebesela isidlo seNkosi kubonisa ukunganaki izibonela zabapostoli (Izenzo 20:7; Izenzo 2:42). Futhi kuwuku ngawuthobeli umthetho kaKrestu. Luka 22:19.

Asikwazi ukuthi siyamthanda uKrestu kodwa sibe singafuni ukungena eBandleni lakhe lona lingumakoti Wakhe. KwabaseEfesu 5:25.

UMTHETHO WESIKHOMBISA:

Thobela Icebo LikaNkulunkulu Lokunikela.


A. Umukela ngokweshumi kuyicebo likaNkulunkunkulu ukuze kondleke labo abenza umsebenzi wakhe I Korinte 9:13,14. "Anazi yini ukuthi abaphete imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza ealtare bahlanganyela nealtare na? Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli." (Lawomazwi akhulunywa ngabapristi ababesebenza ethempelini ngezikhathi zeTestamende Elidala uthi abasebenza ethempelini badla okwethempeli, namanje uPawulu uthi BANESABELO SABO ngenxa yomsebenzi wabo kanti lesosabelo silapho abantu benze khona OKWESHUMI KWABO NEMINIKELO). Manje-ke uPawulos leyomfundiso uyibhekisa kubafundisi bevangeli uma ethi, "Ngokunjalo (noma ngayo leyondlela) UNkulunkulu umisile (noma wenze umthetho) wokuthi labo abamemezela ivangeli kufanele baphile ngevangeli".

B. UAbraham wakhipha okweshumi kuMelkizedeki ngo 100 B.C. Kwadlula iminyaka eyi 400 NGAPHAMBI kokuba kumiswe umthetho. Kanti uJakobe yena wakhipha okweshumi ngo 1800 B.C. kusale iminyaka eyi 300 NGAPHAMBI kokuba kumiswe umthetho. Ngenxa yaloko kuyabonakala ukuthi loko kwaba yisisekelo esifanele ukuthi samukelwe ngumhlaba wonke, kanti futhi kwakungeke kwenzeke ukuthi loko kubethelelwe esiphambanweni uma kubethelelwa uMthetho, ngokuba phela leyomthetho eyabethelwayo yileyo eyabe inikwe isizwe sakwa Israyeli kuphela. Genesie 14:20; AmaHebheru 7:1-10; Genesie 28:22.

C. UJesu waliphakamisa kakhulu izinga IeTestamente Elidala. Akazange aze alehlise izinga. Matewu 5:21,22; Matewu 5:43,44; Matewu 5:20. Ngenxa yaloko okweshumi kufanele kube NGUBUNCANYANA bomnikelo wethu.

Asitholi ndawo lapha ukuthi kwake kwaba khona umKrestu oyinikele yonke impilo yakhe; enikela ngokweshumi kuNkulunkulu, kodwa akangabusiseka, sithola ukuthi bonke abakwenzayo loko bayabusiseka futhi bakwazi ukuzifeza zonke izinswelo zabo ngoba babusiswa ngokuchichimayo.



UMTHETHO WESISHIYAGALOMBILI:

Ake Ubukeze Yonke Inzuzo Oyifumeneyo Njengoba UsungumKrestu.

AKE UCABANGE NJE –


A. UNkulunkulu ukuthanda ngempela ngoba uthe ekubona uysoni nesitha kodwa wayithumela iNdodana Yakhe okukuphela ukuze ikusindise nawe ikwenze ube nenjabulo. KwabaseRoma 5:6-8.

B. Zonke izono zithethelelwe. Angazi ukuthi inhliziyo yami iJabula kanjani "inenjabulo engakhulumekiyo futhi kugcwele inkazimulo" uma sicabanga ngalamaqiniso amangalisayo.

C. Manje uKrestu ongumkhulumeli wakho kuYise njengommeli wakho ukuthethelele zonke izono zakho ngokuphenduka nje nokuthandaza.

D. Sewunesipho sakho esiphuma kuNkulunkulu uMoya oyiNgcwe ohlala enhliziyweni yakho uze ugcwalise unembeza wempilo yakho.

E. Manje sewuyilungu lomzimba kaKrestu iBandla Lakhe futhi sewunabafowenu abayizinkulungwane nodadewenu kuKrestu abajabuta kanye nawe, bakhale kanye nawe ukuze niqinisane omunye nomunye.

UmKrestu ucebe ngaphezu kwabo bonke abantu abakhona.



UMTHETHO WESISHIYAGALOLUNYE:

Ungapheli Amandla:

A. Khumbula umsebenzi wakho. Umsebenzi wakho omkhulu emhlabeni kaNkulunkulu ukusindisa imiphefumelo uyise kuJesu yena owabafela bonke.

B. Khumbula "ubasi", wakho oyiNkosi uJesu Krestu; Ngaye uNkulunkulu usiphile konke "zonke izinto". KwabaseRoma 8:34. "Uma sibuthakathaka uyasiqinisa yena." Umasifuna ukuhlakanipha kufuneka sikucele Kuye yena uzosipha ngobuhle. Jakobe 1:5.

C. Khumbula ukuthi unomvuzo wakho. Umvuzo wamaKrestu akhutheleyo emsebenzi ezuza imiphefumulo eyizuzela kuKrestu futhi aba nethemba nesiqinisekiso sokungena ezulwini.

D. Khumbula ummangaleli wakho. 'usathane uhlakaniphe kakhulu futhi uhlala elungele ukukhahlisa abantwana bakaNkulunkulu. Yinye kuphela iniilela yokumehlula usathane uhlulwa ngomthandazo,

nokufunda iBhayibheli, nokufakaza. Sondela 'ku' ~ ul~ ngaleyondlela usathane yena uzovele abaleke.

Singaphela kanjani amandla uma sicabang ngayo uMsindisi wethu7

UMTHETHO WESHUMI:

aondisisa kahle ngendlela uNkulunkulu aphila ngayo.

A. UNkulunkulu uyibheke lempilo njengempilo yethu singabahambi nabafokazi. Genesisi 47:9; 1 Petru 2:11; amaHebheru 11:13. Lokhu kvsho ukuthi "siyadlula" lomhlaba usiyisa kowangunaphakade. Ngenxa yaloko kufuneka izingqondo zethu ziyibeke kancane nje ezinhliziyweni irito esinayo kule lizwe kodwa sazi ukuthi ziyadlula noma kwabanye ziyigugu nje.

B UNkulunkulu uthanda ukuthi wonke umuntu ophilayo lapha emhlabeni azibone ukuthi uphila emoyeni nje kodwa ingunaphakade lakhe uyolidlela kwenye yalezindawo ezulwini noma esihogweni, lokhoke sekuthini umuntu ngokwakhe wenzeni ngenxa kaJesu. Johane 14:6; Johane 3:36; Marko 16:16. Ukuthi bengzani ngoJesu loko kuwumthwalo wakho. Funda ku Hezekeli 3:16-21 ne Izenzo 8:4.

C. UNkulunkulu uthanda ukuthi wazi ukuthi impilo injengenkungu evele inyamalale nje, nanje ngesithunzi (Umshumayeli 6:121. Kufuneka sikwazi loko ukuthi iningi labantu abaphilayo namhlanje abasoze balithole ithuba lokwamukela uJesu Krestu; kodwa namhlanje ilona suku lokuba noma ngubani makasindiswe. Usho ukuthi awunalo uthando ngabo njengoba belahlekile batshele phela ukuthi uJesu unguMsindisi onamandla?

"Kukhona impilo eyodwa esiyiphilayo~ okwesibili siyadula masinyane; ngabe wena umenzeleni uKrestu loko okwenzileyo kuyohlala isikhathi eside."

No comments: