Tuesday, April 29, 2008

IZWI LIKANKUNKULU LITSHELA AMAKHOLWA UKUTHI

0125 - Zulu

ANGAKUVIKELA KANJANI UKUHLUBUKA

Ngu George L. Faull

Iningi lethu liyabazi laba abake bazibiza ngegama likaKrestu kwaze kwathi emuva kwaloko bahlubuka babuyela endleleni yabo endala lapho babe vele khona. USathane akaf ile. Uphila ngempela futhi unamakhulu amandla lawa okukhohlisa ngezimfundiso ezilahlekisayo, nangamathemba okuphila okumnandi, noma mhlawumbe athi awuke uziphilele nje ngobawawuphila kudala. Thina-ke ngokwethu kufuneka sikhule sizibalekele lezizinto esizaziyo.

Siyazibalekela sizivikele kulezizinto! Ukucingisisa ngalamaqiniso kungasisiza kakhulu, ukuze sihlale sibheke iNkosi yethu uJesu.

Amaqiniso

Qondisisa amaqoniso maqondana nokuhlubuka. Kubukhuni yini, uma sibheka bonke laba esibaziyo asebabuyela emuva, ngabe leyonto ayisi bonisi ukuthi siqonde ukuthi kuyiqiniso ukuthi umuntu uyahlubuka! Kuyakhanya ukuthi ukuhlubuka akwenzeki nje, kodwa kuyenzeka kuze kube ngumkutshana nje ojwayelekayo. Abantu baka Nkulunkulu batshelwa, kwathiwa "Xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho" Duteronomi 4:9.

Usawoti uyaphelelwa ubusawoti bawo. Nembewu iyakwazi ukuminyana nameva. Umuntu angasibeka isandla ekhubeni abuye abheke emuva.Umuntu angaphukelwa umkhumbi owukholo.UPawulu wathi abanye sebabuyela emuva kuSathane. Uthando lwemali lungenza ukuthi umuntu abone esephazama eku kholweni. Akhona amadoda anjengo Dema abathanda lelizwe. Kufuneka ukuthi sixwaye kakhulu hleze ububi bezinhliziyo busenze sidede kuNkulunkulu. Singaba bukhuni senziwe ubunzima bokukhohliswa yisono. Kufuneka sesabe hleze sisalele esithembisweni sokuphumula.

Impande yobubi ingagxuma iphakame ize ingcolise nathi uqobo. Ngempela sibonakale futhi sesimdibi munye nezinto zezwe bese kuthi isiphelo sethu sibe, sibi kakhulu kunesiqalo. Singajika kuNkulunkulu ngenxa yoku ngayibambi imithetho yakhe. Singawephula umthetho ngokungahlali ezimfundisweni zikaNkulunkulu. Ngokuyeka uthando lwethu lokuqala. Kunokwenzeka ukuthi sibuyele odakeni njengengulube ebuye izibhixe odakenI. Onke lamazwi siwacaphuna eBhayibhilini. Ukuphika amaqiniso okuhlubuka kuyintonje eyenziwa ukungazi. "Ngakhoke osuke ethi umi, akaqaphele ukuba angawi" 1 Korinte 10:12.

Isizathu

Cingisisa ngezizathu zokuhlubuka. Uma uNkulunkulu ekuphe izinto eziningi zingakwenza ukuthi umlibale. Unkulunkulu wawatshela amaIsrael, ukuthi bangamkhohlwa. Wathi, "Funa lapho usudlile wasutha, nalapho sewakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo, sekwandile nezinkomo zakho, nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide, kwandile konke onakho, inhliziyo yakho bese iphakama ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho." (Duteronomi 8:12-14).

Uma omunye engekho esimeni sokuba nenhlanhla, kulula kuye ukumkhohlwa uNkulunkulu, bese ecabanga ukuthi bese ezicabangela ngobunjalo bakhe nje. Njengo Jeshurubi "owakhuluphala wakhaba," baningi abamshiyayo uNkulunkulu okunguyena owabadalayo. (Duteronomi 32:15). UJesu wafundisa ethi ngenxa yokwanda kokona kuyophela uthando kwabaningi (Mathewu 24:12). Wafundisa ethi uma sinaka kakhulu ubucebi balelizwe abanye abakholwayo bayolahleka. Wathi ukuhlupheka nokuzingelwa kwenza abanye bagcine ngokuhlubuka. Ukubuyela ezintweni esizithandayo - abantu, izindawo, noma mhlawumbe izikhundla, namafa - loko kuyosenza ukuthi sibuyele emuva. Khumbula umka Loti!

Abanye bayawaphika amaqiniso okomoya, bazikhethele isinkwa senyama, bese behlubuka kuJesu Johane 6:66). Uthando lwemali, ukuziphakamisa, ukuziqhenya, nokuduma, ukuzethemba, nokwenza-ukuzithandela, ukudunyazwa kwenza abanye bahlubuke. Abanye bakhubeka ezenzweni nokuziphatha kwamanye amaKrestu, nokubhekela phansi amanye amaKristu. Abanye bawela esandleni solaka lukaNkulunkulu. Imikhuba, ukuzitamasela, abangani, umsebenzi, nokuzicabangela kuyamenza umuntu ahlukane nokulandela uNkulunkulu.

Into ngokwayo ayikwazi ukuba yimbi ngakokuthi ingaze isiwisele pbansi endleleni yokuthi siye ekubhujisweni. Omunye angabuyela ayongcwaba uyise. Omunye abe nomdlandla ngomhlaba wakhe awudayisayo. Omunye ayophakela izinkomo zakhe, omunye azame ukuthokozisa umkakhe. Akukubi lokho. Kodwa kuyizizathu ezinkulu abazenzayo abantu ngenxa yokungalandeli kwabo uJesu, Futhi kungamhlubukisa umuntu. Uma ngabe kuyakususa endleleni yokuthi ulandele iNkosi, kuze kube yizizathu esenza ukuthi ulahlekelwe nayiloko uKrestu abekugcinele kona.

Indlela iqondile incane. Kufuneka "ukwenze kuqiniseke ukubizwa nokukbethwa kwakho" 2 Petro 1:10. Kufuneka siqaphele kakhulu izinto esazizwayo hleze kuthi sikuyeke kuwe. Njengomkhumbi oboshwayo ukhulukwe, nathi kufanele siqine ukuze singasheleleli siphelelwe ukbolo. Ngabe uphila ngendlela ezogcina ngokukulethela ukuhlubuka?

Isifo

Qaphela isifo sokuhlubuka. Ukuhlubuka kuqala ngokuthi umuntu angabongi, azazise. Kuya kancane, kancane kuzekube nomphumela. Kuzibonakalisa ngokuthi umuntu eloku ebona amaphutha amanye amaKrestu. Kuze kuholele ekuthini kube khona ukusola maqondana nabo.

Omunye uqala ngokulinganisa isono salhe nesomunye. Kanti ukuweqa kwethu nje umthetho kuyisono. Nezinto esizenzayo ziyisono. Abanye izono ezincane bathi azizimbi noko. Unembeza lapho uqale ukonakala. Omunye uqala ngokubeka isizathu esithi hayi, akukubi noko ukwenza isono "esincane" ngoba vele akukho muntu olungile.

Masinyane nje emva kokuba eqale ukuhlubuka uzibona ngokunga phumeleli kwakhe ukuza enkonzweni. Uyakwazi konke njengokuba kufanele ukuthi azi. Umshumayeli useqala ukujika-jika. Umfundisi akaboni. Noma efundiswa aka satholi lutho nje olufundiswayo. Abantu bayamzonda. Abanye bamqale. Bese eqala ukuthi kwabanye phela nina niyibandla lika sibanibani, mhlawumbe ebabize ngomfundisi athi niyibandla lika Jona." Aqale ukubuza imibuzwana ethile maqondana neBhayibeli, kakhulukazi lena ethintana nesono sakhe noma isimilo sakhe. Ngeke aphenduke noma esebonile impela ukuthi wonile. Kodwa abanye babe behlangene. Aqale ukungezi enkonzweni yebandla aqale abe nabangani abangakholwa.

Ziqaphele nawe uma ngabe usuqalile ukubhekana namaphutha amanye amaKrestu! Ziqaphela uma ngabe awusajabuli uma kuncokolwa ngezibhalo. Okanye mhlawumbe awusathandi nje ukusondelana nabantu bakaNkulunkulu. Nxa izidingo zabanye zingasakuhluphi wena uqala ngokuthi ube nolaka. Uma ngabe awukwazi ukummela uKrestu, usaba ukuhlekwa ngenxa yokholo lwakho usekuhluphekeni. Uma ngabe ukhathazwa yisikhundla sakho kodwa awundaba nesimilo sakho bhasobha ilambu elibomvu liyakhanya. Uma ungathandi ukuthandaza, futhiusunezinsuku wagcina ukufunda iZwi leNkosi, umphefumulo wakho usengozini enkulu. Uma ngabe amaKrestu angabangani bakho bayakuhlupha uma beloku bekhuluma ngamazwi okukholwa zibone ukuthi ususengozini. Uma uzibona ulungile kungekho sono, yazi ukuthi uphika ukholo. Isiphelo sakho sizokuba simbi kakhulu ngaphezu kwakuqala ungakamazi uKrestu. Ngabe uyazibona lezizifo?

Umphumela

Thola nankoke umphumela wokuhlubuka. Miningi akakhulu imphumela. Umhlubuki uyaphelelwa ngamandla okuthandaza. Azizwe ngathi uphele lwa ngamandla. Ayeke ukuthandaza, ngaphandle kokuthi uma kubongelwa ukudla. Isono siyakuhlukanisa nobudlelwano buka Nkulunkulu. Inkosi iyathembisa ukuthi labo abahlubukayo zona izindlela zabo zizobalungisa. Lapho ngishokomubi, ukulunga kolungileyo akuyukumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe. Hezekeli 33:12-18. Qaphela lamademoni uJesu awakhipha kuwe ukuthi angabuyi esehamba namanye ayisikhombisa aze akulimaze (Luka 11:21-26). Uma simphika Yena, Naye uzakusiphika. UNkulunkulu angeke aniphumelelise uma nimshiya. (2 IziKorinte 24:20).

Konje singalahlekelwa yini uma sihlubuka? Silahlekelwa injabulo nonembeza omuhle, nokuthula okudlula ukuqonda kwethu, nethemba elisihlambululayo. Asinakulindelwa ezulwini. Kodwa, isandla solaka lukaNkulunkulu siphezu kwethu. Kuze kube ngcono ukuba ngabe asizange silazi iqiniso, kuno kuba silazi, bese sihlubuka kulo. UMoya oyiNgcwele siyawucima ezimpilweni zethu size singabe sisaba nomthokozisi ohlala kithi. Silahlekelwa yiZulu, nobunye bothando lwamaKrestu, nentokozo yokubonana noJesu.

Abahlubuki bayophonswa esihogweni kanye nabo bonke abangabaqamba amanga nabaphulibemithetho. Uma singahlali, amagama ethu ayakususwa encwadini yeWundlu lokuphila. IsiHogo kuphela esizolinda thina. Siyohlukaniswa noNkulunkulu nakuphila okuhgunaphakade. Ngabe ukuhlubuka kuhle ngaphezu kwalolubizo?

Iyeza

Cingisisa ngeyeza labahlubuki. Linye kuphela iyeza ukudabuka okuya ngokuphenduka ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezi sole umuntu ngakho. Ukuvuma obala kuNkulunkulu kungenza ukuthi asinde loyo ogulayo emoyeni. Ayikho into engathatha indawo yesivumo, kanye nokuphenduka, nenhliziyo ebongayo zonke lezozinto zenziwa ukucabanga okuphuma enhliziyweni enhle ehlala njalo icabanga ukuthi ingakuvikela kanjani ukuhlubuka enkonzweni. Kanti ukwamukelwa ukuxolelwa nguKrestu kwenza kuthi nalowo obesecabanga ukuhlubuka abuye.

Ukuthandaza nokuzila izono, kunosizo oluKhulu lokuthi umuntu azilahle izindlela zakhe ezimbi. Ukuzibuyisela nokuxolisa kufanele impela, kodwa uma kungenzeki izono zakho ziyohlala zingaxolelwa. Ukucela imithandazo yabanye abazalwane kungumthetho. Ukuqondisisa kahle ngobubi besono nokuzonda ububi obenziwa ngusathane kulungile ngoba kwenza kube khona ukuhenduka kweqiniso. Ukuba nombono engqondweni, owenza neNkosi ibe nosizi ngabantu bayo kuyasisiza ukuba singaphinde sehluleke. Ake ucabange nje ngo Jesu neziNgelosi zakhe bejabula bebona isoni esesihlubukile sibuye ia ekhaya.

Inkohliso yokuzethemba, umsebenzi, nodumo, nezikhundla kufuneka kubonakale kahle. Umhlubuki, ufana nomfana wolahleko, owazibona ukuthi aka safanele ukuba yindodana. Kodwa wafisa ukuthi asebenze njengo mqashwa. Kufanele azibone izono zakhe nokwephula kwakhe umthetho wasekhaya, nokaYise onothando.Yizo ezizinto ezazikumfana wolableko ngesikhathi esecabanga ukubuyela ekhaya. Wayedla ukudla kwezingulube; kodwa manje usedla ithole elikhuluphalisiweyo. Wayesengcolile emanikiniki; kodwa manje usembathiswe ingubo enhle kunazo zonke. Wayelahliwe; kodwa manje usebuyele uyamukelwe ekhaya njengendodana. Ake uzivume nawe izono zakhe ukuze iNkosi ikuxolele?

Isiphetho

"Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge UJehova uzakuba hambisa kanye nabenza okubi" (Amahubo 125:5). Abekho aba funa ukubuyela endleleni yokulunga (AmaHebheru 6:4-6; 10:39).

"Yimani ezindleleni nibone, nibuze imikhondo ya endulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu" (Jeremiya 6:16). "Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwako, ngibathande, ngesihle, ngokuba intukuthelo yami ibuyile kubo." (Hoseya 14:4). Uthi uNkulunkulu, "Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini" (Malakhi 3:7).

UPetro wamtshela uSimoni owayeyisanusi wathi, "Phenduka kulobububi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ingakuthethela yini izizindlo zenhliziyo yakho; ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasekuboshweni kokubi." (Izenzo 8:22-23). "UNkulunkulu uthembekile ulungile ukuba asithethelele kukho konke ukungalungi, asihlambulule kukho konke ukungalungi." (1 Johane 1:9)

No comments: