Saturday, May 3, 2008

2869 - Zulu

Ngingakwazi Kanjani?

Izenzo 8:26-40

26. Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: "Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane."
27. Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopia, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;
28. Ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.
29. Umoya wathi kuFiliphu: "Sondela, unamathele kuleyo nqola."
30. Ufiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifundaumprofethi u-Isaya, wathi: "Uyakuqonda kambe lokhuokufundayo na?"
31. Yona yathi: "Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?" Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.
32. Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: "Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.
33. Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanga ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa embhlabeni."
34. Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: "Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?"
35. Ufiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.
36. Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: "Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?"
37. Ufiliphu wathi kuye: "Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa." Waphendula wathi: "Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu."
38. Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.
39. Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.
40. Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

No comments: