Tuesday, April 29, 2008

IBANDLA EBHAYIBHELINI UMA UFUNA ULWAZI BHEKA:

0082 - Zulu

IBANDLA LIKAKRESTU ELITHUNYIWEYO

1. Lisho ukuthini igama elithi "ibandla" njengoba lisetshenziswa eBhayibhelini?

A. Njengegama lesi Greek elithi "ekklesia" esithola kulo leligama lesiNgisi elithi "church" elisho ukuthi "UMBUTHANO OBIZIWE."

B. Lisetshenziswa ngendlela ejwayelekile esho noma imuphi umbuthano obizelwe injongo ethize. Lokhu kubhaliwe encwadini ye (Izenzo 19:23-41). Iekk;esia isetshenziswa kathathu evesini ka 32. "Abanye bakhalela umbuthano odidekile. Bakhalela into yinye. Lapha lesisho sisho umbuthalela into yinye. Lapha lesisho sisho umbuthano odidekile. Bakhalela into yinye. Lapha lesisho siso umbuth ano waba kandi besiliva kanye nabanye abenza umsebenzi ofanayo. Bheka evesini ka 25. Ubheke futhi nasevesini ka 39. "Kepha uma utho lwezine izindaba kunqanyulwa ibandleni elimisiweyo" (Noma umbuthano obiziweyo). Laphalisho inkantolo yomthetho wamaGreek.

Okwesithathu litholakala evesini ka 41. "Eseshilo lokho wamukisa ibandla." Lokhu umbuthano ofanayo nevesi ka 32. Ukusetshenziswa futhi kwalesisisho kuyatholakala evesini ka 32 encwadini yeZenzo 7:38, "Nguye lona owayekhona ebandleni ehlane neNgelosi eyayishumayela naye entabeni yase Sinayi kanye nokhokho bethu. Laphake kuchaza abantwana bakwaIsrayeli, bebizwa uNkulunkulu ezweni laseGibhithe."

C. UJesu usebenzisa lesisiho asisebenzisa enhlanganweni ethize, okukanye umbuthano, ebabiza ngokuthi (UMBUTHANO WAKHE OBIZIWE) Noma "Ibandla" lami, lokhusikuthola encwadini ka Mathewu 16:18 "Ngiyakulakha ibandla lami phezu kwalelidwala." Wayengasho njengokusobala, athi "Ngizobiza umbuthano wami."

2. Obani amalungu ebandle eBhayibhelini?

Bonke abantu abasindisiwe. Usindiso kanye bamalungumebandla kuyinto efanayo eBhayibhelini. Lokhu kutholakala kuyiqiniso uma ufunda ibcwadi ye (Izenzo 2:47). Bemdumisa uNkulunkulu bethandeka kubantu bonke iNkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo. Itekisi ithi babesindiswa zonke izinsuku ngakhoke uNkulunkulu wayebazuza.

3. Obani ababe ngamalungu okuqala eBhayibhelini?

A. Impendulo yinye nje kuphela yokuthi "Ilabo bantu abasindiswa kuqala." Incwadi yeZenzo isahluko sesibili sitshelwa ngabantu emhlabeni abasindiswa ngegazi likaJesu ezonweni zabo (Izenzo 2:14-47). Yilapho-ke uKrestu aqala "ukubiza" umbuthano wakhe owawungabantu abayizinkulungwane ezintathu (3000). Labobantu babizwa uKrestu ngezwi elalishunyayelwa ngabaPhostoli. Laba-ke ababizwayo kwaku "umbuthano wakhe." Ngomqondo ophelele, ngoba betholwe ngegazi lakhe elalikade lichitekile ngezinsukwana ezimbalwa ezadlulayo. Ngeqiniso nje elimsulwa akakhonoyedwa owaye ngase asindiswe ngaphambili nga phandle kwegazi likaJesu, ngoba intengo yenani elikhulu yayingakanikezwa kwaze kwabasentabeni yaseKhalvari lapho igazi likaJesu lachitheka khona.

B. Lombuzo uphendulwa ngengqondo. Yini noma eyenza ibandla uJesu alithembisayo?

Impendulo: Amakholwa.

Yini lokho okwenza amakholwa?

Impendulo: Ilizwi likaNkulunkulu. "Anginamahloni ngeVangeli lingamandla kaNkulunkulu okusindisa." 1 AbaseKorinte 15:2. "Kepha bazalwane ngiyanikhumbuza iVangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo."

C. Yimaphi amaqiniso alelizwi asindisa umphefumulo nona ezindaba ezimnandi na?

Impendulo: Ukufa, Umngcwabo, nokuvuka kukaJesu. Abase 1 Korinthe

15:3,4; "Ngokuka nganinika ekuqaleni lokho engakwamukelayo nami ukuthi uKrestu wafa ngenxa yezenzo zethu. Njengokwemibhalo ngokukuthi wambelwa wabuye wavuka ngosuku lwesithathi njengokwemibhalo."

D. Ashunyayelwa nini lamaqiniso na?

Impendulo: Ngelanga lePentekoste eJerusalema emva kwezinsuku ezingamashumi ayishumi ayishihlanu (after 50 days). Funda Izenzo 2.

E. Benzenjani laba abayizinkungwane ezintathu abalalela leliswi?

Impendulo: Babangamakholwa okuqala emhlabeni.

F. Akhani amakholwa njengombuthani na?

Impendulo: Akha ibandla uJesu alithembisayo (kuMathewu 16:18).

4. Yini eyadinga ukusindiswa noma ubulunga eBhayibhelini na?

A. Babezwa izwi leNkosi. (Izenzo 2:14-47). "Bathi ukuzwa loku ..."

B. Bakholwa izwi neNkosi (Izenzo 2:37b). "Bathi ukuzwa lokhu bahlabeka ezinhliziyweni zabo."

C. Batshelwa ukuthi baphenduke ezonweni zabo. (Izenzo 2:38a). "Ukuphenduka".

D. Bonke abakholwayo bavuma ukholo. (KwabaseRoma 10:9,10). "Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube-ngukusindiswa."

E. Batshelwa ukuba babhapadiswe ukuze izono zabo zixolelwe khona bezokwamukela isipho sikaMoya Oyingcwele. "UPetru wayesethi: Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaYesuKrestu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa lisiphiwo sikaMoya oNgcwele." Izenzo 2:38.

F. Ngokuhlonipha kwase kuqaliwe basindiswa bonke,benza umbuthano obiziwe noma ibandla uJesu alithembisayo (kuMathewu 16:18).

5. Zinyathelo zini ibandla elazithathayo emva kokuqala kwalo.

Ngenxa yokuhlushwa ibandla eJerusalema nasezindaweni eziningi embusweni wamaRomani, kodwa "Bahamba yonke indawo beshumayelwa izwi" (Izenzo 8:1-4). Izinhlangano zenkolo zakheka emazweni amningi wmbusweni wamaRoma, lokhu kwaphumeleliiswa intshumayelo kampostoli uPawulu nabanye. Indaba yalempumelelo iyatholakala encwadi yeZenzo 8:4.

6. Ngubani inhloko yebandla eBhayibhelini na?

Impendulo: UKrestu Inhloko yebandla kuwo wonke umHlaba, Abase-Efesu 1:22,23, Kuthiwa "Wakuhlela konke phansi kwezinyawo zakhe yena wamenza inhloko phezu kwakho konke ebandlenine lingumzimba wakhe. Ekugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke." UKrestu wanikwa onke "amandla" (Mathewu 28:18). Yena Uyinhloko yomzimba ngisho ibandla engukuqala izibulo kwabafileyo ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke. AbaseKolose 1:18.

7. Obani iziphathimandla zebandla eBhayibhelini na?

A. Ekuqaleni zazinhlani iziphathimandla: abaPostoli, abaProfethi, abaVangeli, namaDikoni, kanye nabaFundisi. Bheka Vafilipiya 1:1, sesishilo ngesiphathimandla seDikoni. 1 Timothewu 3:3-13.

B. Iziphathimandla ezimbili zokuqala abaPostoli naba Profethi bonka-ke bebezophatha isikhashana. Kwathi sebeqedile umsebenzi wabo bayekwa likho kubhalwe encwadini elandelayo. Ukugcotshwa kweziphathimandla (Izenzo 1:22-23; Luka 6:13). AbaProfethi, (1 Korinte 14:29-33; Efesu 4:11).

C. Ezinye iziphathimandla ezintzthu abaVangeli, abaBonisi, namaDikoni, Yibonke abanikwa indawo ebandleni eliseBhayibhelini kuze kube namuhla. Yibonke laba uNkulunkulu abanika amandla okushumayela ebandleni. UJehova akakishiyanga nje ibandla lakhe ukuba umuntu alishumayeze ngokuhlakanipha kwakhe, kodwa ngasosonke isikhathi uyazihola izisebenzi zakhe ukuze zishumayele ngamandla avela kuye, 2 Timothewu 3:16-17. Beheka lesisisho esithi "uMbhishobhi" kanye nesithi UMbonisi lokho kusho isikhundla esisodwa. Bheka kuTiti 1:507 and Izenzo 20:17-18. Bheka futhi imsebenzi womfundisi owawenziwa ebandleni lokuqala.

8. Ibandla libusa ngayiphi indlela eBhayibhelini na?

Uzibuse webandla wakhelwa phezu kwebandla lonke. Kodwa libuswa ngaDala (Ababonisi) ukuze kuvimbeleke iziphithiphithi ohlelweni lokwenza beholwa uJesu Krestu okunguyena inhloko yebandla. Funda ngokunakekela (Izenzo 6:1-6; 13:1-13; 1 Korinte 5:4-5; 2 Korinte 8:19; Izenzo 11:30; 20:17; 21:17-18).

9. Likhonza kanjani ibandla elizeBharibhelini na?

Ngokuqhubeka ngesinke, "Emfundisweni yabaPostoli yobudlelwano ngokuhlephula isinka, nokuthandaza, Izenzo 2:42. Ngokukhuluma komunye nangezillabelelo nangamaHubo oMoya behuba kamnandi ezinhliziyweni zabo kuJehova, Efesu 5:19; Kolose 3:16; Izenzo 20:7; Heberu 10:25.

10. Kuthiwani ngobunye bebandla eBhayibhelini na?

Linye kuphela ibandla njengoba kuchaziwe eTestamenteni Entsha. Ubunye balo bungafunyaniswa kulamazwi alandelayo:

Laziwa njengoMzimba - Efesu 1:22-23; 1 Korinte 12:13.

Laziwa njenfoMhlambi - Johane 10:16.

Libizwa njengombuso - Mathewi 16:19.

Libizwa ngokuthi indlela inye - Izenzp 9:2.

Libizwa ngokuthi indlu kaJehova - 1 Korinte 3:9.

Libizwa ngokuthi indlu engcwele - 1 Petro 2:5.

Libizwa ngokuthi iBandla Lami - Mathewu 16:18.

11. Magama mani anikwa abantu nebandla?

A. Amakholwa ayenikwa amagama ahlukene ngamunye lilinye lichaza ethile. Nanka amanye: Abafundi - Izenzo 11:26.

B. Kwakukhona amagama amaningi futhi ayenikwa umbuthano noma iBandla. Nanka amanye IBANDLA, Izenzo 9:31. Ibandla likaNkunlunkulu, Heberu 12:23. Amabandla kaKrestu, Roma 16:16. Amabandla abangcwele, 1 Korinte 14:33. Qaphela. Onke lamagama ayenikezwa linguMoya Oyingcwele, Ngako-ke labo abamkhonzayo uJehova banikezelwa lamagama anikeziwe ebantseini abayibandla likaNkulunkulu.

12. Yini inkolo yebandla eliseBhayibhelini na?

Njengoba igama elithi "ekklesia" lisho "ababiziweyo" njengoba lenkolo iphathelene nosindiso, Inkolo yeTestamente Elisha ayitholwangwa ngamazwi nje kodwa ngoJesu Krestu, Roma 16:16. Ngoba alikho elinye iGama elinikiwe phansi kwezulu nomhlana ngaphandle kweGama likaJesuu lodwa, Izenzo 4:12. Ngoba ubani ofuna usindiso wayetshelwa ukuthi angalutho lukaJesu, Izenzo 16:30. Itshelwe futhi nokuthi kufuneka enzeni ukuze asindiswe, Izenzo 2:38; Izenzo 9:6-22; Roma 6:1-4.

13. Iziphi izikhumbuzo ezazigcinwa libandla eBhayibhelini na?

A. Usuku lokuqala lweviki lelilanga labekwa uKrestu ekuvikeni kwakhe, Luka 24:1-2; Johane 20:26. Lapho ibandla lahlangana lisumiso iNkosi eGameni likaJesu, Izenzo 20:7; Isambo 1:10; Izenzo 2:42. Ilanga lePentekoste laba ngelanga lokuqala evekini.

B. Itafula leNkosi. Lomhlangano waqanjwa nguJesu, Luka 22:19; ukuba bonke abantwana bakhe bahlangana ngalolusuku, 1 Korinte 10:17; kumenyezelwa ukufa kukaJesu, 1 Korinte 11:26; ngokuqinisa impilo emakholweni.

14. Mithetho mini okuhanjwa ngayo eBhayibhelini na?

Umthetho leldwa weNkolo nokwenza watholwa ubhalwe ngamagama eTestamenteni eLisha ayenikwa ngoMoya Oyingcwele kubaPostoli. IBandla lalibuswa ngamazwi kaNkulunkulu asiholela kuyo yonke imisebenzi yokulunga, 2 Timothewu 3:16-17; 2 Petro 1:3; Iziqondiso zikaNkulunkulu zokuphathwa kwebandla zapheliswa kwagcina.

15. Lalinikela kanjani ibandla eBhayibhelini na?

Ngokweshumi nokweminikelo yabantwana bakaNkulunkulu.

A. Ngokweshumi uNkulunkulu usekela ngakho umsebenzi wakhe. 1 Korinte 13:14. - "Anazi yini ukuthi babkhonzayo ngemisebenzi engcwele badla okwetempeli nokuthi abakh0nza ealtare bahlanganyela nealtare na? Loko kukhuluma ngaPristi eTestamente Elidala ababesebenza eTempelini ngaphambi kweAltare, uPawuli uthi banenxenye yabo ngomsebenzi wabo. Leyonxenye ngeyayinikwe bona ngabantu, Okweshumi, naminikelo. Manje uPawuli ushumayela lentshumayelo kubaFundisi abashumayela izwi, bese ethi: "Kumjalo (noma ngendelela efanayo) UJehova (noma wenza umthetho) wokuthi lowo oselifumene iswi aphile ngalo.

B. UMalaki uyabayala ngengozi yokukhohlisa uNkulunkulu, Malaki 3:8-10; UJesu utusa okweshumi, Mathewu 23:23.

C. UJesu washumayela ngeTestamente Elidala ngokukhulu ukukhuthala eliphakamisa. Akazange aze alilulaze, Mathewu 5:20-22; 27-28; 43-44. Ngakho-ke okweshumi kufanele.

16. Kwakuyini injongo yebandla eBhayibhelini na?

A. Kwaku ukushumayela ivangeli. Marku 16:15; Izenzo 8:4. Lokhu kwakwenziwa ngabaVangeli behamba ngamunye behamba beshumayela, Izenzo 20:20; 5:42; 12:15.

B. Ukwenza abafundi. Mathewu 28:19a. Ukuhamba uhlangana nowesilisa noma nowesifazane ubashumayeze ivangeli ngokuvuma kwabo ubenze "abafundi bakaJesu."

C. Ukubhabhatiza labo ababezofuna usindiso, eGameni loMsindisi uJesu. Izenzo 5:20; Mathewu 29:20.

E. Lababantu bahlangana ndawonye baba libandla bakhuthlala bethembeka beziphethe kahle, bezondla, bandisa iBandla. 2 Timothewu 2:2; Izenzo 13:14.

No comments: