Saturday, May 3, 2008

NGIMELWE UKWENZANI UKUSA NGISINDISWE NA?

1801 - ZULU

Arranged in the Very Words of Inspired Men

1. KHOLWA yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendly yakho (Izenzo 16:30,31). Kepha_ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthii ungumvuzi walabo abamfunayo (KumaHeberu 11:6). Kepha ongakholwayo uyakulahlwa (NgokukaMarku 16:16). Ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu. (NgokukaJohane 8:24) Kanj alo_ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho (EkaJakobe 2:17).
2. PHENDUKANI ... egameni (Izenzo 2:38). Kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke (NgokukaLuka 13:3,5). UNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke (Izenzo 17:30). Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni (Izenzo 1 1:18).
3. NGOMLOMO uyavuma kube_ngukusindiswa (KwabaseRoma 10:10). Ngokuba utna uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho u.kuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa (KwabaseRoma 10:9). Kepa lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika. phambi kukaBaba osezulwini (NgokukaMathewu 10:32). Wena unguKristu (NgokukaMathewu 16:16). Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu (Izenzo 8:37).
4. Okungukutlu ngombhapathizo (I KaPetn,i 3:21 ). Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa (NgokukaMarku 16:16). Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angene embusweni kaNkulunkulu (NgokukaJohane 3:5). Wasisindisa kungengamisebenzi uokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe_basha ngoMoya oNgcwele (Ku'Thithu 3:5).Yilowo nalowo abhapathizwe egameni lika Jesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu (Izenzo 2:38). Ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka rgameni lakhe (Izenzo 22:16). Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu (KwabaseGalathiya 3:27). Sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na (KwabaseRoma 6:3). Uyisidal esisha; okwakuqala kudlulile (II KwabaseKorinte 5:17).
5. SIHAMBE NGOKUQONDA, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulrsisikhathi samanje, sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle (KuThithu 2:12_14).
NIBAMBELELA EZIFLJNDISWENI, njengokuba naninika zona (I KwabaseKorinte 11:2).
UMUSA WENKOSI yethu uJesu Kristu mawube_nani nonke. Amen (Isambulo 22:21).
Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango (Isambulo 22:14).

No comments: